AmaHubo
א [Aleph]
3 Abakwenzi ukungalungi;
Bahamba ngezindlela zakhe. +
4 Wena uyale ukuba
Imiyalo yakho igcinwe ngokucophelela. +
6 Khona-ke bengingeke ngihlazeke +
Lapho ngihlola yonke imiyalo yakho.
7 Ngizokudumisa ngenhliziyo eqotho
Lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungile.
8 Ngizozigcina iziqondiso zakho.
Mawungangishiyi ngokuphelele.
ב [Beth]
9 Insizwa ingayigcina kanjani indlela yayo ihlanzekile?
Ngokuhlala iqaphile ngokuvumelana nezwi lakho. +
10 Ngikufuna ngenhliziyo yami yonke.
Ungangivumeli ngiphambuke emiyalweni yakho. +
12 O Jehova, kwangathi ungadunyiswa;
Ngifundise iziqondiso zakho.
13 Ngimemezela ngezindebe zami
Zonke izahlulelo ozikhiphile.
16 Ngiyayithanda imithetho yakho.
Ngeke ngilikhohlwe izwi lakho. +
ג [Gimel]
17 Yiphathe ngomusa inceku yakho,
Ukuze ngiphile, ngigcine izwi lakho. +
18 Vula amehlo ami ukuze ngizibone kahle
Izinto ezimangalisayo ezisemthethweni wakho.
19 Ngiyisifiki nje ezweni. +
Ungangifihleli imiyalo yakho.
20 Ngiyafa ukulangazelela*
Izahlulelo zakho ngaso sonke isikhathi.
21 Uyabakhuza abagabadelayo
Abaqalekisiwe, labo abaphambukayo emiyalweni yakho. +
22 Susa kimi* ukwedelelwa nokweyiswa,
Ngoba ngizigcinile izikhumbuzo zakho.
23 Ngisho nalapho izikhulu zihlala ndawonye zikhulume ngokumelene nami,
Inceku yakho izindla* ngeziqondiso zakho.
ד [Daleth]
Ngilonde ngokwesithembiso sakho. +
26 Ngikutshelile ngezindlela zami wangiphendula;
Ngifundise iziqondiso zakho. +
28 Bengiqwashile ngenxa yosizi.
Ngiqinise ngokwesithembiso sakho.
29 Susa kimi indlela yokukhohlisa, +
Ungibonise umusa ngomthetho wakho.
30 Ngikhethe indlela yokwethembeka. +
Ngiyaqaphela ukuthi izahlulelo zakho zilungile.
31 Ngibambelele ezikhumbuzweni zakho. +
O Jehova, ungangivumeli ngidumazeke. *+
ה [He]
34 Ngiphe ukuqonda,
Ukuze ngigcine umthetho wakho
Ngiwugcine ngenhliziyo yami yonke.
37 Yenza ukuba amehlo ami angakuboni okungenanzuzo; +
Ngilonde endleleni yakho.
39 Susa ihlazo engilesabayo,
Ngoba izahlulelo zakho zinhle. +
40 Bheka ukuthi ngiyilangazelela kanjani imiyalo yakho.
Ngilonde ngokulunga kwakho.
ו [Waw]
41 Kwangathi ngingathola uthando lwakho oluqotho, Jehova, +
Insindiso yakho ngokuvumelana nesithembiso sakho; *+
42 Khona-ke ngiyomphendula ongiklolodelayo,
Ngoba ngithembele ezwini lakho.
43 Ungalisusi ngokuphelele izwi leqiniso emlonyeni wami,
Ngoba ngithembele esahlulelweni* sakho.
44 Ngizowugcina njalo umthetho wakho,
Kuze kube phakade naphakade. +
46 Ngizokhuluma ngezikhumbuzo zakho phambi kwamakhosi,
Ngeke ngibe namahloni. +
47 Ngiyayithanda imiyalo yakho,
Yebo, ngiyayithanda. +
48 Ngizophakamisa izandla zami ngithandaze ngenxa yokuthi ngiyayithanda imiyalo yakho, +
ז [Zayin]
50 Lena yinduduzo yami ekuhluphekeni kwami, +
Ngoba izwi lakho lingilondile.
51 Abagabadelayo bangihleka usulu ngokuphelele,
Kodwa angiphambuki emthethweni wakho. +
53 Ngigcwele intukuthelo evuthayo ngenxa yababi,
Abashiya umthetho wakho. +
54 Iziqondiso zakho ziyizingoma kimi
Nomaphi lapho ngihlala khona.*
55 O Jehova, ebusuku ngiyalikhumbula igama lakho, +
Ukuze ngigcine umthetho wakho.
56 Lokhu bengilokhu ngikwenza
Ngoba ngiyigcinile imiyalo yakho.
ח [Heth]
59 Ngizihlolile izindlela zami,
Ukuze ngiphinde ngilandele izikhumbuzo zakho. +
60 Ngiyashesha, angilibali
Ukugcina imiyalo yakho. +
61 Izintambo zababi zingizungezile,
Kodwa angiwukhohlwa umthetho wakho. +
62 Phakathi kwamabili ngiyavuka ukuze ngikubonge +
Ngezahlulelo zakho ezilungile.
63 Ngingumngani wabo bonke abakwesabayo
Nowalabo abagcina imiyalo yakho. +
64 O Jehova, uthando lwakho oluqotho lugcwele umhlaba; +
Ngifundise iziqondiso zakho.
ט [Teth]
65 O Jehova, uyiphathe kahle inceku yakho,
Ngokwezwi lakho.
66 Ngifundise ukuqonda nolwazi, +
Ngoba ngithembele emiyalweni yakho.
68 Wena umuhle + nemisebenzi yakho mihle.
Ngifundise iziqondiso zakho. +
69 Abagabadelayo bangibheca ngamanga,
Kodwa mina ngigcina imiyalo yakho ngayo yonke inhliziyo yami.
71 Kuhle ukuthi ngihlushiwe, +
Ukuze ngifunde iziqondiso zakho.
י [Yod]
73 Izandla zakho zingenzile, zangibumba.
Ngiphe ukuqonda,
Ukuze ngifunde imiyalo yakho. +
75 O Jehova, ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungile +
Nokuthi ungijezisile ngenxa yokwethembeka kwakho. +
76 Ngiyacela, kwangathi uthando lwakho oluqotho + lungangiduduza,
Ngokwesithembiso owasenza* encekwini yakho.
78 Kwangathi abagabadelayo bangahlazeka,
Ngoba bangona ngaphandle kwesizathu.*
Kodwa mina ngizozindla* ngemiyalo yakho. +
79 Labo abakwesabayo mababuyele kimi,
Labo abazaziyo izikhumbuzo zakho.
כ [Kaph]
83 Ngoba nginjengesigubhu sesikhumba esilenga entuthwini,
Kodwa angizikhohlwa iziqondiso zakho. +
84 Inceku yakho kumele ilinde izinsuku ezingaki?
Uyosiletha nini isahlulelo kulabo abangishushisayo? +
85 Abagabadelayo bangimbela imigodi,
Labo abaphikisana nomthetho wakho.
86 Yonke imiyalo yakho ithembekile.
Abantu bangishushisa ngaphandle kwesizathu; ngisize! +
87 Bacishe bangiqothula,
Kodwa angizange ngiyishiye imiyalo yakho.
88 Ngilonde ngenxa yothando lwakho oluqotho,
Ukuze ngigcine izikhumbuzo ozishilo.
ל [Lamed]
89 O Jehova, izwi lakho limi emazulwini
Kuze kube phakade. +
90 Ukwethembeka kwakho kukuzo zonke izizukulwane. +
Uwumise waqina umhlaba, ukuze uqhubeke umile. +
91 Ngenxa yezahlulelo zakho kumile* kuze kube namuhla,
Ngoba konke kuyizinceku zakho.
