IzAga
20 Iwayini lingumhleki wosulu, + utshwala bukwenza ungalawuleki; +
Noma ubani ophambukiswa yilezi zinto akahlakaniphile. +
2 Njengokugwavuma kwebhubesi,* inkosi yenza abantu besabe kakhulu; +
Noma ubani ovusa intukuthelo yayo, ubeka ukuphila kwakhe engozini. +
5 Imicabango* yenhliziyo yomuntu injengamanzi ajulile,
Kodwa umuntu onokuqonda uyayikhipha.
6 Abantu abaningi bathi banothando oluqotho,
Kodwa ubani ongathola umuntu othembekile?
7 Olungile uhamba ebuqothweni bakhe. +
Ziyajabula izingane* zakhe eziza ngemva kwakhe. +
8 Lapho inkosi ihlala esihlalweni sokwahlulela ukuze yahlulele, +
Ngamehlo ayo iyakwazi ukuhlunga bonke ububi. +
12 Indlebe ezwayo neso elibonayo
—Kokubili kwenziwe uJehova. +
13 Ungabuthandi ubuthongo ukuze ungabi mpofu. +
Vula amehlo akho, uyokwaneliswa isinkwa. +
14 “Kubi, kubi!” kusho umthengi;
Ube esehamba aziqhayise. +
16 Thatha ingubo yomuntu uma enze isiqinisekiso sokuthi uzosikhokha isikweletu sesihambi; +
Thatha isibambiso kuye uma enze kanjalo endabeni yowesifazane wesinye isizwe. +
17 Isinkwa esizuzwe ngenkohliso simnandi kumuntu,
Kodwa kamuva umlomo wakhe uyogcwala isihlabathi. +
20 Noma ubani oqalekisa uyise nonina,
Isibani sakhe siyocinywa lapho kufika ubumnyama. +
21 Ifa elitholwa ngobugovu ekuqaleni
Ngeke libe isibusiso ekugcineni. +
22 Ungasho ukuthi: “Ngizobuyisela ngokubi!” +
Thembela kuJehova, + uyokusindisa. +
23 Izisindo ezinganembile* ziyanengeka kuJehova,
Nezikali ezikhohlisayo azizinhle.
25 Kuwugibe ngomuntu ukuba aphahluke athi, “Kungcwele!” +
Bese ngemva kokwenza isifungo aqale ukucabanga ngaso. +
26 Inkosi ehlakaniphile ihlunga abantu ababi +
Bese ibagaya ngesondo lesihlibhi sokubhula ukudla okusanhlamvu. +
27 Umoya umuntu awuphefumulayo uyisibani sikaJehova,
Uhlola ingaphakathi lakhe.