Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Eksodusi 17:9
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 9 UMose wathi kuJoshuwa: + “Sikhethele amadoda uphume uyolwa nama-Amaleki. Kusasa ngizokuma esiqongweni segquma, ngiphethe induku kaNkulunkulu weqiniso.”

  • Eksodusi 24:13
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 13 Ngakho uMose nesikhonzi sakhe uJoshuwa basuka, + uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu weqiniso. +

  • Eksodusi 33:11
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 11 UJehova wakhuluma noMose ubuso nobuso, + njengoba nje umuntu ekhuluma nomunye umuntu. Lapho ebuyela ekamu, uJoshuwa, + indodana kaNuni, umsizi wakhe, + wayengaphumi etendeni.

  • Numeri 27:18-20
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 18 Ngakho uJehova wathi kuMose: “Thatha uJoshuwa indodana kaNuni, indoda enomoya, ubeke isandla sakho kuye. + 19 Ngemva kwalokho ummise phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umbeke njengomholi phambi kwamehlo ayo. + 20 Kumele umnike elinye igunya* lakho, + ukuze yonke inhlangano yama-Israyeli imlalele. +

  • Duteronomi 31:3
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 3 UJehova uNkulunkulu wakho nguye owela phambi kwakho, yena uqobo uzoziqothula lezi zizwe phambi kwakho, wena uzixoshe. + UJoshuwa nguye ozokuhola akuwelise, + njengoba nje uJehova ekhulumile.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela