Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Genesise 39
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Genesise Okuphakathi

      • UJosefa endlini kaPotifari (1-6)

      • UJosefa wenqaba ukulala nomkaPotifari (7-20)

      • UJosefa usejele (21-23)

Genesise 39:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 105:17; IzE 7:9
  • +Gen 37:36
  • +Gen 17:20; 37:25

Genesise 39:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 8:31; Heb 13:6

Genesise 39:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 30:27

Genesise 39:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 2:24; 20:3, 6; IHu 51:Umbhalo ongenhla-19; Mar 10:7, 8; Heb 13:4

Genesise 39:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 105:17, 18

Genesise 39:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 40:2, 3; IHu 105:19; IzE 7:9

Genesise 39:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 39:6

Genesise 39:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 49:22, 25; IzE 7:9, 10

Okunye

Gen. 39:1IHu 105:17; IzE 7:9
Gen. 39:1Gen 37:36
Gen. 39:1Gen 17:20; 37:25
Gen. 39:2Rom 8:31; Heb 13:6
Gen. 39:5Gen 30:27
Gen. 39:9Gen 2:24; 20:3, 6; IHu 51:Umbhalo ongenhla-19; Mar 10:7, 8; Heb 13:4
Gen. 39:20IHu 105:17, 18
Gen. 39:21Gen 40:2, 3; IHu 105:19; IzE 7:9
Gen. 39:22Gen 39:6
Gen. 39:23Gen 49:22, 25; IzE 7:9, 10
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Genesise 39:1-23

Genesise

39 UJosefa wehliselwa eGibhithe, + umGibhithe ogama lakhe linguPotifari, + isikhulu segceke sikaFaro, induna yonogada, wamthenga kwabakwa-Ishmayeli + ababemehlisele khona. 2 Kodwa uJehova wayenoJosefa. + Ngenxa yalokho, waphumelela waphathiswa indlu yenkosi yakhe, umGibhithe. 3 Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova wayenaye nokuthi konke ayekwenza uJehova wayekuphumelelisa.

4 UJosefa waqhubeka ethola umusa kuyo, waba inceku yayo. Ngakho yammisa ukuba aphathe indlu yayo, yamphathisa konke okwakungokwayo. 5 Kusukela ngesikhathi eyammisa ngaso ukuba aphathe indlu yayo nokuba aphathe konke okwakungokwayo, uJehova waqhubeka eyibusisa indlu yalo mGibhithe ngenxa kaJosefa, isibusiso sikaJehova saba phezu kwakho konke ayenakho endlini nasensimini. + 6 Ekugcineni wabeka uJosefa kuzo zonke izinto zakhe ukuba azinakekele; futhi wayengacabangi ngalutho ngaphandle kokudla ayekudla. Ngaphezu kwalokho, uJosefa wakhula waba nomzimba omuhle futhi waba muhle.

7 Umkankosi yakhe waqala ukubuka uJosefa, wathi: “Lala nami.” 8 Kodwa wenqaba wathi kumkankosi yakhe: “Inkosi yami ayazi ukuthi yini enami endlini, ingiphathise konke enakho ukuba ngikunakekele. 9 Akekho omkhulu kunami kule ndlu, ayingigodlelanga lutho neze ngaphandle kwakho, ngoba ungumkayo. Pho ngingabenza kanjani lobu bubi obukhulu kangaka ngone kuNkulunkulu?” +

10 Ngakho wayekhuluma noJosefa usuku nosuku, kodwa akazange avume ukulala naye noma ukuba naye. 11 Ngolunye usuku lapho engena endlini eyokwenza umsebenzi wakhe, kwakungekho neyodwa yezinceku endlini. 12 Umkankosi wambamba ngengubo, wathi: “Lala nami!” Kodwa uJosefa wayishiya esandleni sakhe ingubo yakhe wabalekela ngaphandle. 13 Kwathi nje lapho umkankosi ebona ukuthi wayeshiye ingubo yakhe esandleni sakhe wabalekela ngaphandle, 14 waqala ukumemeza amadoda endlu yakhe ethi kuwo: “Bhekani! Usilethele le ndoda engumHebheru ukuba isenze inhlekisa. Ize kimi ukuze ilale nami, kodwa ngaqala ukumemeza ngalo lonke izwi lami. 15 Kuthe lapho izwa ngiphakamisa izwi ngimemeza, yashiya ingubo yayo eceleni kwami yabalekela ngaphandle.” 16 Ngemva kwalokho wabeka ingubo kaJosefa eceleni kwakhe kwaze kwaba yilapho inkosi yakhe ifika endlini yayo.

17 Wabe eseyitshela into efanayo, wathi: “Le nceku engumHebheru osilethele yona ize kimi izongenza inhlekisa. 18 Kodwa kuthe lapho ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, yashiya ingubo yayo eceleni kwami yabalekela ngaphandle.” 19 Ngemva nje kokuba inkosi yakhe izwe amazwi umkayo awakhuluma kuyo, ethi: “Yilezi izinto inceku yakho ezenze kimi,” intukuthelo yayo yavutha. 20 Ngakho inkosi kaJosefa yamthatha yamfaka ejele, endaweni lapho iziboshwa zenkosi zazigcinwa khona ziboshiwe, wahlala ejele. +

21 Kodwa uJehova waqhubeka enoJosefa embonisa uthando oluqotho, emenza nokuba athole umusa esikhulwini esiyinhloko sejele. + 22 Ngakho isikhulu esiyinhloko sejele sabeka uJosefa phezu kwazo zonke iziboshwa ezazisejele, konke ezazikwenza lapho, kwakunguye owayekuyaleza. + 23 Isikhulu esiyinhloko sejele sasinganakekeli lutho nhlobo olwalunakekelwa uJosefa, ngoba uJehova wayenoJosefa futhi uJehova wayephumelelisa noma yini ayeyenza. +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela