Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Johane 17
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Johane Okuphakathi

      • Umthandazo kaJesu wokugcina enabaphostoli bakhe (1-26)

        • Ukwazi uNkulunkulu kusho ukuphila okuphakade (3)

        • AmaKristu awayona ingxenye yezwe (14-16)

        • “Izwi lakho liyiqiniso” (17)

        • “Ngibazisile igama lakho” (26)

Johane 17:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 12:23; 13:31, 32

Johane 17:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “isintu; abantu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Flp 2:9, 10
  • +Joh 4:14; 6:27
  • +Joh 6:37

Johane 17:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ukuba bafunde ngawe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 10:25-28
  • +1Jo 5:20
  • +Efe 4:11, 13; 2Pe 3:18

Johane 17:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 13:31
  • +Joh 4:34

Johane 17:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 1:1; 8:58; Kol 1:15

Johane 17:6

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Ngilibonakalisile.”

  • *

    Noma, “balilalelile.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 22:22; IzE 15:14; Heb 2:12

Johane 17:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 6:68; 8:28; 12:49; 14:10
  • +Joh 16:27
  • +Joh 16:30

Johane 17:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 16:15

Johane 17:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nobunye.”

  • *

    Noma, “sinobunye.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 13:1
  • +1Pe 1:5; Jud 24
  • +Joh 10:30; 17:21

Johane 17:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 6:39; 10:28
  • +Joh 18:9
  • +Mar 14:21
  • +IHu 41:9; 109:8; IzE 1:20

Johane 17:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 15:11

Johane 17:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 15:19; Jak 4:4

Johane 17:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 6:13; 2Th 3:3; 1Jo 5:18

Johane 17:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Kol 1:13
  • +Joh 18:36

Johane 17:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Benze bahluke; Benze babe ngcwele.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Efe 5:25, 26; 1Th 5:23; 2Th 2:13; 1Pe 1:22
  • +IHu 12:6; 119:151, 160

Johane 17:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 20:21

Johane 17:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 12:5; 1Ko 1:10; Gal 3:28
  • +Joh 10:38; 14:10

Johane 17:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 14:20; 17:11; 1Jo 3:24

Johane 17:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ukuze bapheleliswe ekubeni munye.”

Johane 17:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 22:28-30; 1Th 4:17
  • +Joh 17:5

Johane 17:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 8:55; 15:21
  • +Mat 11:27

Johane 17:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 6:9; Joh 17:6
  • +Joh 15:9

Okunye

Joh. 17:1Joh 12:23; 13:31, 32
Joh. 17:2Flp 2:9, 10
Joh. 17:2Joh 4:14; 6:27
Joh. 17:2Joh 6:37
Joh. 17:3Luk 10:25-28
Joh. 17:31Jo 5:20
Joh. 17:3Efe 4:11, 13; 2Pe 3:18
Joh. 17:4Joh 13:31
Joh. 17:4Joh 4:34
Joh. 17:5Joh 1:1; 8:58; Kol 1:15
Joh. 17:6IHu 22:22; IzE 15:14; Heb 2:12
Joh. 17:8Joh 6:68; 8:28; 12:49; 14:10
Joh. 17:8Joh 16:27
Joh. 17:8Joh 16:30
Joh. 17:10Joh 16:15
Joh. 17:11Joh 13:1
Joh. 17:111Pe 1:5; Jud 24
Joh. 17:11Joh 10:30; 17:21
Joh. 17:12Joh 6:39; 10:28
Joh. 17:12Joh 18:9
Joh. 17:12Mar 14:21
Joh. 17:12IHu 41:9; 109:8; IzE 1:20
Joh. 17:13Joh 15:11
Joh. 17:14Joh 15:19; Jak 4:4
Joh. 17:15Mat 6:13; 2Th 3:3; 1Jo 5:18
Joh. 17:16Kol 1:13
Joh. 17:16Joh 18:36
Joh. 17:17Efe 5:25, 26; 1Th 5:23; 2Th 2:13; 1Pe 1:22
Joh. 17:17IHu 12:6; 119:151, 160
Joh. 17:18Joh 20:21
Joh. 17:21Rom 12:5; 1Ko 1:10; Gal 3:28
Joh. 17:21Joh 10:38; 14:10
Joh. 17:22Joh 14:20; 17:11; 1Jo 3:24
Joh. 17:24Luk 22:28-30; 1Th 4:17
Joh. 17:24Joh 17:5
Joh. 17:25Joh 8:55; 15:21
Joh. 17:25Mat 11:27
Joh. 17:26Mat 6:9; Joh 17:6
Joh. 17:26Joh 15:9
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Johane 17:1-26