92 Ukube bengingawuthandi umthetho wakho,
Ngabe ngishabalele ekuhluphekeni kwami. +
93 Angisoze ngayikhohlwa imiyalo yakho,
Ngoba ngayo ungilondile. +
95 Ababi balinde ukungiqothula,
Kodwa ngiyazinakisisa izikhumbuzo zakho.
96 Ngiwubonile umkhawulo wakho konke ukuphelela,
Kodwa umyalo wakho awunamkhawulo.*
מ [Mem]
97 Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! +
Ngizindla* ngawo usuku lonke. +
98 Umyalo wakho ungenza ngihlakaniphe kunezitha zami, +
Ngoba ungihola njalo.
100 Ngenza ngokuqonda kakhudlwana kunamadoda amadala,
Ngoba ngigcina imiyalo yakho.
101 Ngeke ngihambe kunoma iyiphi indlela yobubi, +
Ukuze ngigcine izwi lakho.
102 Angiphambuki ezahlulelweni zakho,
Ngoba wena ungifundisile.
103 Yeka indlela amazwi akho amnandi ngayo olimini lwami,
Adlula uju emlonyeni wami! +
104 Ngiziphatha ngokuqonda ngenxa yemiyalo yakho. +
Yingakho ngizizonda zonke izindlela zamanga. +
נ [Nun]
105 Izwi lakho liyisibani esiqondisa izinyathelo zami,
Nokukhanya okukhanyisa indlela yami. +
106 Ngenze isifungo futhi ngizosifeza,
Ukuze ngigcine izahlulelo zakho ezilungile.
107 Ngihlushwe kakhulu. +
O Jehova, ngilonde ngokwezwi lakho. +
108 O Jehova, ngicela uyijabulele iminikelo yami yokuzithandela yokudumisa, *+
Ungifundise izahlulelo zakho. +
110 Ababi bangibekele isicupho,
Kodwa angiphambukanga emiyalweni yakho. +
112 Nginqume* ukulalela iziqondiso zakho
Ngaso sonke isikhathi, kuze kube sekugcineni.
ס [Samekh]
114 Wena uyindawo yami yokucasha nehawu lami. +
Ngoba ngithembele ezwini* lakho. +
115 Ningasondeli kimi, nina bantu ababi, +
Ukuze ngigcine imiyalo kaNkulunkulu wami.
118 Ubalahlile bonke abaphambukayo eziqondisweni zakho, +
Ngoba banamanga futhi bayakhohlisa.
119 Ubalahla njengokungathi udoti* bonke ababi bomhlaba. +
Yingakho ngizithanda izikhumbuzo zakho.
120 Ukukwesaba kwenza umzimba wami uqhaqhazele;
Ngiyazesaba izahlulelo zakho.
ע [Ayin]
121 Ngikhiphe izahlulelo ezinobulungisa ngenza okulungile.
Unganginikeli kulabo abangicindezelayo!
122 Thembisa ukuthi uzoyisiza inceku yakho;
Kwangathi abagabadelayo bangengicindezele.
125 Ngiyinceku yakho; ngiphe ukuqonda, +
Ukuze ngazi izikhumbuzo zakho.
126 Sesifikile isikhathi sokuba uJehova athathe isinyathelo, +
Ngoba bawuphulile umthetho wakho.
פ [Pe]
129 Izikhumbuzo zakho ziyamangalisa.
Yingakho ngizigcina.
132 Phendukela kimi ungibonise umusa, +
Ngokuvumelana nendlela owahlulela ngayo labo abathanda igama lakho. +
134 Ngikhulule kubantu abangicindezelayo,
Ngizoyigcina imiyalo yakho.
