uJobe
19 UJobe waphendula wathi:
4 Uma kuwukuthi ngilenzile ngempela iphutha,
Iphutha lami liyohlale lingelami.
5 Uma niqhubeka nokungibukela phansi,
Nithi isihlamba sami singifanele,
6 Yazini ukuthi nguNkulunkulu ongidukisile,
Ungibambe ngenethi lakhe lokuzingela.
7 Bhekani! Ngilokhu ngikhale njalo, ngithi, ‘Ubudlova!’ kodwa angitholi mpendulo; +
Ngilokhu ngikhalela usizo, kodwa abukho ubulungisa. +
8 Indlela yami uyivimbe ngodonga lwamatshe, angikwazi ukudlula;
Umboze izindlela zami ngobumnyama. +
9 Ungiphuce inkazimulo yami,
Wasusa umqhele ekhanda lami.
10 Ungichoboza nxazonke ngize ngishabalale;
Ithemba lami ulisiphula njengesihlahla.
11 Intukuthelo yakhe iyangivuthela,
Ungibheka njengesitha sakhe. +
12 Amabutho akhe ayahlangana angivimbezele,
Amise amatende azungeze itende lami.
13 Abafowethu ubaxoshile wabayisa kude nami,
Nabangaziyo bangifulathele. +
15 Izivakashi emzini wami + nezigqilakazi zami zingibheka njengomuntu oyisihambi;
Ngiyisifiki emehlweni azo.
16 Ngibiza inceku yami, kodwa ayiphenduli;
Ngomlomo wami ngiyincenga ukuba ingibonise uzwela.
17 Umoya wami usuyenyanyeka kumkami, +
Futhi ngiyiphunga elibi kubafowethu.
18 Ngisho nezingane ezincane azinginaki;
Uma ngisukuma, ziyangidelela.
20 Amathambo ami anamathela esikhunjeni nasenyameni yami, +
Ngisinde sengibangwa nezibi.
21 Ngiboniseni umusa bangani bami, ngiboniseni umusa,
Ngoba isandla sikaNkulunkulu uqobo singithintile. +
23 Ukube nje amazwi ami abebhalwe phansi,
Ukube abengabhalwa encwadini!
24 Ukube nje abeqoshwe edwaleni kuze kube phakade,
Ngothi lokuloba lwensimbi nangomthofu!
26 Ngemva kokuba isikhumba sami sesivithikile,
Ngiyombona uNkulunkulu ngisaphila,
27 Lowo engiyozibonela yena mathupha,
Lowo amehlo ami uqobo ayombona, hhayi awomunye umuntu. +
Kodwa ngaphakathi ekujuleni kimi ngiphela amandla.*
28 Ngoba nina nithi, ‘Simshushisa kanjani?’ +
Njengokungathi yimina umnyombo wenkinga.