U-Isaya
13 Isimemezelo esimelene neBhabhiloni + u-Isaya + indodana ka-Amozi asibona embonweni:
2 “Phakamisani isibonakaliso *+ phezu kwentaba yamadwala angenalutho.
Bamemezeni, baqhwebeni ngesandla,
Ukuze beze bangene ngeminyango yezicukuthwane.
3 Ngikhiphe umyalo kulabo engibakhethile. *+
Ngibize amaqhawe ami ukuze ngibonise intukuthelo yami,
Abantu bami bajabula ngokuziqhenya.
4 Lalela! Isixuku ezintabeni;
Kuzwakala sengathi abantu abaningi!
Lalela! Ukuxokozela kwemibuso,
Kwezizwe ezibuthene ndawonye! +
UJehova wamabutho ubutha ibutho lempi. +
5 Bavela ezweni elikude, +
Emkhawulweni wamazulu,
UJehova nezikhali zolaka lwakhe bayeza,
Ukuze bachithe umhlaba wonke. +
6 Khalani kakhulu, ngoba usuku lukaJehova luseduze!
Luzofika njengembubhiso evela kuMninimandla Onke. +
7 Yingakho zonke izandla ziyoyetha,
Inhliziyo yawo wonke umuntu iyoshaywa uvalo. +
8 Abantu bethukile. +
Babanjwe yinkwantshu nezinhlungu,
Njengowesifazane osikwayo.
Bayabhekana beshaqekile,
Ubuso bugcwele usizi.
9 Bheka! Usuku lukaJehova luyeza,
Lunonya oluhambisana nolaka nentukuthelo evuthayo,
Ukuze lenze izwe libe yinto eshaqisayo, +
Lubhuqe nezoni zezwe ziphele kulo.
10 Ngoba izinkanyezi zamazulu nemilaza* yazo *+
Ngeke kukhanyise;
Ilanga liyoba mnyama lapho liphuma,
Nenyanga ngeke ikhanyise.
11 Ngizowujezisa umhlaba ngenxa yobubi bawo, +
Nababi ngenxa yesiphambeko sabo.
Ngizokuqeda ukuziqhenya kwabaqhoshayo,
Ngithobise nomashiqela abaziphakamisayo. +
12 Ngizokwenza ukuba umuntu ofayo abe yivelakancane kunegolide elicwengiwe, +
Abantu babe yivelakancane kunegolide lase-Ofiri. +
13 Yingakho ngizobangela ukuba amazulu athuthumele,
Nomhlaba uyozamazama usuke endaweni yawo +
Ngenxa yolaka lukaJehova wamabutho ngosuku lwentukuthelo yakhe evuthayo.
14 Njengenyamazane ezingelwayo nanjengomhlambi wezimvu ongenamuntu owuqoqayo,
Yilowo nalowo uyobuyela kubantu bakubo;
Yilowo nalowo uyobalekela ezweni lakubo. +
15 Noma ubani otholakalayo uyogwazwa,
Nanoma ubani obanjwayo uyobulawa ngenkemba. +
16 Abantwana babo bayophahlazwa phambi kwamehlo abo, +
Izindlu zabo ziyophangwa,
Nomkabo bayodlwengulwa.
17 Bheka ngibavusela amaMede ukuba abahlasele, +
Lawo abheka isiliva njengelingelutho
Angajatshuliswa yigolide.
18 Iminsalo yawo iyophahlaza izinsizwa; +
Ngeke abe naluzwela ngesithelo sesisu
Ngeke abe nasihe ezinganeni.
19 IBhabhiloni, umbuso okhazimula kakhulu, *+
Ubuhle nokuziqhenya kwamaKhaledi, +
Liyoba njengeSodoma neGomora lapho uNkulunkulu ebabhubhisa. +
20 Ngeke liphinde lakhiwe,
Ngeke kuphinde kuhlalwe kulo izizukulwane ngezizukulwane. +
Akekho umArabhu oyogxumeka itende lakhe khona,
Abekho abelusi abayodedela imihlambi yabo ilale khona.
21 Izilwane zasogwadule ziyolala khona;
Izindlu zakhona ziyogcwala izikhova.
22 Izilwane ezihewulayo ziyohewula emibhoshongweni yalo,
Nezimpungushe ezigodlweni zalo ezinhle.
Usuku lwalo luseduze, izinsuku zalo zibaliwe.” +