-
1 AmaKhosi 21:20, 21IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
20 U-Ahabi wathi ku-Eliya: “O sitha sami, + usuze wangithola!” Waphendula wathi: “Ngikutholile. ‘Ngenxa yokuthi uzimisele* ukwenza okubi emehlweni kaJehova, + 21 ngiletha inhlekelele phezu kwakho, ngizoshanelisisa ngemva kwakho ngiqede bonke abesilisa *+ ku-Ahabi, kanye nabantukazana kwa-Israyeli. +
-
-
2 AmaKhosi 10:10, 11IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
10 Ngakho yazini ukuthi akukho nelilodwa izwi likaJehova, uJehova alikhuluma ngokumelene nendlu ka-Ahabi elingeke ligcwaliseke, *+ uJehova ukwenzile lokho akukhuluma ngenceku yakhe u-Eliya.” + 11 Ngaphezu kwalokho, uJehu wabulala bonke ababesele bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, kanye nawo wonke amadoda akhe avelele nayejwayelene nabo nabapristi bakhe, + kwaze kwaba yilapho esebaqede bonke. +
-