Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Mathewu Okuphakathi

      • IMIFANEKISO YOMBUSO (1-52)

        • Umhlwanyeli (1-9)

        • Isizathu esenza uJesu wasebenzisa imifanekiso (10-17)

        • Umfanekiso womhlwanyeli uyachazwa (18-23)

        • Ukolweni nokhula (24-30)

        • Uhlamvu lwesinaphi nemvubelo (31-33)

        • Ukusetshenziswa kwemifanekiso kugcwalisa isiprofetho (34, 35)

        • Umfanekiso kakolweni nokhula uyachazwa (36-43)

        • Umcebo ofihliwe nepharele elihle (44-46)

        • Inetha (47-50)

        • Ingcebo yezinto ezintsha nezindala (51, 52)

      • UJesu akahlonishwa endaweni yakubo (53-58)

Mathewu 13:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 4:1

Mathewu 13:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:34
  • +Mar 4:3-9; Luk 8:4-8

Mathewu 13:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:19

Mathewu 13:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:20, 21

Mathewu 13:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:22; Mar 4:18, 19; Luk 8:14

Mathewu 13:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:23; Mar 4:8; Luk 8:8

Mathewu 13:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 11:15

Mathewu 13:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 4:10, 11; Luk 8:9, 10

Mathewu 13:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 2:9, 10; Efe 1:9-12; Kol 1:26, 27

Mathewu 13:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 25:29; Mar 4:25; Luk 8:18

Mathewu 13:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 6:10; Mar 4:12

Mathewu 13:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 12:40; Rom 11:8; 2Ko 3:14

Mathewu 13:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 6:9, 10; Mar 4:12; IzE 28:26, 27

Mathewu 13:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 10:23, 24

Mathewu 13:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 8:56; Efe 3:5; 1Pe 1:10

Mathewu 13:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 4:14; Luk 8:11

Mathewu 13:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Pe 5:8
  • +Mar 4:15; Luk 8:12

Mathewu 13:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 4:16, 17; Luk 8:13

Mathewu 13:22

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “zalesi simiso sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 12:22
  • +Mat 6:21; Mar 4:18, 19; 10:23; Luk 8:14; 1Ti 6:9; 2Ti 4:10

Mathewu 13:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 4:20; Luk 8:15

Mathewu 13:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:38, 39

Mathewu 13:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +IsA 14:15

Mathewu 13:31

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 4:30-32; Luk 13:18, 19

Mathewu 13:33

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 13:21

Mathewu 13:34

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 4:33, 34

Mathewu 13:35

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 78:2

Mathewu 13:38

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 24:14; Rom 10:18; Kol 1:6
  • +Joh 8:44

Mathewu 13:39

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “yisiphelo sesikhathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Mathewu 13:40

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ekupheleni kwesikhathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:30

Mathewu 13:42

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Indawo okubaswa kuyo umlilo omkhulu.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:30

Mathewu 13:43

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 5:31

Mathewu 13:44

Izikhombo Zezincwadi

  • +Flp 3:7

Mathewu 13:46

Izikhombo Zezincwadi

  • +Flp 3:8

Mathewu 13:48

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 11:9
  • +Lev 11:12

Mathewu 13:49

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ekupheleni kwesikhathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Mathewu 13:54

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 2:23
  • +Mar 6:1-6

Mathewu 13:55

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 4:22; Joh 6:42
  • +Mat 12:46; Joh 2:12; IzE 1:14; 1Ko 9:5; Gal 1:19

Mathewu 13:56

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 7:15

Mathewu 13:57

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Pe 2:7, 8
  • +Mar 6:4; Luk 4:24; Joh 4:44

