AmaHubo
Kumqondisi. ElikaDavide inceku kaJehova, owahlabelelela uJehova le ngoma ngosuku uJehova amkhulula ngalo kuzo zonke izitha zakhe nakuSawule. Wathi: +
18 O Jehova mandla ami, ngiyakuthanda. +
2 UJehova uyidwala lami nesiphephelo sami noMkhululi wami. +
UNkulunkulu wami uyidwala lami, + ngiphephela kuye,
Ihawu lami nophondo* lwami lwensindiso,* indawo yami elondekile. *+
3 Ngibiza uJehova, ofanelwe ukudunyiswa,
Ngizosindiswa ezitheni zami. +
4 Izintambo zokufa zangizungeza; +
Izikhukhula ezisheshayo zabantu abangelusizo lwalutho zangesabisa. +
6 Ngambiza uJehova lapho ngicindezelekile,
Ngangilokhu ngikhalela usizo kuNkulunkulu wami.
7 Khona-ke umhlaba waqala ukunyakaza nokuzamazama; +
Izisekelo zezintaba zandindizela,
Zanyakaza ziya emuva naphambili ngoba wayethukuthelisiwe. +
8 Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe,
Kwaphuma nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe; +
Kwaphuma amalahle avuthayo kuye.
9 Wagoba amazulu njengoba ehla. +
Ifu elimnyama lalingaphansi kwezinyawo zakhe. +
10 Weza endiza egibele ikherubi. +
Weza etshuza ephezu kwamaphiko esidalwa somoya. *+
12 Èkukhanyeni okukhulu okwakuphambi kwakhe,
Kwehla isichotho namalahle avuthayo evela emafwini.
13 UJehova waqala ukuduma esemazulwini; +
OPhezukonke wenza izwi lakhe lezwakala, +
Ngesichotho nangamalahle avuthayo.
Izisekelo zezwe zahlala obala ngokukhuza kwakho, Jehova,
Ngokufutha komoya wamakhala akho. +
16 Welula isandla sakhe ephezulu;
Wangibamba wangikhipha emanzini ajulile. +
18 Bamelana nami ngosuku lwenhlekelele yami, +
Kodwa uJehova wangisekela.
20 UJehova ungivuza ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga; +
21 Ngoba ngizigcinile izindlela zikaJehova,
Angizange ngokukhohlakala ngimshiye uNkulunkulu wami.
22 Ngiyayikhumbula yonke imiyalo yakhe;
Ngeke ngiyishaye indiva imithetho yakhe.
24 Kwangathi uJehova angangibuyisela ngenxa yokuthi ngenze ngokulunga, +
Ngenxa yobumsulwa bezandla zami phambi kwakhe. +
25 Koqotho wena wenza ngobuqotho; +
Umuntu ongenaphutha usebenzelana naye ngokungenaphutha; +
26 Komsulwa uzibonakalisa umsulwa, +
Kodwa koyiqili uzibonakalisa unokuqonda. +
28 Ngoba nguwe Jehova, okhanyisa isibani sami,
Nkulunkulu wami oguqula ubumnyama obungizungezile bube ukukhanya. +
Uyihawu labo bonke abaphephela kuye. +
31 Ngoba ubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova? +
Ubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu? +
33 Wenza izinyawo zami zibe njengezenyamazane;
Ungimisa ezindaweni eziphakeme. +
34 Izandla zami uziqeqeshela impi;
Izingalo zami zingagobisa umnsalo wethusi.
35 Unginika ihawu lakho lensindiso, +
Isandla sakho sokudla siyangisekela,
Ukuthobeka kwakho kungenza ngibe mkhulu. +
36 Uyenza ibe banzi indlela engihamba kuyo;
Izinyawo zami ngeke zishelele. +
37 Ngizozijaha izitha zami ngizifice;
Ngeke ngibuye kuze kube yilapho seziqothuliwe.
39 Uyongipha amandla okulwa empini;
Uyokwenza izitha zami ziwe phambi kwami. +
41 Bakhalela usizo, kodwa akekho ozobasindisa;
Bakhala ngisho nakuJehova, kodwa akabaphenduli.
42 Ngiyobagaya bacoliseke njengothuli oluhamba nomoya;
Ngiyobachitha njengodaka emigwaqweni.
43 Uyongikhulula kubantu ababheka amaphutha. +
Uyongimisa ngibe yinhloko yezizwe. +
Isizwe engingazange ngisazi siyongikhonza. +
44 Siyongilalela ngokuzwa nje ngami;
Abezinye izizwe bayoza kimi bethothobele. +
45 Abezinye izizwe bayokwesaba;*
Bayoza bethuthumela bevela ezindaweni zabo ezivikelekile.
46 UJehova uyaphila! Malidunyiswe iDwala lami! +
Makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami. +
47 UNkulunkulu weqiniso uyangiphindiselela; +
Uthobisa izizwe ngaphansi kwami.
48 Uyangikhulula ezitheni zami ezithukuthele;
Ungiphakamisa ngibe ngaphezu kwalabo abangihlaselayo; +
Uyangisindisa kumuntu onodlame.