Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 53 k. 130-k. 131 isig. 7
  • Umbusi Okwazi Ukulawula Imvelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umbusi Okwazi Ukulawula Imvelo
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umbusi Ofiswayo Ongaphezu Komuntu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Umbusi Ofiswayo Ongaphezu Komuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu Uyakwazi Ukusivikela
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Uhamba Phezu Kwamanzi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 53 k. 130-k. 131 isig. 7
Njengoba uPetru ehamba phezu kwamanzi, uqala ukucwila; uJesu welula isandla sakhe ambambe

ISAHLUKO 53

Umbusi Okwazi Ukulawula Imvelo

MATHEWU 14:22-36 MARKU 6:45-56 JOHANE 6:14-25

  • ABANTU BAFUNA UKUBEKA UJESU ABE YINKOSI

  • UJESU UHAMBA PHEZU KWAMANZI, UTHULISA UMOYA

Ukukwazi kukaJesu ukusuthisa izinkulungwane ngokuyisimangaliso kube negalelo elikhulu kubantu. Baphetha ngokuthi ngempela “lo ungumProfethi owayezofika ezweni,” uMesiya, nokuthi nakanjani angaba umbusi omuhle kakhulu. (Johane 6:14; Duteronomi 18:18) Ngakho abantu baceba ukubamba uJesu bamenze inkosi.

Nokho, uJesu uyabona ukuthi yini abantu abayicabangayo. Utshela izixuku ukuba zihambe, bese eyala abafundi bakhe ukuba babuyele esikebheni. Baya kuphi? Baya ngaseBetsayida bese bedlulela eKapernawume. UJesu yena ukhuphukela entabeni ayothandaza eyedwa ngalobo busuku.

Njengoba kukhanya inyanga entathakusa, uJesu uyasibona isikebhe sesibuqamama. Umoya onamandla ubangela amagagasi amakhulu olwandle futhi abaphostoli bagwedla kanzima ‘ngoba baphambana nomoya.’ (Marku 6:48) UJesu uyehla entabeni bese eqala ukuhamba phezu kwamagagasi aye kubo. Manje “sebegwedle cishe amakhilomitha ayisihlanu noma ayisithupha.” (Johane 6:19) Abafundi bayambona uJesu njengoba enza sengathi uyadlula, bayamemeza bethukile bathi: “Umbono!”—Marku 6:49.

UJesu ubaqinisa idolo athi: “Yibani nesibindi! Yimina; ningesabi.” Kodwa uPetru uthi: “Nkosi, uma kunguwe, ngiyale ukuba ngize kuwe ngihambe phezu kwamanzi.” UJesu uyaphendula uthi: “Woza!” Ngakho uPetru uyaphuma esikebheni ahambe phezu kwamanzi aye kuJesu. Kodwa lapho ebheka isivunguvungu, uPetru uyethuka bese eqala ukucwila. Uyamemeza athi: “Nkosi, ngisindise!” Elula isandla sakhe, uJesu ubamba uPetru athi: “Wena onokholo oluncane, kungani uhlulwe ukungabaza?”—Mathewu 14:27-31.

UPetru noJesu bagibela esikebheni bese umoya uyanqamuka. Abafundi bayamangala kodwa ingabe kufanele? Ukube bebeyiqondile “incazelo yesimangaliso sezinkwa,” isimangaliso uJesu asenze emahoreni ambalwa edlule, lapho esuthisa izinkulungwane, bekungafanele kubamangaze ukuthi angahamba phezu kwamanzi athulise nomoya. Manje bayamkhothamela bathi: “Ngempela wena uyiNdodana kaNkulunkulu.”—Marku 6:52; Mathewu 14:33.

Ngokushesha bafika emathafeni amahle avundile aseGenesaretha, eningizimu yeKapernawume. Behlisa ihange lesikebhe bese bephumela ogwini. Abantu bayambona uJesu bese bona nabanye abantu bendawo bemlethela abantu abagulayo. Lapho nje labo abagulayo bethinta umphetho wengubo kaJesu yangaphandle, bayelapheka.

Phakathi naleso sikhathi, isixuku esibone uJesu esuthisa izinkulungwane ngokuyisimangaliso siyaqaphela ukuthi usehambile. Lapho kufika izikebhe ezincane ezivela eThibheriya, abantu bayagibela baye eKapernawume bayofuna uJesu. Lapho bemthola bayabuza bathi: “Rabi, ufike nini lapha?” (Johane 6:25) UJesu uyabasola kube kufanele, njengoba sizobona.

  • Ngemva kokuba uJesu ephe izinkulungwane ukudla, yini abantu abafuna ukuyenza kuye?

  • Kungani kungafanele kubamangaze abafundi ukuthi uJesu ukwazi ukuhamba phezu kwamanzi athulise nomoya?

  • Kwenzekani lapho uJesu efika ogwini oluseduze kwaseKapernawume?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela