Eyesibili YamaKhosi
22 UJosiya + wayeneminyaka engu-8 lapho eba yinkosi, wabusa iminyaka engu-31 eJerusalema. + Igama likanina kwakunguJedida indodakazi ka-Adaya waseBozikati. + 2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova wahamba ngazo zonke izindlela zikaDavide ukhokho wakhe, + akazange aphambukele kwesokudla noma kwesobunxele.
3 Ngonyaka ka-18 weNkosi uJosiya, inkosi yathumela uShafani unobhala indodana ka-Azaliya indodana kaMeshulami, endlini kaJehova, + yathi: 4 “Khuphuka uye kuHilikiya + umpristi ophakeme, umcele aqoqe yonke imali elethwa endlini kaJehova, + abalindimnyango abayiqoqe kubantu. + 5 Leyo mali mayinikwe labo abengamele umsebenzi owenziwa endlini kaJehova, ukuze bona bayinike labo abasebenza endlini kaJehova abalungisa umonakalo* endlini, + 6 okuwukuthi, izingcweti, abakhi nomeselane; laba kumele bathenge ngayo izingodo namatshe aqoshiwe okulungisa indlu. + 7 Kodwa akufanele babuzwe ukuthi imali abayinikiwe bayisebenzise kanjani, ngoba bathembekile.” +
8 Kamuva uHilikiya umpristi ophakeme wathi kuShafani unobhala: + “Ngithole incwadi yoMthetho + endlini kaJehova.” Ngakho uHilikiya wayinika uShafani le ncwadi, yena wayifunda. + 9 Ngemva kwalokho uShafani unobhala waya enkosini wafike wathi kuyo: “Izinceku zakho zithulule imali etholakale endlini zayinika labo abengamele umsebenzi owenziwa endlini kaJehova.” + 10 UShafani unobhala waphinde wathi enkosini: “Kukhona incwadi + uHilikiya umpristi anginike yona.” UShafani wayifunda phambi kwenkosi.
11 Kwathi nje lapho inkosi izwa amazwi ale ncwadi yoMthetho, yaklebhula izingubo zayo. + 12 Ngemva kwalokho inkosi yayala uHilikiya umpristi, u-Ahikamu + indodana kaShafani, u-Akhibori indodana kaMikhaya, uShafani unobhala no-Asaya inceku yenkosi, yathi: 13 “Hambani niyobuza kuJehova, nibuzele mina nabantu nawo wonke uJuda ngokuphathelene namazwi ale ncwadi etholakele; ngoba inkulu intukuthelo kaJehova ngokumelene nathi, + ngenxa yokuthi okhokho bethu abawalalelanga amazwi ale ncwadi ngokwenza konke okulotshwe kuyo ngokuphathelene nathi.”
14 Ngakho uHilikiya umpristi, u-Ahikamu, u-Akhibori, uShafani no-Asaya baya kuHulida umprofethikazi. + WayengumkaShalumi indodana kaThikiva oyindodana kaHarihasi, umnakekeli wezingubo, ehlala eJerusalema eNgxenyeni Entsha; bakhuluma naye lapho. + 15 UHulida wathi kubo: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, ‘Tshelani umuntu onithume kimi nithi: 16 “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngizoletha inhlekelele kule ndawo nasezakhamuzini zakhona, azogcwaliseka wonke amazwi encwadi inkosi yakwaJuda ewafundile. + 17 Ngenxa yokuthi bangishiyile bashunqisela abanye onkulunkulu imihlatshelo + ukuze bangicasule ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo, + intukuthelo yami izokwehlela kule ndawo futhi ngeke inqandeke.’ ” + 18 Kodwa yilokhu okufanele nikusho enkosini yakwaJuda enithume ukuba nibuze kuJehova, “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: ‘Ngokuphathelene namazwi owezwile, 19 ngenxa yokuthi inhliziyo yakho yalalela, yazithoba + phambi kukaJehova lapho uzwa engikukhulumile ngokumelene nale ndawo nezakhamuzi zayo—ukuthi zizoba yinto eshaqisayo nesiqalekiso—wase uklebhula izingubo zakho + wakhala phambi kwami, nami ngikuzwile, kusho uJehova. 20 Yingakho ngizokubuthela kokhokho bakho,* uyongcwatshwa ngokuthula ethuneni lakho, ungayiboni yonke le nhlekelele engizoyiletha kule ndawo.’ ” ’ ” Ngemva kwalokho baletha impendulo enkosini.