ISAHLUKO 6
Izinceku Ezikhonzayo Zenza Inkonzo Ebalulekile
UMPHOSTOLI UPAWULU wabhalela ibandla laseFilipi: “UPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele abaseFilipi abamunye noKristu Jesu, kanye nababonisi nezinceku ezikhonzayo.” (Fil. 1:1) Phawula ukuthi wabingelela izinceku ezikhonzayo. Ngokusobala la madoda ayefeza indima ebalulekile ekusizeni abadala ebandleni ngaleso sikhathi. Kusenjalo nanamuhla. Izinceku ezikhonzayo zenza izinkonzo ezisiza ababonisi nezinomthelela ekuhlelekeni okuhle kwebandla.
2 Uyazazi izinceku ezikhonzayo zasebandleni lakini? Uyayazi imisebenzi eziyenzayo ukuze kuzuze wena nalo lonke ibandla? UJehova uyayazisa ngempela imizamo yala madoda. UPawulu wabhala: “Amadoda akhonza ngendlela enhle azizuzela ukuma okuhle nenkululeko enkulu yokukhuluma okholweni olumayelana noKristu Jesu.”—1 Thim. 3:13.
IZIMFUNEKO EZINGOKOMBHALO ZEZINCEKU EZIKHONZAYO
3 Kulindeleke ukuba izinceku ezikhonzayo ziphile ukuphila kobuKristu okuhlanzekile, zibe amadoda anokwethenjelwa futhi zenze izabelo zazo ngendlela efanele. Lokhu kuba sobala lapho sicabanga ngalokho uPawulu akusho ngezimfanelo zazo encwadini ayibhalela uThimothewu: “Izinceku ezikhonzayo ngokufanayo kufanele zingathathi izinto kalula, zingabi ngamaphixiphixi, zingazinikeli ewayinini eliningi, zingahaheli inzuzo yokungathembeki, ziphathe imfihlo engcwele yokholo ngonembeza ohlanzekile. Futhi, mazivivinywe kuqala ukuthi ziyafaneleka yini, khona-ke zingakhonza njengezikhonzi, lokhu zingenakubekwa cala. Izinceku ezikhonzayo mazibe amadoda amfazi munye, engamela abantwana nemikhaya yawo ngendlela enhle.” (1 Thim. 3:8-10, 12) Ukubambelela endinganisweni ephakeme ebekelwe izinceku ezikhonzayo kuvikela ibandla kunoma ubani ongakhalaza ngohlobo lwamadoda aphathiswe imithwalo yemfanelo ekhethekile.
4 Kungakhathaliseki ukuthi izinceku ezikhonzayo zisencane noma sezikhulile, zikhuthele enkonzweni inyanga ngayinye. Zilingisa uJesu ngokubonisa intshiseko enkonzweni. Ngaleyo ntshiseko, zibonakalisa isifiso sikaJehova sokuba isintu sisindiswe.—Isaya 9:7.
5 Amadoda akhonza njengezinceku ezikhonzayo ayizibonelo nasekugqokeni, ekuzilungiseni, ekukhulumeni, ngesimo sengqondo nangokuziphatha. Ahluzekile engqondweni, okwenza abanye bawahloniphe. Ngaphezu kwalokho, awabuthathi kalula ubuhlobo bawo noJehova namalungelo awo enkonzo ebandleni.—Thithu 2:2, 6-8.
6 La madoda aye ‘avivinywa ukuthi ayafaneleka yini.’ Ngisho nangaphambi kokumiswa kwawo, asuke esezibonisile ukuthi angamadoda azinikele ngempela. Asuke esebonisile ukuthi abeka uMbuso kuqala ekuphileni kwawo futhi azama ukufinyelela noma yimaphi amalungelo enkonzo angase awavulekele. Ngempela ayizibonelo zokulingiswa abanye ebandleni.—1 Thim. 3:10.
INDLELA EZIKHONZA NGAYO
7 Izinceku ezikhonzayo zenzela abafowabo nodadewabo imisebenzi ehlukahlukene ewusizo, ngokwenza kanjalo zikhulula ababonisi ukuba bachithe isikhathi esengeziwe benakekela imithwalo yemfanelo yokufundisa nokwalusa. Lapho indikimba yabadala yabela izinceku ezikhonzayo izabelo, icabangela amakhono azo nezidingo zebandla.
Izinceku ezikhonzayo zenza imisebenzi ehlukahlukene ewusizo, ngokwenza kanjalo zikhulula ababonisi ukuba bachithe isikhathi esengeziwe benakekela imithwalo yemfanelo yokufundisa nokwalusa
8 Cabanga ngeminye yemisebenzi eziyenzayo: Enye inceku ekhonzayo ingase yabelwe ukuphatha izincwadi ukuze sizithole lapho sifuna ukuzifunda noma ukuzisebenzisa ensimini. Ezinye zabelwa ukugcina amarekhodi ezimali zebandla noma ensimu. Ezinye zabelwa ukuhambisa imibhobho, ukusebenza emshinini we-sound, ukuba abalindi nokusiza abadala ngezinye izindlela. Kunomsebenzi omkhulu odinga ukwenziwa ekunakekeleni iHholo LoMbuso nokuligcina licocekile, ngakho kuvamile ukuba izinceku ezikhonzayo zicelwe ukuba zisize ekwenzeni le misebenzi.
9 Kwamanye amabandla inceku ekhonzayo eyodwa ingase yabelwe owodwa kule misebenzi. Kwamanye, inceku ekhonzayo eyodwa ingase inakekele izabelo eziningana. Kwezinye izimo, izinceku ezikhonzayo ezingaphezu kweyodwa zingase zinakekele umsebenzi othile. Uma izinceku ezikhonzayo zingenele ukuba zinakekele eminye yale mithwalo yemfanelo, indikimba yabadala ingase ihlele ukuba abanye abazalwane ababhapathiziwe abayizibonelo benze le misebenzi edingekayo. Ngaleyo ndlela, bathola ulwazi oluyoba usizo kamuva lapho sebefanelekela ukumiswa njengezinceku ezikhonzayo. Uma abazalwane bengatholakali, udade oyisibonelo angacelwa ukuba asize kwezinye izinto, nakuba empeleni engeke amiswe njengenceku ekhonzayo. Umuntu oyisibonelo ngumuntu okuziphatha kwakhe nokukhulekela kwakhe kubhekwa njengokufanelekela ukulingiswa. Ukuba khona kwakhe emihlanganweni, ukuhlanganyela kwakhe ensimini, ukuphila komkhaya wakhe, izinto akhetha ukuzilibazisa ngazo, ukugqoka nokuzilungisa kwakhe nokunye, konke kuyisibonelo esihle kwabanye.
10 Emabandleni anabadala abambalwa kakhulu, izinceku ezikhonzayo ezifanelekayo zingase zicelwe ukuba zibukeze nabantu imibuzo yobhapathizo ephathelene nezimfundiso. Le mibuzo itholakala eSithasiselweni “Ingxenye 1: Izinkolelo ZobuKristu.” Njengoba “Ingxenye 2: Ukuphila KobuKristu” ihilela izindaba ezibucayi zomuntu siqu, ngumdala okufanele asingathe le ngxenye.
11 Uma kunesizathu esizwakalayo, indikimba yabadala ingase ibone kuyinzuzo ukuba ngezikhathi ezithile ishintshe ezinye zezabelo zezinceku ezikhonzayo. Kepha kuzuzisa kakhulu ukuba abazalwane benze izabelo ezifanayo isikhathi esithile ukuze bathole ulwazi nekhono.
12 Kungase kube neminye imisebenzi engabelwa izinceku ezikhonzayo ezintuthuko yazo ‘ibonakala kubo bonke abantu,’ kuye ngezimo zebandla. (1 Thim. 4:15) Uma abadala bengenele, inceku ekhonzayo ingase yabelwe ukuba ibe umsizi wombonisi weqembu, noma kwezinye izimo, ibe inceku yeqembu, isebenze ngaphansi kokuqondisa kwabadala. Izinceku ezikhonzayo zingase zabelwe izinkulumo ezithile eMhlanganweni Wokuphila Nenkonzo, kuhlanganise nokuqhuba iSifundo SeBhayibheli Sebandla uma kudingeka nokubeka izinkulumo zeningi. Amanye amalungelo angase anikwe izinceku ezikhonzayo uma kunesidingo esithile futhi uma zihlangabezana nezimfuneko zaleso sabelo. (1 Pet. 4:10) Lapho izinceku ezikhonzayo zisiza abadala, kufanele zizinikele ngokuzithandela.
13 Nakuba umsebenzi wazo uhlukile kowabadala, akusho ukuthi awuyona ingxenye yenkonzo engcwele eya kuNkulunkulu futhi ubalulekile ukuze izinto zihambe ngokushelela ebandleni. Ngokuhamba kwesikhathi, uma izinceku ezikhonzayo ziyenza kahle imisebenzi yazo futhi sezifanelekela ukukhonza njengabelusi nabafundisi, zingase zituselwe ukukhonza njengabadala.
14 Uma ungumzalwane oweve eshumini nambili noma osanda kubhapathizwa, ingabe uyazama ukufinyelela ukuba inceku ekhonzayo? (1 Thim. 3:1) Njengoba bebaningi kangaka abantu abangena eqinisweni unyaka nonyaka, kudingeka amadoda angokomoya afanelekayo ukuba anakekele imithwalo yemfanelo yebandla. Ungazama ukufinyelela amalungelo enkonzo ngokuba uhlakulele isifiso sokusiza abanye. Enye indlela ongakwenza ngayo lokhu ukuzindla ngesibonelo sikaJesu. (Math. 20:28; Joh. 4:6, 7; 13:4, 5) Isifiso sakho sizokhula lapho uthola injabulo ebangelwa ukupha abanye. (IzE. 20:35) Ngakho-ke makuzisukele kuwe ukuba usizo kwabanye, ukusiza ekunakekeleni iHholo LoMbuso noma ukuvolontiyela isabelo somfundi eMhlanganweni Wokuphila Nenkonzo. Ukuzama ukufinyelela amalungelo enkonzo kuhlanganisa nokuthuthukisa izimfanelo ezingokomoya ngokuba nesimiso esihle sesifundo somuntu siqu. (IHu. 1:1, 2; Gal. 5:22, 23) Ngaphezu kwalokho, umzalwane ozama ukufinyelela amalungelo enkonzo uzibonakalisa enokwethenjelwa futhi eqotho lapho enikwe izabelo zebandla.—1 Kor. 4:2.
15 Izinceku ezikhonzayo zimiswa ngomoya ongcwele ukuze kuzuze ibandla. Bonke ebandleni bangabonisa ukwazisa abanakho ngomsebenzi onzima owenziwa izinceku ezikhonzayo ngokubambisana nazo njengoba zinakekela imisebenzi eziyabelwe. Ngokwenza kanjalo, bayobe bebonisa ukwazisa ngelungiselelo likaJehova lokugcina ibandla lihlelekile.—Gal. 6:10.