NgokukaJohane

17 UJesu wakhuluma lezi zinto, ngemva kwalokho waphakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, ihora selifikile. Khazimulisa indodana yakho ukuze indodana yakho ikukhazimulise, + 2 njengoba uyinike igunya phezu kwayo yonke inyama, *+ ukuze ibanike ukuphila okuphakade + bonke oyinike bona. + 3 Lokhu kusho ukuphila okuphakade, + ukuba bakwazi,* wena owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, + nalowo omthumile, uJesu Kristu. + 4 Ngikukhazimulisile emhlabeni, + njengoba ngiwuqedile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze. + 5 Ngakho manje Baba ngikhazimulise, mangibe seceleni kwakho, ngibe nenkazimulo enganginayo eceleni kwakho ngaphambi kokuba izwe libe khona. +

6 “Ngibazisile* igama lakho abantu onginike bona ezweni. + Babengabakho, wanginika bona, futhi baligcinile* izwi lakho. 7 Manje sebeyazi ukuthi zonke izinto onginike zona zivela kuwe; 8 ngoba amazwi owanginika wona ngibanike wona, + bawamukele, futhi sebeyazi ngokuqinisekile ukuthi ngeza njengommeleli wakho + futhi baye bakholwa ukuthi ungithumile. + 9 Ngicelela bona; angiceleli izwe, kodwa ngicelela labo onginike bona, ngoba bangabakho; 10 zonke izinto zami zingezakho nezakho zingezami, + futhi ngikhazinyulisiwe phakathi kwabo.

11 “Angisekho ezweni, kodwa bona basezweni + kanti mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, babheke + ngenxa yegama lakho engibambulele lona, ukuze babe munye* njengoba nje nathi simunye. *+ 12 Lapho ngisenabo ngangibaqapha + ngenxa yegama lakho engibambulele lona; futhi ngibavikelile, akekho noyedwa kubo obhubhile + ngaphandle kwendodana yokubhubha, + ukuze kugcwaliseke umbhalo. + 13 Kodwa manje ngiza kuwe, futhi ngikhuluma lezi zinto ezweni, ukuze bayizwe ngokugcwele injabulo enginayo. + 14 Ngibanike izwi lakho, kodwa izwe libazondile ngoba bengeyona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.

15 “Angikuceli ukuba ubakhiphe ezweni, kodwa ukuba ubabheke ngenxa yomubi. + 16 Abayona ingxenye yezwe, + njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe. + 17 Bangcwelise* ngeqiniso; + izwi lakho liyiqiniso. + 18 Njengoba nje wangithuma ezweni, nami ngibathuma ezweni. + 19 Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.

20 “Angiceleli laba kuphela, kodwa nalabo ababa nokholo kimi ngenxa yokushumayela kwabo, 21 ukuze bonke babe munye, + njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, + ukuba nabo babe munye nathi, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile. 22 Ngibanikile inkazimulo onginike yona, ukuze babe munye njengoba nje nathi simunye. + 23 Mina ngimunye nabo, nawe umunye nami, ukuze babe munye ngokuphelele,* ukuze izwe lazi ukuthi ungithumile nokuthi ubathandile njengoba nje nami ungithandile. 24 Baba, ngifisa ukuthi labo onginike bona, babe nami lapho ngikhona, + ukuze babone inkazimulo yami onginike yona ngoba wangithanda ngaphambi kokusungulwa kwezwe. + 25 Baba olungile, ngempela izwe alizange likwazi, + kodwa mina ngiyakwazi, + nalaba sebeyazi ukuthi ungithumile. 26 Ngibazisile igama lakho futhi ngizolenza laziwe, + ukuze uthando ongithande ngalo lube kubo nami ngibe munye nabo.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela