Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • IHubo 136:5
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    •  5 Wenza amazulu ngobuchule, *+

      Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.

  • IzAga 3:19
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 19 UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha. +

      Ngokuqonda wamisa amazulu aqina. +

  • Isaya 40:22
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 22 Ukhona Lowo ohlala ngaphezu kwembulunga ewumhlaba, *+

      Abahlala kuwo banjengezintethe.

      Welula amazulu njengendwangu elula,

      Awendlale njengetende okuzohlalwa kulo. +

  • Jeremiya 10:12-16
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
    • 12 Wenza umhlaba ngamandla akhe,

      Yena owamisa izwe elikhiqizayo ngokuhlakanipha kwakhe +

      Nowelula amazulu ngokuqonda kwakhe. +

      13 Lapho kuzwakala izwi lakhe,

      Amanzi emazulwini ayahlokoma, +

      Ubangela ukuba amafu* enyuke esuka emikhawulweni yomhlaba. +

      Wenzela imvula umbani,

      Akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe. +

      14 Wonke umuntu wenza ngokungacabangi nangokungabi nalwazi.

      Wonke umuntu osebenza ngensimbi uyohlazeka ngenxa yesithombe esibaziwe; +

      Ngoba isithombe sakhe sensimbi* singamanga,

      Awukho umoya kuzo. +

      15 Ziyinkohliso,* umsebenzi wokwenziwa inhlekisa. +

      Lapho usuku lokubhujiswa kwazo lufika, ziyoshabalala.

      16 OyiSabelo SikaJakobe akafani nalezi zinto,

      Ngoba nguYe owadala zonke izinto,

      U-Israyeli uyingxenye eyigugu kakhulu yefa lakhe. +

      NguJehova wamabutho igama lakhe. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela