IzAga
3 Ngubuwula bomuntu obuhlanekezela indlela yakhe,
Nenhliziyo yakhe ifuthekela uJehova.
4 Umcebo uheha abangani abaningi,
Kodwa ompofu uyolahlwa ngisho nangumngani wakhe. +
6 Baningi abafuna umusa wesicukuthwane,*
Futhi wonke umuntu ungumngani womuntu onikana izipho.
Uyabalandela ebancenga, kodwa akekho osabelayo.
8 Noma ubani ozuza ukuhlakanipha* uzithanda yena. +
Noma ubani owazisa ukuqonda uyophumelela. *+
9 Ufakazi wamanga ngeke ayekwe angajeziswa,
Nophafuza amanga uyoshabalala. +
10 Ukunethezeka akumfaneli oyisiphukuphuku;
Kakhulu kangakanani-ke ukuba inceku ibuse izikhulu! +
11 Ukuqondisisa komuntu nakanjani kuyaludambisa ulaka lwakhe, +
12 Ulaka lwenkosi lunjengokugwavuma kwebhubesi, *+
Kodwa umusa wayo unjengamazolo ezintweni ezimilayo.
13 Indodana eyisiphukuphuku ilethela uyise ukuhlupheka, +
Nomfazi othanda ingxabano* unjengophahla olulokhu luvuze njalo. +
14 Umuzi nomcebo kuyifa elivela kobaba,
Kodwa umfazi onokuqonda uvela kuJehova. +
15 Ubuvila bubangela ubuthongo obujulile,
Umuntu oyivila uyobulawa indlala. +
19 Osheshe acasuke uyohlawula;
Uma uzama ukumsiza, kuyomelwe umsize njalo. +
22 Into efiselekayo kumuntu uthando lwakhe oluqotho; +
Kungcono ukuhlupheka kunokuba umqambimanga.
23 Ukwesaba uJehova kuholela ekuphileni; +
Umuntu omesabayo uyophumula kamnandi, angalinyazwa yilutho. +
24 Ivila lifaka isandla esitsheni,
Kodwa alizihluphi ngisho nangokusibuyisela emlonyeni walo. +
26 Ohlukumeza uyise futhi axoshe unina
Uyindodana ebanga amahloni nesihlamba. +
27 Ndodana yami, uma uyeka ukulalela isiyalo,
Uyophambuka endleleni yolwazi.