-
Eksodusi 40:36IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
36 Lapho ifu likhuphuka lisuka etabernakele, ama-Israyeli ayeqhubeka nendlela phakathi nalo lonke uhambo lwawo. +
-
-
Numeri 2:9IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
9 “Bonke ababhaliswe emabuthweni ekamu lakwaJuda bangu-186 400. Kufanele basuke kuqala. +
-
-
Numeri 2:16, 17IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
16 “Bonke ababhaliswe emabuthweni ekamu lakwaRubeni bangu-151 450, kufanele babe abesibili ukusuka. +
17 “Lapho itende lokuhlangana lisuswa, + ikamu lamaLevi kufanele libe phakathi kwamanye amakamu.
“Kufanele bahambe ngendlela efanayo nabamise ngayo amatende, + yilowo nalowo endaweni yakhe, ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu.
-
-
Numeri 2:24IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
24 “Bonke ababhaliswe emabuthweni ekamu lakwa-Efrayimi bangu-108 100, kufanele babe abesithathu ukusuka. +
-
-
Numeri 2:31IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
31 “Bonke ababhaliswe ekamu lakwaDani bangu-157 600. Kufanele babe abokugcina ukusuka, + ngokwezigaba zabo zezizwe ezintathu.”
-