Okunye

Math. 13:2Mar 4:1
Math. 13:3Mat 13:34
Math. 13:3Mar 4:3-9; Luk 8:4-8
Math. 13:4Mat 13:19
Math. 13:5Mat 13:20, 21
Math. 13:7Mat 13:22; Mar 4:18, 19; Luk 8:14
Math. 13:8Mat 13:23; Mar 4:8; Luk 8:8
Math. 13:9Mat 11:15
Math. 13:10Mar 4:10, 11; Luk 8:9, 10
Math. 13:111Ko 2:9, 10; Efe 1:9-12; Kol 1:26, 27
Math. 13:12Mat 25:29; Mar 4:25; Luk 8:18
Math. 13:13Isay 6:10; Mar 4:12
Math. 13:14Joh 12:40; Rom 11:8; 2Ko 3:14
Math. 13:15Isay 6:9, 10; Mar 4:12; IzE 28:26, 27
Math. 13:16Luk 10:23, 24
Math. 13:17Joh 8:56; Efe 3:5; 1Pe 1:10
Math. 13:18Mar 4:14; Luk 8:11
Math. 13:191Pe 5:8
Math. 13:19Mar 4:15; Luk 8:12
Math. 13:20Mar 4:16, 17; Luk 8:13
Math. 13:22Luk 12:22
Math. 13:22Mat 6:21; Mar 4:18, 19; 10:23; Luk 8:14; 1Ti 6:9; 2Ti 4:10
Math. 13:23Mar 4:20; Luk 8:15
Math. 13:28Mat 13:38, 39
Math. 13:30IsA 14:15
Math. 13:31Mar 4:30-32; Luk 13:18, 19
Math. 13:33Luk 13:21
Math. 13:34Mar 4:33, 34
Math. 13:35IHu 78:2
Math. 13:38Mat 24:14; Rom 10:18; Kol 1:6
Math. 13:38Joh 8:44
Math. 13:40Mat 13:30
Math. 13:42Mat 13:30
Math. 13:43Hlu 5:31
Math. 13:44Flp 3:7
Math. 13:46Flp 3:8
Math. 13:48Lev 11:9
Math. 13:48Lev 11:12
Math. 13:54Mat 2:23
Math. 13:54Mar 6:1-6
Math. 13:55Luk 4:22; Joh 6:42
Math. 13:55Mat 12:46; Joh 2:12; IzE 1:14; 1Ko 9:5; Gal 1:19
Math. 13:56Joh 7:15
Math. 13:571Pe 2:7, 8
Math. 13:57Mar 6:4; Luk 4:24; Joh 4:44
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
  • 39
  • 40
  • 41
  • 42
  • 43
  • 44
  • 45
  • 46
  • 47
  • 48
  • 49
  • 50
  • 51
  • 52
  • 53
  • 54
  • 55
  • 56
  • 57
  • 58
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Mathewu 13:1-58

NgokukaMathewu

13 Ngalolo suku uJesu wasuka kuleyo ndlu, wahlala ngasolwandle. 2 Isixuku esikhulu sabuthanela kuye, waze wagibela esikebheni wahlala phansi, sonke isixuku simi ogwini. + 3 Wasitshela izinto eziningi esebenzisa imifanekiso, + wathi: “Bhekani! Kwaphuma umhlwanyeli eyohlwanyela. + 4 Njengoba ehlwanyela, enye imbewu yawela eceleni kwendlela, kwafika izinyoni zayidla zayiqeda. + 5 Enye yawela endaweni enamadwala eyayingenayo inhlabathi eningi, yamila ngokushesha ngenxa yokuthi inhlabathi yayingajulile. + 6 Kodwa lapho ilanga liphuma, yahanguka yabuna ngoba yayingenampande. 7 Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa. + 8 Kanti enye yawela enhlabathini ekahle yaqala ukuthela, enye izikhathi ezingu-100, enye ezingu-60, nenye ezingu-30. + 9 Onezindlebe makalalele.” +

