Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Duteronomi 24
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Duteronomi Okuphakathi

      • Umshado nedivosi (1-5)

      • Hlonipha ukuphila (6-9)

      • Ukukhathalela abampofu (10-18)

      • Imithetho yokukhothoza (19-22)

Duteronomi 24:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 5:31, 32; Mar 10:4, 11
  • +Mal 2:16; Mat 1:19; 19:3-8

Duteronomi 24:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 21:7

Duteronomi 24:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “isimlahla.”

Duteronomi 24:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 20:7; IzA 5:18; Shu 9:9

Duteronomi 24:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ethatha ukuphila; ethatha umphefumulo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 22:26, 27

Duteronomi 24:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 37:28; 40:15
  • +Eks 21:16
  • +Dut 19:18, 19; 21:20, 21

Duteronomi 24:8

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “uchoko” linencazelo ebanzi futhi lingahlanganisa izifo zesikhumba ezihlukahlukene ezithathelwanayo. Zingahlanganisa nezifo ezithile ezitholakala ezingutsheni nasezindlini.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 13:2, 15; Mar 1:44; Luk 17:14

Duteronomi 24:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Num 12:10, 15

Duteronomi 24:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 15:7, 8; IzA 3:27

Duteronomi 24:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Job 24:9, 10

Duteronomi 24:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 22:26, 27

Duteronomi 24:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “emasangweni.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 25:39, 43; IzA 14:31

Duteronomi 24:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 19:13; Jer 22:13; Mat 20:8
  • +IzA 22:22, 23; Jak 5:4

Duteronomi 24:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 25:3, 4
  • +Hez 18:20

Duteronomi 24:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ingane engenababa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 22:21, 22
  • +Eks 22:26, 27

Duteronomi 24:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 5:15

Duteronomi 24:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 19:9; 23:22; Rut 2:16; IHu 41:1
  • +Dut 15:7, 10; IzA 11:24; 19:17; Luk 6:38; 2Ko 9:6; 1Jo 3:17

Duteronomi 24:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 19:10; Dut 26:13

Okunye

Dut. 24:1Mat 5:31, 32; Mar 10:4, 11
Dut. 24:1Mal 2:16; Mat 1:19; 19:3-8
Dut. 24:2Lev 21:7
Dut. 24:5Dut 20:7; IzA 5:18; Shu 9:9
Dut. 24:6Eks 22:26, 27
Dut. 24:7Gen 37:28; 40:15
Dut. 24:7Eks 21:16
Dut. 24:7Dut 19:18, 19; 21:20, 21
Dut. 24:8Lev 13:2, 15; Mar 1:44; Luk 17:14
Dut. 24:9Num 12:10, 15
Dut. 24:10Dut 15:7, 8; IzA 3:27
Dut. 24:12Job 24:9, 10
Dut. 24:13Eks 22:26, 27
Dut. 24:14Lev 25:39, 43; IzA 14:31
Dut. 24:15Lev 19:13; Jer 22:13; Mat 20:8
Dut. 24:15IzA 22:22, 23; Jak 5:4
Dut. 24:162Kr 25:3, 4
Dut. 24:16Hez 18:20
Dut. 24:17Eks 22:21, 22
Dut. 24:17Eks 22:26, 27
Dut. 24:18Dut 5:15
Dut. 24:19Lev 19:9; 23:22; Rut 2:16; IHu 41:1
Dut. 24:19Dut 15:7, 10; IzA 11:24; 19:17; Luk 6:38; 2Ko 9:6; 1Jo 3:17
Dut. 24:20Lev 19:10; Dut 26:13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Duteronomi 24:1-22

Duteronomi

24 “Uma indoda ishada owesifazane kodwa ingasamfuni ngoba ithole okuthile okuyihlazo kuye, kumele imbhalele isitifiketi sedivosi, + imnike sona bese imxosha endlini yayo. + 2 Uma esehambile endlini yayo, angaba umfazi wenye indoda. + 3 Uma le ndoda yesibili isimzonda* bese imbhalela isitifiketi sedivosi, imnike sona bese imxosha endlini yayo noma uma le ndoda yesibili emshadile ishona, 4 umyeni wakhe wokuqala owamxosha ngeke avunyelwe ukuba aphinde amthathe abe umkakhe ngemva kokuba engcolisiwe, ngoba lokho kuyinto enengekayo kuJehova. Akumele ulethe isono ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa.

5 “Indoda esanda kushada akufanele iye empini noma inikwe eminye imisebenzi. Kufanele ikhululeke unyaka owodwa, ihlale ekhaya ijabulise umkayo. +

6 “Akekho okufanele athathe itshe lokugaya noma imbokodo yalo njengesibambiso, + ngoba uyobe ethatha into umuntu aphila ngayo* ayenze isibambiso.

7 “Uma kutholakala ukuthi othile uthumbe omunye wabafowabo ongumIsrayeli wamphatha kabi futhi wamthengisa, + omthumbile kumele afe. + Kufanele ususe okubi phakathi kwakho. +

8 “Lapho kuqubuka isifo sochoko,* kufanele uqikelele ukuthi wenza ngokuvumelana nakho konke abapristi abangamaLevi abayokuyala ngakho. + Qikelela ukuthi wenza njengoba nje ngibayalile. 9 Khumbula lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni lapho uphuma eGibhithe. +

10 “Uma ubolekisa nganoma yini kumakhelwane wakho, + akumele ungene endlini yakhe uyozithathela isibambiso. 11 Kufanele ume ngaphandle, umuntu omboleke okuthile kufanele akulethele ngaphandle isibambiso akunika sona. 12 Uma lo muntu ehluphekile, akumele uze ulale isibambiso sakhe sisekuwe. + 13 Kufanele nakanjani ubuyisele isibambiso sakhe kuye ngokushesha nje lapho ilanga lishona futhi uzolala ngengubo yakhe, + akubusise; kuyoba ukulunga kuwe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

14 “Akumele uphambe isisebenzi esintulayo noma esihluphekayo, kungakhathaliseki ukuthi singomunye wabafowenu noma isifiki ezweni lakini, emadolobheni* akho. + 15 Kufanele usiholele ngalo lolo suku, + lingakashoni ilanga, ngoba sihluphekile futhi sithembele kulo mholo ukuze siphile. Kungenjalo, siyokhala ngawe kuJehova, wena ube nesono. +

16 “Obaba akufanele babulawe ngenxa yezenzo zabantwana babo, nabantwana akufanele babulawe ngenxa yezenzo zoyise. + Umuntu kufanele abulawelwe isono sakhe kuphela. +

17 “Ungahluleli oyisifiki noma intandane* ngokungenabulungisa + futhi akumele uthathe ingubo yomfelokazi ibe isibambiso. + 18 Khumbula ukuthi waba isigqila eGibhithe, uJehova uNkulunkulu wakho wakukhulula lapho. + Yingakho ngikuyala ukuba wenze lokhu.

19 “Uma uvuna ensimini yakho bese ukhohlwa isithungo, ungaphindeli emuva uyosilanda. Kufanele sisalele isifiki, intandane nomfelokazi, + ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke okwenzayo. +

20 “Uma uvuthuza umnqumo wakho, akufanele uvuthuze okwesibili emagatsheni awo. Okusele kufanele kusalele isifiki, intandane nomfelokazi. +

21 “Uma ubutha amagilebhisi ensimini yakho, akumele ubuyele uyobutha asele. Kufanele asalele isifiki, intandane nomfelokazi. 22 Khumbula ukuthi waba isigqila ezweni laseGibhithe. Yingakho ngikuyala ukuba wenze lokhu.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela