IzAga
3 Ndodana yami, ungayikhohlwa imfundiso* yami,
Kwangathi inhliziyo yakho ingayigcina imiyalo yami,
2 Ngoba kuyokwenezela izinsuku eziningi kuwe
Neminyaka yokuphila nokuthula. +
3 Ungavumi ukuba uthando oluqotho nokwethembeka* kuphele. +
Kubophele entanyeni yakho;
Kubhale enhliziyweni yakho; +
4 Ngokwenza kanjalo uyothola umusa nokuqonda
Emehlweni kaNkulunkulu nawomuntu. +
7 Ungabi ohlakaniphile emehlweni akho. +
Yesaba uJehova ufulathele okubi.
8 Kuyofana nomuthi owelaphayo emzimbeni* wakho
Nento eqabulayo emathanjeni akho.
9 Dumisa uJehova ngezinto zakho eziyigugu, +
Nangezithelo zokuqala* zawo wonke umkhiqizo* wakho; +
10 Khona-ke izinqolobane zakho ziyogcwala phama, +
Nemiphongolo* yakho iyochichima iwayini elisha.
11 Ndodana yami, ungasenqabi isiyalo sikaJehova, +
Ungakwenyanyi ukusola kwakhe, +
12 Ngoba uJehova uyabasola labo abathandayo, +
Njengoba nje nobaba eyisola indodana athokozayo ngayo. +
13 Uyajabula umuntu othola ukuhlakanipha +
Nomuntu othola ukuqonda;
14 Ukuzuza ukuhlakanipha kungcono kunokuzuza isiliva,
Ukuba nako njengenzuzo kungcono kunokuba negolide. +
15 Kuyigugu ngaphezu kwamakhorali;*
Akukho lutho olufisayo olungaqhathaniswa nako.
16 Ukuphila isikhathi eside kusesandleni sako sokudla;
Ingcebo nenkazimulo kusesandleni sako sobunxele.
17 Izindlela zako zimnandi,
Zonke izindlela zako zinokuthula. +
18 Kuyisihlahla sokuphila kulabo abakubambayo,
Labo abakubamba bakuqinise kuyothiwa bayajabula. +
19 UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha. +
Ngokuqonda wamisa amazulu aqina. +
20 Ngolwazi lwakhe amanzi ajulile ahlukaniswa,
Namafu aconsa umkhemezelo. +
21 Ndodana yami, kungasuki emehlweni akho.*
Londa ukuhlakanipha nekhono lokucabanga;
22 Kuyokunika ukuphila,
Kube umhlobiso entanyeni yakho;
23 Uma wenza kanjalo uyohamba ngokuphepha endleleni yakho,
28 Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi: “Hamba; ubuye ngesinye isikhathi! Ngizokupha kusasa,”
Uma ungamnika kona manje.
29 Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho +
Lapho ehlezi nawe ezizwa elondekile.
31 Ungabi nomona ngomuntu onobudlova +
Noma ukhethe noma iyiphi yezindlela zakhe,
32 Ngoba uJehova uyamnyanya umuntu okhohlisayo, +
Kodwa uba umngani nabaqotho. +
35 Abahlakaniphile bayothola udumo,
Kodwa iziphukuphuku zidumisa ihlazo. +