19 Ilanga ngeke lisakukhanyisela emini,
Nenyanga ngeke isakukhanyisela,
Ngoba uJehova uyoba ngukukhanya kwakho kuze kube phakade, +
UNkulunkulu wakho uyoba udumo lwakho. +
20 Ilanga lakho ngeke lisashona,
Nenyanga yakho ngeke isanyamalala,
Ngoba uJehova uyoba ngukukhanya kwakho kuze kube phakade, +
Nezinsuku zakho zokulila ziyobe seziphelile. +