136 Amehlo ami ageleza izinyembezi
Ngenxa yokuthi abantu abawugcini umthetho wakho. +
צ [Tsade]
138 Izikhumbuzo zakho zilungile
Zithembeke ngokuphelele.
139 Ukuzinikela kwami kuwe kunjengomlilo ovuthayo ngaphakathi kimi, +
Ngoba izitha zami ziwakhohliwe amazwi akho.
141 Angilutho futhi ngidelelekile; +
Noma kunjalo, angizange ngiyikhohlwe imiyalo yakho.
143 Nakuba ukucindezeleka nobunzima kungehlela,
Ngilokhu ngiyithanda imiyalo yakho.
144 Ukulunga kwezikhumbuzo zakho kuhlala kuze kube phakade.
Ngiphe ukuqonda, + ukuze ngiqhubeke ngiphila.
ק [Qoph]
145 Ngikubiza ngenhliziyo yami yonke. O Jehova, ngiphendule.
Ngizozigcina iziqondiso zakho.
146 Ngiyakubiza; ngisindise!
Ngizozigcina izikhumbuzo zakho.
149 Lalela izwi lami ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
O Jehova, ngilonde ngokuvumelana nobulungisa bakho.
150 Labo abaziphatha ngokuhlazisayo* basondela kimi;
Bakude nomthetho wakho.
152 Ngazazi kudala izikhumbuzo zakho,
Owazimisa ukuze zihlale phakade. +
ר [Resh]
153 Kubone ukuhlupheka kwami, ungikhulule, +
Ngoba angizange ngiwukhohlwe umthetho wakho.
155 Insindiso ikude nababi,
Ngoba abazange bazifune iziqondiso zakho. +
156 O Jehova, sikhulu isihe sakho. +
Ngilonde ngokuvumelana nobulungisa bakho.
157 Ziningi izitha zami kanye nabangishushisayo; +
Kodwa angizange ngiphambuke ezikhumbuzweni zakho.
158 Ngibabheka ngokubenyanya abakhohlisayo,
Ngoba abaligcini izwi lakho. +
159 Bheka ukuthi ngiyithanda kanjani imiyalo yakho!
O Jehova, ngilonde ngenxa yothando lwakho oluqotho. +
160 Izwi lakho lilonke liyiqiniso, +
Nazo zonke izahlulelo zakho ezilungile zihlala kuze kube phakade.
ש [Sin] noma [Shin]
161 Izikhulu zingishushisa + ngaphandle kwesizathu,
Kodwa inhliziyo yami iyamangala ngenxa yamazwi akho. +
162 Ngiyathokoza ngezwi lakho +
Njengomuntu othola impango eningi.
164 Ngikudumisa kasikhombisa ngosuku
Ngenxa yezahlulelo zakho ezilungile.
166 O Jehova, ngithembele ensindisweni yakho,
Ngiyayigcina imiyalo yakho.
167 Ngiyazigcina izikhumbuzo zakho,
Ngizithanda kakhulu. +
168 Ngiyayigcina imiyalo yakho nezikhumbuzo zakho,
Ngoba uyakwazi konke engikwenzayo. +
ת [Taw]
169 O Jehova, kwangathi ungangizwa lapho ngikhalela usizo. +
Ngenze ngiqonde, ngokwezwi lakho. +
170 Kwangathi ungakulalela ukunxusa kwami.
Ngisindise ngokwesithembiso sakho.*
171 Kwangathi izindebe zami zingachichima amazwi okudumisa, +
Ngoba ungifundisa iziqondiso zakho.
172 Kwangathi ulimi lwami lungahuba ngezwi lakho, +
Ngoba yonke imiyalo yakho ilungile.
174 O Jehova, ngilangazelela insindiso yakho,
Nomthetho wakho ngiyawuthanda. +
175 Kwangathi ngingaphila ukuze ngikudumise; +
Kwangathi izahlulelo zakho zingangisiza.