-
Daniyeli 4:34, 35IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
34 “Ekupheleni kwaleso sikhathi, + mina Nebukhadinezari, ngabheka phezulu emazulwini, ingqondo yami yasanguluka; ngamdumisa oPhezukonke, ngamdumisa ngamkhazimulisa Yena ophila kuze kube phakade, ngoba ubukhosi bakhe bungubukhosi baphakade nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane. + 35 Bonke abahlala emhlabeni babhekwa njengabangelutho, futhi wenza ngokwentando yakhe phakathi kwebutho lamazulu nakwabahlala emhlabeni. Akukho muntu ongamnqanda *+ noma ongathi kuye, ‘Yini le oyenzile?’ +
-