-
Eksodusi 17:5, 6IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
5 UJehova wathi kuMose: “Hamba phambi kwabantu, uthathe amanye amadoda amadala akwa-Israyeli kanye nenduku yakho owashaya ngayo uMfula iNayile. + Yiphathe ngesandla uqhubeke uhamba. 6 Ngizobe ngimi phambi kwakho laphaya edwaleni eHorebe. Kumele ushaye idwala, kuzophuma amanzi kulo, abantu bawaphuze.” + UMose wenza kanjalo phambi kwamadoda amadala akwa-Israyeli.
-
-
IHubo 78:15IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
15 Waqhekeza amadwala ehlane,
Wabaphuzisa baze baneliseka njengokungathi baphuza echibini elijulile. +
-