Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 45
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UJosefa uzazisa kubafowabo (1-15)

      • Abafowabo bakaJosefa bayolanda uJakobe (16-28)

Genesise 45:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 43:30
  • +IzE 7:13

Genesise 45:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 37:28; IzE 7:9

Genesise 45:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 47:23, 25; 50:20; IHu 105:17

Genesise 45:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 41:30; 47:18

Genesise 45:7

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ezweni.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:26

Genesise 45:8

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “njengobaba kuFaro.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 105:21; IzE 7:9, 10

Genesise 45:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 45:26
  • +IzE 7:14

Genesise 45:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:33, 34; 47:1; Eks 8:22; 9:26

Genesise 45:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 47:12

Genesise 45:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 42:23

Genesise 45:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “wawela entanyeni yomfowabo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:29

Genesise 45:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nizophila ngokuvela.”

  • *

    Noma, “enonile.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 47:6

Genesise 45:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 41:39, 40
  • +Gen 45:27; 46:5
  • +Gen 47:9

Genesise 45:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:6

Genesise 45:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 43:34

Genesise 45:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 42:21, 22

Genesise 45:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 105:21
  • +Gen 42:38; 44:27, 28

Genesise 45:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 46:30

Okunye

Gen. 45:1Gen 43:30
Gen. 45:1IzE 7:13
Gen. 45:4Gen 37:28; IzE 7:9
Gen. 45:5Gen 47:23, 25; 50:20; IHu 105:17
Gen. 45:6Gen 41:30; 47:18
Gen. 45:7Gen 46:26
Gen. 45:8IHu 105:21; IzE 7:9, 10
Gen. 45:9Gen 45:26
Gen. 45:9IzE 7:14
Gen. 45:10Gen 46:33, 34; 47:1; Eks 8:22; 9:26
Gen. 45:11Gen 47:12
Gen. 45:12Gen 42:23
Gen. 45:14Gen 46:29
Gen. 45:18Gen 47:6
Gen. 45:19Gen 41:39, 40
Gen. 45:19Gen 45:27; 46:5
Gen. 45:19Gen 47:9
Gen. 45:20Gen 46:6
Gen. 45:22Gen 43:34
Gen. 45:24Gen 42:21, 22
Gen. 45:26IHu 105:21
Gen. 45:26Gen 42:38; 44:27, 28
Gen. 45:28Gen 46:30
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 45:1-28

Genesise

45 UJosefa wayengasakwazi ukuzibamba phambi kwazo zonke izinceku zakhe. + Ngakho wamemeza: “Wonke umuntu makaphume!” Akekho owasala naye lapho uJosefa ezazisa kubafowabo. +

2 Wabe esekhala kakhulu kangangokuthi amaGibhithe ezwa, nendlu kaFaro yezwa. 3 Ekugcineni uJosefa wathi kubafowabo: “NginguJosefa. Ingabe ubaba usaphila?” Kodwa abafowabo babengakwazi nhlobo ukumphendula ngoba babemangele kakhulu ngenxa yakhe. 4 Ngakho uJosefa wathi kubafowabo: “Ngicela nisondele kimi.” Base besondela.

Wabe esethi: “NginguJosefa umfowenu enamthengisa eGibhithe. + 5 Kodwa manje ningaphatheki kabi, ningasolani ngokuthi nangithengisa lapha; ngoba uNkulunkulu ungithume ngaphambi kwenu ukuze asigcine siphila. + 6 Lona unyaka wesibili wendlala ezweni, + kusasele iminyaka emihlanu okungeke kulinywe noma kuvunwe ngayo. 7 Kodwa uNkulunkulu wangithumela ngaphambi kwenu ukuze alondoloze uhlu lozalo + lomndeni wenu emhlabeni* nokuba anigcine niphila ngokukhululwa okukhulu. 8 Ngakho-ke akunina enangithumela lapha, kodwa uNkulunkulu weqiniso, ukuze angimise njengomeluleki kaFaro* nomphathi wayo yonke indlu yakhe nombusi walo lonke izwe laseGibhithe. +

