IzAga
9 Ukuhlakanipha kweqiniso kwakhe indlu yako;
Kuqophe izinsika zako eziyisikhombisa.
2 Kulungise inyama yako;
Kuxube iwayini lako;
Kudeke netafula lako.
3 Kuthume izinceku zako zesifazane
Ukuze zimemeze ziphezu kwezindawo eziphakeme zedolobha, zithi: +
4 “Noma ubani ongenalwazi, makangene lapha.”
Kontula ukuhlakanipha* kuthi:
5 “Woza udle isinkwa sami,
Uphuze nami iwayini engilixubile.
7 Olungisa umhleki wosulu uzibizela ukuhlazeka, +
Noma ubani osola omubi uyolimala.
8 Ungamsoli umhleki wosulu ngoba uyokuzonda. +
Sola umuntu ohlakaniphile, uyokuthanda. +
9 Nika ohlakaniphile ulwazi, uyohlakanipha nakakhulu. +
Fundisa olungile, uyokwenezela olwazini lwakhe.
11 Ngoba ukuhlakanipha kuyokwenza izinsuku zakho zibe ziningi, +
Kuyokwenezelwa iminyaka ekuphileni kwakho.
12 Uma uhlakanipha, nguwe osizakalayo,
Kodwa uma ungumhleki wosulu, uyobhekana wedwa nemiphumela.
13 Owesifazane oyisiphukuphuku unomsindo. +
Akanalo ulwazi futhi akazi lutho nhlobo.
14 Uhlala emnyango wendlu yakhe
Esihlalweni esisezindaweni eziphakeme zedolobha, +
15 Amemeze abadlulayo,
Labo abahamba endleleni yabo, athi:
16 “Noma ubani ongenalwazi, makangene lapha.”
Kwabantula ukuhlakanipha* uthi: +
17 “Amanzi ebiwe amtoti,
Nokudla okudliwa ekusithekeni kumnandi.” +