U-Isaya
1 Umbono owabonwa u-Isaya *+ indodana ka-Amozi ngokuphathelene noJuda neJerusalema ezinsukwini zika-Uziya, + uJothamu, + u-Ahazi + noHezekiya, + amakhosi akwaJuda: +
2 O mazulu yizwani, ulalele nawe mhlaba, +
Ngoba uJehova ukhulumile wathi:
3 Inkunzi imazi kahle umniniyo,
Nembongolo iwazi kahle umkhombe* womnikazi wayo;
Abantu bami abaziphathi ngokuqonda.”
5 Kukuphi lapho ungaphinde ushaywe khona, njengoba uqhubeka nokuvukela? +
Ikhanda liyagula,
Nenhliziyo inesifo. +
6 Akukho ndawo ephilile kusukela ematheni onyawo kuze kufike ekhanda.
7 Izwe lenu liyincithakalo.
Amadolobha enu ashiswe ngomlilo.
Abantu bezizwe badla izwe lenu khona kanye phambi kwenu. +
Linjengezwe eliyincithakalo eligumbuqelwe yizitha. +
8 Indodakazi yaseZiyoni isele njengompheme* ensimini yamagilebhisi,
Njengendlwana ensimini yamakhukhamba,
Njengedolobha elivinjezelwe. +
9 Ukube uJehova wamabutho akasishiyelanga abambalwa abasindile,
Besiyoba njengeSodoma,
Besiyofana neGomora. +
10 Yizwani izwi likaJehova, nina bomashiqela* baseSodoma. +
Lalelani umthetho* kaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora. +
11 “Ingizuzisa ngani imihlatshelo yenu eminingi?” + kusho uJehova.
“Isingicikile iminikelo yenu eshiswayo yezinqama + namanoni ezilwane ezikhuluphele, +
Angijabuli ngegazi + lezinkunzi + nelamawundlu nelezimbuzi. +
13 Ningabe nisaletha eminye iminikelo yokudla okusanhlamvu engasizi ngalutho.
Impepho yenu ngiyayenyanya. +
Ukwethwasa kwenyanga, + amasabatha, + ukubizwa kwemihlangano +
—Angikwazi ukukubekezelela ukusetshenziswa kwemilingo + kanye nomhlangano onesizotha.
14 Ngikuzondile ukwethwasa kwenyanga nemikhosi yenu.
Sekuwumthwalo osindayo kimi;
Ngikhathele ukukuthwala.
15 Lapho nelula izandla zenu,
Ngiyanifihlela amehlo ami. +
17 Fundani ukwenza okuhle, funani ubulungisa, +
Khuzani umcindezeli,
Lwelani amalungelo entandane,
Melani udaba lomfelokazi.” +
18 “Wozani, manje, masilungise izindaba phakathi kwethu,” kusho uJehova. +
“Nakuba izono zenu zibomvu klebhu,
Zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa; +
Nakuba zibomvu njengendwangu ebomvu okwegazi,
Zizoba njengoboya bezimvu.
19 Uma nivuma futhi nilalela,
Nizodla okuhle kwezwe. +
21 Yeka indlela idolobha elalithembekile + eseliyisifebe ngayo! +
23 Izikhulu zakho zinenkani futhi zingabangani bamasela. +
Yileso naleso kuzo sithanda isifumbathiso nezipho. +
Aziyenzeli ubulungisa intandane,
Azinandaba nokusingatha icala lomfelokazi. +
24 Ngakho-ke iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,
OnaMandla ka-Israyeli, uthi:
“Ngizozisusa eduze kwami izitha zami,
Ngizoziphindiselela ezitheni zami. +
25 Ngizokujezisa,
Ngizowancibilikisa aphele amanyela akho njengokungathi ngensipho yokuhlanza,
Ngizokususa konke ukungcola kwakho. +
26 Ngizobuyisela abahluleli bakho njengasekuqaleni,
Nabeluleki bakho njengasekuqaleni +
Ngemva kwalokho uyobizwa ngokuthi iDolobha Lokulunga, iDolobhana Elithembekile. +
27 IZiyoni liyokhululwa ngobulungisa, +
Abantu balo ababuyayo bakhululwe ngokulunga.
29 Ngoba bayoba namahloni ngezihlahla ezinkulu enanizifisa, +
30 Ngoba niyoba njengesihlahla esikhulu esinamaqabunga abunayo, +
Nanjengensimu engenamanzi.
31 Indoda enamandla iyoba utshani obomile,*
Nomsebenzi wayo ube yinhlansi yomlilo;
Kokubili kuyogqamuka amalangabi kanyekanye,
Kungekho muntu ozokucisha.”