INGOMA 5
Imisebenzi KaNkulunkulu Emangalisayo
Uhlelo Oluprintiwe
1. Jehova wena uyangazi,
Ukulala nokuvuka kwami.
Uhlola ukuthambekela kwami,
Nokuphila kwami konke
uyakwazi.
Wangibona ngiseyihlule,
Wabona ngisho namathambo am’.
Akukho okwakufihliwe kuwe.
Maw’dunyiswe ngokuhlakanipha kwakho.
Ulwazi lwakho luyamangalisa;
Umphefum’ lo wami wazi kahle.
Noma bengingahaqwa ubumnyama,
Umoya wakh’ uyongikhulula.
Ngingacasha kuphi Jehova,
Ngizifihle ebusweni bakho?
Ngeke ngicashe ngisho naseShiyol’
Noma ebumnyameni noma olwandle.
(Bheka neHu. 66:3; 94:19; Jer. 17:10.)