Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Johane 10
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Johane Okuphakathi

      • Umalusi nezibaya (1-21)

        • UJesu ungumalusi omuhle (11-15)

        • “Nginezinye izimvu” (16)

      • AmaJuda ahlangana noJesu eMkhosini Wokunikezela (22-39)

        • AmaJuda amaningi ayenqaba ukukholwa (24-26)

        • “Izimvu zami ziyalilalela izwi lami” (27)

        • INdodana imunye noYise (30, 38)

      • Abaningi ngaphesheya kweJordani bayakholwa (40-42)

Johane 10:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 7:15

Johane 10:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:31; Mar 14:27; Joh 10:11

Johane 10:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 1:17; Joh 3:28
  • +Joh 10:27

Johane 10:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 14:6

Johane 10:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 21:17

Johane 10:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 7:15

Johane 10:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngomphefumulo wakhe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hez 34:23; Mat 9:36
  • +1Sa 17:34, 35; Mat 20:28; Heb 13:20

Johane 10:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 10:27

Johane 10:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngomphefumulo wami.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 11:27
  • +Mat 20:28; Joh 15:13; 1Jo 3:16

Johane 10:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 12:32
  • +Hez 34:23; 37:24; 1Pe 5:4

Johane 10:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngomphefumulo wami.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 17:23
  • +Isay 53:12; Flp 2:8; Heb 2:9; 12:2

Johane 10:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 2:23, 24

Johane 10:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 12:51; Joh 7:12; 9:16

Johane 10:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 3:11

Johane 10:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 3:2; 5:36; 10:38; 14:10; IzE 2:22

Johane 10:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 8:47

Johane 10:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 10:3

Johane 10:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 5:24; 17:1, 2
  • +Joh 6:37; 18:9

Johane 10:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Pe 1:4, 5

Johane 10:30

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “sinobunye.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 10:38; 17:11, 21

Johane 10:33

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 24:16

Johane 10:34

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Ninjengonkulunkulu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 82:6; 1Ko 8:5

Johane 10:35

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 82:1

Johane 10:36

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 1:35; Joh 5:18

Johane 10:38

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 5:36
  • +Joh 14:10; 17:21

Johane 10:40

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 1:28

Johane 10:41

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 1:29

Okunye

Joh. 10:1Mat 7:15
Joh. 10:2Mat 26:31; Mar 14:27; Joh 10:11
Joh. 10:3Luk 1:17; Joh 3:28
Joh. 10:3Joh 10:27
Joh. 10:7Joh 14:6
Joh. 10:9Joh 21:17
Joh. 10:10Mat 7:15
Joh. 10:11Hez 34:23; Mat 9:36
Joh. 10:111Sa 17:34, 35; Mat 20:28; Heb 13:20
Joh. 10:14Joh 10:27
Joh. 10:15Mat 11:27
Joh. 10:15Mat 20:28; Joh 15:13; 1Jo 3:16
Joh. 10:16Luk 12:32
Joh. 10:16Hez 34:23; 37:24; 1Pe 5:4
Joh. 10:17Joh 17:23
Joh. 10:17Isay 53:12; Flp 2:8; Heb 2:9; 12:2
Joh. 10:18IzE 2:23, 24
Joh. 10:19Luk 12:51; Joh 7:12; 9:16
Joh. 10:23IzE 3:11
Joh. 10:25Joh 3:2; 5:36; 10:38; 14:10; IzE 2:22
Joh. 10:26Joh 8:47
Joh. 10:27Joh 10:3
Joh. 10:28Joh 5:24; 17:1, 2
Joh. 10:28Joh 6:37; 18:9
Joh. 10:291Pe 1:4, 5
Joh. 10:30Joh 10:38; 17:11, 21
Joh. 10:33Lev 24:16
Joh. 10:34IHu 82:6; 1Ko 8:5
Joh. 10:35IHu 82:1
Joh. 10:36Luk 1:35; Joh 5:18
Joh. 10:38Joh 5:36
Joh. 10:38Joh 14:10; 17:21
Joh. 10:40Joh 1:28
Joh. 10:41Joh 1:29
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
  • 39
  • 40
  • 41
  • 42
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Johane 10:1-42

NgokukaJohane

10 “Ngiqinisile impela ngithi kini, ongangeni ngesango esibayeni sezimvu kodwa akhwele udonga, uyisela nomphangi. + 2 Kodwa ongena ngesango ungumalusi wezimvu. + 3 Umlindisango uyamvulela, + nezimvu ziyalilalela izwi lakhe. + Ubiza izimvu zakhe ngamagama aziholele ngaphandle. 4 Lapho esezikhiphe zonke ezakhe, uhamba phambi kwazo, nezimvu zimlandele, ngoba ziyalazi izwi lakhe. 5 Azisoze zasilandela isihambi kodwa ziyosibalekela, ngoba azilazi izwi lezihambi.” 6 UJesu wenza lokhu kuqhathanisa kubo, kodwa bona abazange bakuqonde lokho ayekusho kubo.

7 Ngakho uJesu waphinde wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, mina ngiyisango lezimvu. + 8 Bonke abeze esikhundleni sami bangamasela nabaphangi; kodwa izimvu azibalalelanga. 9 Mina ngiyisango; noma ubani ongena ngami uyosindiswa, futhi uyongena aphinde aphume athole idlelo. + 10 Isela alizi ngaphandle kokuba lihlose ukweba nokubulala nokubhubhisa. + Mina ngizele ukuba zibe nokuphila futhi zibe nakho ngokuchichimayo. 11 Mina ngingumalusi omuhle; + umalusi omuhle unikela ukuphila kwakhe* ngenxa yezimvu. + 12 Umuntu oqashiwe, ongeyena umalusi wangempela futhi okungezona ezakhe izimvu, ubona impisi iza azishiye izimvu abaleke—impisi iyazihlwitha izihlakaze— 13 ngoba uqashiwe futhi akanandaba nezimvu. 14 Mina ngingumalusi omuhle. Ngiyazazi izimvu zami nezimvu zami ziyangazi, + 15 njengoba nje uBaba engazi nami ngiyamazi uBaba; + futhi nginikela ukuphila kwami* ngenxa yezimvu. +

16 “Nginezinye izimvu, ezingezona ezalesi sibaya; + nazo kumele ngizilethe, zilalele izwi lami, futhi ziyoba mhlambi munye, nomalusi munye. + 17 Yingakho uBaba engithanda, + ngoba nginikela ukuphila kwami *+ ukuze ngiphinde ngikwamukele. 18 Akekho okuthathayo kimi, kodwa ngikunikela ngokusuka kimi. Nginegunya lokukunikela, futhi nginegunya lokuphinde ngikwamukele. + Lo myalo ngawamukela kuBaba.”

19 Kwaphinde kwaba nokuhlukana phakathi kwamaJuda + ngenxa yala mazwi. 20 Amaningi ayethi: “Unedemoni futhi uyahlanya. Nimlalelelani?” 21 Amanye athi: “Lawa akuwona amazwi omuntu onedemoni. Idemoni alinakuwavula amehlo ezimpumputhe, akunjalo?”

22 Ngaleso sikhathi kwaba noMkhosi Wokunikezela eJerusalema. Kwakuyisikhathi sasebusika, 23 futhi uJesu wayehamba endaweni yethempeli ebizwa ngokuthi ‘uMpheme kaSolomoni.’ + 24 Ngakho amaJuda amzungeza athi kuye: “Kuyoze kube nini ulokhu usenza singaqiniseki? Uma unguKristu, sitshele ngokucacile.” 25 UJesu wawaphendula: “Nganitshela kodwa anikholwa. Imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba, yona iyafakaza ngami. + 26 Kodwa anikholwa ngoba anizona izimvu zami. + 27 Izimvu zami ziyalilalela izwi lami, nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela. + 28 Ngizinika ukuphila okuphakade, + futhi azisoze zabhubha nanini, akukho muntu oyozihlwitha esandleni sami. + 29 Lokho uBaba anginike khona kukhulu kunazo zonke ezinye izinto, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. + 30 Mina noBaba simunye.” *+

31 AmaJuda aphinda futhi athatha amatshe ukuze amshaye ngawo. 32 UJesu wathi kuwo: “Nginibonise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba. Yimuphi kuleyo misebenzi eningikhanda ngamatshe ngenxa yawo?” 33 AmaJuda amphendula athi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle kodwa ngenxa yokuhlambalaza; + ngoba nakuba ungumuntu, uzenza unkulunkulu.” 34 UJesu wawaphendula wathi: “Akulotshiwe yini eMthethweni wenu ukuthi, ‘Ngathi: “Ningonkulunkulu” ’? *+ 35 Uma ababiza ngokuthi ‘onkulunkulu’ + labo okwafika izwi likaNkulunkulu lamelana nabo—futhi imibhalo ingenakwenziwa ize— 36 ingabe nisho kimi, lowo uBaba amngcwelisa futhi wamthumela ezweni, ukuthi, ‘Wena uyahlambalaza,’ ngoba ngithe, ‘ngiyiNdodana kaNkulunkulu’? + 37 Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, ningangikholwa. 38 Kodwa uma ngenza yona, ngisho noma ningangikholwa mina, kholwani yimisebenzi, + ukuze nazi futhi niqhubeke nazi ukuthi uBaba nami simunye, nami ngimunye noBaba.” + 39 Ngakho aphinde azama ukumbamba kodwa waphunyuka.

40 Waphinde wahamba waya ngaphesheya kweJordani endaweni uJohane ayebhapathizela kuyo ekuqaleni, + wahlala lapho. 41 Abantu abaningi beza kuye bathi: “UJohane akenzanga ngisho nesisodwa isibonakaliso, kodwa zonke izinto uJohane azisho ngalo muntu zaziyiqiniso.” + 42 Ngakho abaningi lapho baba nokholo kuye.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela