IzAga
2 UJehova uyamamukela umuntu omuhle,
Kodwa uyamlahla umuntu wamacebo amabi. +
3 Umuntu ngeke azenze alondeke ngokwenza okubi, +
Kodwa abalungile abasoze basishulwe.
4 Umfazi onekhono ungumqhele kumyeni wakhe, +
Kodwa umfazi owenza ngokuhlazisayo unjengokubola emathanjeni omyeni wakhe. +
5 Imicabango yabalungile ingubulungisa,
Kodwa isiqondiso sababi siyinkohliso.
7 Lapho ababi begumbuqelwa ababe besaba khona,
Kodwa indlu yabalungile iyohlala imile. +
8 Umuntu uyadunyiswa ngenxa yomlomo wakhe onokuqonda, +
Kodwa onenhliziyo esontekile uyokwedelelwa. +
10 Olungile unakekela izilwane zakhe ezifuywayo, +
Kodwa ngisho nesihe sababi sinesihluku.
11 Olima umhlabathi wakhe uyokwaneliswa ukudla, +
Kodwa ogijimisa izinto ezingenamsebenzi untula ukuhlakanipha.*
12 Omubi ufisa lokho okubanjwe abanye abantu ababi,
Kodwa impande yabalungile iveza izithelo.
13 Umuntu omubi ubanjwa inkulumo yakhe enesono, +
Kodwa olungile uyaphunyuka osizini.
14 Umuntu waneliswa okuhle okuvela esithelweni senkulumo* yakhe, +
Uyothola umvuzo ngomsebenzi wezandla zakhe.
17 Ofakaza ngokwethembeka uyokhuluma iqiniso,*
Kodwa ufakazi wamanga ukhuluma inkohliso.
18 Inkulumo engacatshangiwe injengokuhlaba kwenkemba,
Kodwa ulimi lwabahlakaniphile luyaphilisa. +
21 Akukho lutho olulimazayo oluyokwehlela olungile, +
Kodwa ukuphila kwababi kuyogcwala izinhlekelele. +
22 Izindebe eziqamba amanga ziyanengeka kuJehova, +
Kodwa abenza ngokwethembeka bayamjabulisa.
23 Umuntu onokuqonda uyakufihla akwaziyo,
Kodwa enhliziyweni yesiphukuphuku kuphuma ubuwula. +
26 Olungile uhlola amadlelo akhe,
Kodwa indlela yababi ibenza banhlanhlathe.
27 Ivila aliyizingeli inyamazane, +
Kodwa ukukhuthala kuyingcebo eyigugu kumuntu.
28 Indlela yokulunga iholela ekuphileni; +
Endleleni yako akukho ukufa.