10 Ngakho abafundi beza bathi kuye: “Kungani ukhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso?” + 11 Waphendula wathi: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele + zoMbuso wamazulu, kodwa bona abakunikwanga. 12 Ngoba noma ubani onakho, uyonikwa okwengeziwe futhi uyoba nokuningi; kodwa noma ubani ongenakho, ngisho nalokho anakho uyokuphucwa. + 13 Yingakho ngikhuluma nabo ngokusebenzisa imifanekiso; ngoba bayabheka kodwa ababoni, bayezwa kodwa abalaleli, futhi abawutholi umqondo. + 14 Isiprofetho sika-Isaya siyagcwaliseka kubo. Sithi: ‘Impela niyozwa kodwa anisoze nawuthola umqondo wako, impela niyobheka kodwa anisoze nabona. + 15 Ngoba inhliziyo yalaba bantu ibe lukhuni, nangezindlebe zabo bazwile bangasabela, bavale amehlo abo ukuze bangalokothi babone ngamehlo abo futhi bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngezinhliziyo zabo babuye, mina ngibaphulukise.’ +

16 “Nokho, ayajabula amehlo enu ngoba ayabona, nezindlebe zenu ngoba ziyezwa. + 17 Ngiqinisile ngithi kini, abaprofethi abaningi nabantu abalungile babefisa ukubona izinto enizibonayo kodwa abazibonanga, + nokuzwa izinto enizizwayo kodwa abazizwanga.

18 “Manje lalelani umfanekiso womuntu owahlwanyela. + 19 Lapho noma ubani ezwa izwi loMbuso kodwa angawutholi umqondo walo, omubi + uyafika ahlwithe lokho obekuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe; lena yileyo ehlwanyelwe eceleni kwendlela. + 20 Kepha leyo ehlwanyelwe endaweni enamadwala, yilowo ozwa izwi futhi ngaso leso sikhathi alamukele ngenjabulo. + 21 Nokho imbewu ayinampande enhliziyweni yakhe kodwa uyaqhubeka isikhathi esithile, kuthi ngemva kokuba sekuvele usizi noma ukushushiswa ngenxa yezwi, akhubeke ngaso leso sikhathi. 22 Kepha lowo ohlwanyelwe phakathi kwameva, yilowo olizwayo izwi kodwa izinkathazo zokuphila *+ namandla engcebo akhohlisayo kuliminyanise izwi, lingatheli. + 23 Kepha lowo ohlwanyelwe enhlabathini ekahle, ngolizwayo izwi futhi awuthole umqondo walo, othelayo ngempela futhi akhiqize, lona ngokuphindwe izikhathi ezingu-100, lowo ezingu-60, lowaya ezingu-30.” +

24 Wabenzela omunye umfanekiso, wathi: “UMbuso wamazulu ungafaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe. 25 Ngesikhathi abantu besalele, isitha sakhe safika sahlwanyela ukhula phakathi kukakolweni, sahamba. 26 Lapho ukolweni uhluma futhi uthela, khona-ke kwabonakala nokhula. 27 Ngakho izinceku zomninindlu zeza zathi kuye, ‘Nkosi, awuhlwanyelanga yini imbewu enhle ensimini yakho? Khona-ke kwenzeka kanjani ukuba ibe nokhula?’ 28 Wathi kuzo, ‘Lokhu kwenziwe yisitha, umuntu othile.’ + Izinceku zathi kuye, ‘Uyafuna yini ukuba siphume siyolubutha?’ 29 Wathi, ‘Cha, ukuze kungenzeki nangengozi ukuba ngesikhathi nibutha ukhula, nisiphule nokolweni kanye nalo. 30 Kuyekeni kukhule ndawonye kokubili kuze kube sekuvuneni, ngenkathi yokuvuna ngizotshela abavuni ngithi: Buthani ukhula kuqala nilubophe izinyanda ukuze lushiswe; bese nibuthela ukolweni enqolobaneni yami.’ ” +

31 Wabenzela omunye umfanekiso, wathi: “UMbuso wamazulu unjengohlamvu lwesinaphi, umuntu aluthatha walutshala ensimini yakhe. + 32 Eqinisweni, luyimbewu encane kunazo zonke, kodwa lapho selukhulile luba yisitshalo esikhulu kunazo zonke futhi luba yisihlahla, kangangokuthi izinyoni zezulu ziyafika zithole indawo yokuhlala phakathi kwamagatsha aso.”

33 Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “UMbuso wamazulu unjengemvubelo, owesifazane ayithatha wayifaka kufulawa oyizilinganiso ezintathu ezinkulu, kwaze kwaba yilapho yonke inhlama isibilile.” +

34 Zonke lezi zinto uJesu wazikhuluma ezixukwini ngemifanekiso. Ngempela, wayengakhulumi nazo ngaphandle komfanekiso, + 35 ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi owathi: “Ngizokhuluma ngemifanekiso; ngizomemezela izinto ebezifihlakele kusukela ekusungulweni kwezwe.” +

36 Ngemva kokuhambisa izixuku wangena endlini. Abafundi bakhe beza kuye bathi: “Sichazele umfanekiso wokhula ensimini.” 37 Waphendula wathi: “Umhlwanyeli wembewu enhle yiNdodana yomuntu; 38 insimu yizwe. + Imbewu enhle, ngabantwana boMbuso; ukhula ngabantwana bomubi, + 39 isitha esaluhlwanyela uDeveli. Ukuvuna yisiphelo sesimiso sezinto,* abavuni yizingelosi. 40 Ngakho-ke, njengoba nje ukhula lubuthwa futhi lushiswa ngomlilo, kuyoba njalo esiphelweni sesimiso sezinto. *+ 41 INdodana yomuntu iyothumela izingelosi zayo, zibuthe zikhiphe zonke izinto ezikhubekisayo eMbusweni wayo nabantu abenza okuphambene nomthetho, 42 zibaphonse esithandweni* somlilo. + Lapho yilapho beyokhala khona baququde amazinyo. 43 Ngaleso sikhathi abalungile bayokhanya ngokukhazimulayo njengelanga + eMbusweni kaYise. Onezindlebe makalalele.

44 “UMbuso wamazulu unjengomcebo ofihlwe esigangeni, otholwa umuntu bese eyawufihla; futhi ngenxa yenjabulo uyahamba ayothengisa konke anakho athenge leso siganga. +

45 “Futhi uMbuso wamazulu unjengomthengisi ohamba efuna amapharele amahle. 46 Lapho ethola ipharele elilodwa elibiza kakhulu, wahamba wathengisa masinyane zonke izinto ayenazo wayeselithenga. +

47 “Futhi uMbuso wamazulu unjengenethi elehliselwe olwandle, elibutha izinhlanzi zazo zonke izinhlobo. 48 Lapho seligcwele balihudulela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle + ezitsheni, kodwa ezingafanelekile + bazilahla. 49 Yileyo ndlela okuyoba ngayo esiphelweni sesimiso sezinto.* Izingelosi ziyophuma zihlukanise ababi kwabalungile 50 zibaphonse esithandweni somlilo. Lapho yilapho beyokhala khona baququde amazinyo.

51 “Ingabe niwutholile umqondo wazo zonke lezi zinto?” Bathi kuye: “Yebo.” 52 Khona-ke wathi kubo: “Uma kunjalo, wonke umuntu ofundisa umphakathi ofundiswe ngoMbuso wamazulu, unjengomuntu, umninindlu, okhipha emtatsheni wakhe wengcebo izinto ezintsha nezindala.”

53 Lapho uJesu eseyiqedile le mifanekiso wasuka lapho. 54 Ngemva kokuba esefike endaweni yangakubo + waqala ukubafundisa esinagogeni labo, kangangokuthi bakhexa futhi bathi: “Lo muntu ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nale misebenzi yamandla? + 55 Lo akayona yini indodana yombazi? + Unina akabizwa yini ngokuthi uMariya, nabafowabo ngokuthi oJakobe noJosefa noSimoni noJuda? + 56 Odadewabo, abekho yini bonke kanye nathi? Pho lo muntu uzithathephi zonke lezi zinto?” + 57 Ngakho bakhubeka ngenxa yakhe. + Kodwa uJesu wathi kubo: “Umprofethi uyahlonishwa kodwa hhayi endaweni yakubo nasendlini yakubo.” + 58 Ngakho akenzanga imisebenzi eminingi yamandla lapho ngenxa yokuntula kwabo ukholo.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela