-
2 IziKronike 36:7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
7 UNebukhadinezari wathatha ezinye zezinto zendlu kaJehova waziyisa eBhabhiloni wazibeka esigodlweni sakhe eBhabhiloni. +
-
-
Ezra 1:7IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
7 INkosi uKoresi yakhipha nezinto zendlu kaJehova ezazithathwe uNebukhadinezari eJerusalema wazibeka endlini kankulunkulu wakhe. +
-
-
Jeremiya 51:34IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
Ungibeke phansi njengesitsha esingenalutho.
Ungigwinyile njengenyoka enkulu; +
Ugcwalise isisu sakhe ngezinto zami ezinhle.
Ungiyakazile.
-
-
Daniyeli 1:1, 2IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
-
-
1 Ngonyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi + inkosi yakwaJuda, uNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni weza eJerusalema walivimbezela. + 2 Ngemva kwesikhathi uJehova wanikela esandleni sakhe uJehoyakimi inkosi yakwaJuda + kanye nezinye zezitsha zendlu* kaNkulunkulu weqiniso, waziletha ezweni laseShinari *+ endlini* kankulunkulu wakhe. Wazibeka endlini yokugcina ingcebo kankulunkulu wakhe. +
-