9 “Buyelani masinyane kubaba, nithi kuye, ‘Nakhu indodana yakho uJosefa ekushilo: “UNkulunkulu ungimise ukuba ngibe umbusi kulo lonke elaseGibhithe. + Yehlela kimi. Ungalibali. + 10 Kumele uhlale ezweni laseGosheni, + lapho uzoba seduze kwami khona—wena, amadodana akho, abazukulu bakho, imihlambi yakho nakho konke onakho. 11 Ngizokunika ukudla lapho ngoba kusasele iminyaka emihlanu yendlala. + Uma kungenjalo, wena nendlu yakho nakho konke onakho nizohlupheka.”’ 12 Nina nomfowethu uBhenjamini niyazibonela ukuthi yimina ngempela okhuluma nani. + 13 Ngakho kumele nitshele ubaba ngayo yonke inkazimulo yami eGibhithe nangakho konke enikubonile. Manje sheshani nehlisele ubaba lapha.”

14 Khona-ke wanga umfowabo* uBhenjamini wakhala, noBhenjamini wakhala emgaxe entanyeni. + 15 Wabe esebaqabula bonke abafowabo wakhala ngesikhathi ebanga, ngemva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.

16 Lezi zindaba zafika endlini kaFaro, kuthiwa: “Kufike abafowabo bakaJosefa!” Kwaba kuhle kuFaro nasezincekwini zakhe. 17 Ngakho uFaro wathi kuJosefa: “Wothi kubafowenu, ‘Yenzani lokhu: Thwesani izilwane zenu niye ezweni laseKhanani, 18 nithathe uyihlo namalungu emindeni yenu nize lapha kimi. Ngizoninika izinto ezinhle zezwe laseGibhithe, nizodla okuvela* engxenyeni enothile* yezwe.’ + 19 Wena uyalwa ukuba ubatshele lokhu: + ‘Yenzani lokhu: Thathani izinqola + ezweni laseGibhithe nithathele abantwana benu nomkenu, nigibelise uyihlo kwenye yazo nize lapha. + 20 Ningakhathazeki ngempahla yenu, + ngoba okuhle kakhulu kwalo lonke izwe laseGibhithe kungokwenu.’”

21 Amadodana ka-Israyeli enza kanjalo, uJosefa wawanika izinqola ngokwemiyalo kaFaro, wawanika nemiphako yendlela. 22 Wanika ngayinye ingubo yokushintsha, kodwa uBhenjamini wamnika izinhlamvu zesiliva ezingu-300 nezingubo zokushintsha ezinhlanu. + 23 Uyise wamthumelela lokhu okulandelayo: izimbongolo eziyishumi ezithwele izinto ezinhle zaseGibhithe nezimbongolo zensikazi eziyishumi ezithwele ukudla okusanhlamvu nesinkwa nokokusekela uyise endleleni. 24 Wabahambisa abafowabo, njengoba besuka, wathi kubo: “Ningathukuthelelani endleleni.” +

25 Bakhuphuka besuka eGibhithe bafika ezweni laseKhanani kuyise uJakobe. 26 Bambikela, bathi: “UJosefa usaphila, ungumbusi walo lonke izwe laseGibhithe!” + Kodwa inhliziyo yakhe yaba ndikindiki ngoba wayengabakholwa. + 27 Lapho beqhubeka bemtshela wonke amazwi uJosefa ayewakhulume kubo, ebona nezinqola uJosefa ayezithumele ukuba zimthwale, umoya kayise uJakobe waqala ukuvuseleleka. 28 U-Israyeli wababaza: “Kwanele! Indodana yami uJosefa isaphila! Kumele ngihambe ngiyombona ngaphambi kokuba ngife!” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela