IzAga
14 Owesifazane ohlakaniphe ngempela uyayakha indlu yakhe, +
Kodwa oyisiwula uyayidiliza ngezandla zakhe.
2 Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova,
Kodwa ozindlela zakhe zinobuqili* uyamedelela.
3 Inkulumo enokuzidla yesiwula ifana nenduku yokushaya umuntu,
Kodwa izindebe zabahlakaniphile ziyobavikela.
4 Lapho kungekho khona izinkomo umkhombe* awungcoli,
Kodwa amandla enkunzi enza kube nesivuno esiningi.
5 Ufakazi othembekile ngeke awaqambe amanga,
Kodwa ufakazi wamanga uphafuza amanga nje. +
6 Umhleki wosulu ufuna ukuhlakanipha kodwa akakutholi,
Kodwa umuntu onokuqonda uluthola kalula ulwazi. +
7 Hambela kude nomuntu oyisiphukuphuku,
Ngoba ngeke uluthole ulwazi ezindebeni zakhe. +
8 Ngokuhlakanipha okhaliphile uyayiqonda indlela ahamba kuyo,
9 Iziphukuphuku zikwenza ihlaya ukwenza icala, +
Kodwa phakathi kwabaqotho kukhona isifiso sokubuyisana.
10 Inhliziyo iyabazi ubuhlungu bayo,
Umuntu oseceleni ngeke ayiqonde injabulo yayo.
11 Indlu yabantu ababi iyobhujiswa, +
Kodwa itende labaqotho liyochuma.
13 Ngisho noma umuntu ehleka, inhliziyo yakhe ingaba sezinhlungwini,
Futhi injabulo ingaphetha ngosizi.
14 Ongathembekile enhliziyweni uyovuna imiphumela yezindlela zakhe, +
Kodwa umuntu omuhle uvuna umphumela wemisebenzi yakhe. +
15 Oyisiphukuphuku* ukukholwa konke akuzwayo,
Kodwa okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe. +
16 Ohlakaniphile uyacophelela afulathele okubi,
Kodwa oyisiphukuphuku wenza ngobudedengu* futhi uzethemba ngokweqile.
19 Abantu ababi kuyomelwe bakhothame phambi kwabalungile,
Nabantu abakhohlakele bayokhothama emasangweni abalungile.
21 Ozonda umakhelwane wakhe wenza isono,
Kodwa noma ubani ombonisa umusa ophansi uyajabula. +
22 Ngeke yini baphambuke labo abaceba okubi?
Kodwa labo abahlose ukwenza okuhle bayothola uthando oluqotho nokwethembeka. +
23 Kukhona inzuzo kuzo zonke izinhlobo zomsebenzi onzima,
Kodwa ukugcina ngokukhuluma nje kuholela ekusweleni. +
24 Umqhele wabahlakaniphile yingcebo yabo;
Kodwa ubuwula beziphukuphuku bungubuwula nje kuphela. +
25 Ufakazi weqiniso usindisa ukuphila,
Kodwa okhohlisayo uphafuza amanga nje.
26 Kukhona ukuqiniseka okukhulu kumuntu owesaba uJehova, +
Futhi kuyoba isiphephelo ezinganeni zakhe. +
27 Ukwesaba uJehova kungumthombo wokuphila,
Kwenza umuntu adede ezingibeni zokufa.
28 Abantu abaningi bangamandla enkosi, +
Kodwa umbusi ongenabo abantu ababusayo akalutho.
32 Omubi uyowiswa ububi bakhe,
Kodwa olungile uyothola isiphephelo ebuqothweni bakhe. +
33 Ukuhlakanipha kuhlala kuthule enhliziyweni yomuntu onokuqonda, +
Kodwa oyisiphukuphuku uhlale eqhosha ngezinto azaziyo.
34 Ukulunga kuphakamisa isizwe, +
Kodwa isono siyihlazo kubantu.