Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Johane 13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Johane Okuphakathi

      • UJesu ugeza izinyawo zabafundi bakhe (1-20)

      • UJesu udalula uJuda njengomkhapheli (21-30)

      • Umyalo omusha (31-35)

        • “Uma nithandana” (35)

      • Ukuphika kukaPetru kuyabikezelwa (36-38)

Johane 13:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:2; Joh 12:23; 17:1
  • +Joh 16:28; 17:11
  • +Joh 15:9; Efe 5:2; 1Jo 3:16

Johane 13:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 22:3, 4; Joh 13:27
  • +Mat 26:14-16, 24; Mar 14:10, 11

Johane 13:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 16:28

Johane 13:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Flp 2:5-7

Johane 13:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 6:11; Efe 5:25, 26; Tit 3:5; Heb 10:22

Johane 13:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 6:64

Johane 13:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 23:8

Johane 13:14

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nani nibophekile ukuba.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 22:27
  • +Mat 20:26, 27; Luk 9:48; 22:26; Rom 12:10; 1Pe 5:5

Johane 13:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Flp 2:5; 1Pe 2:21; 1Jo 2:6

Johane 13:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 7:24, 25; Luk 11:28; Jak 1:25

Johane 13:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “ungiphakamisele isithende sakhe.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 17:12
  • +IHu 41:9; Mat 26:23

Johane 13:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 14:29; 16:4

Johane 13:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 25:40
  • +Mat 10:40

Johane 13:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:21; Mar 14:18; Luk 22:21; Joh 6:70

Johane 13:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:22; Luk 22:23

Johane 13:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “esifubeni.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 19:26; 20:2

Johane 13:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 21:20

Johane 13:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:23

Johane 13:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 22:3, 4

Johane 13:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 12:4-6

Johane 13:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:20

Johane 13:31

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 12:23

Johane 13:32

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 17:1

Johane 13:33

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 7:34; 8:21

Johane 13:34

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 15:9
  • +Lev 19:18; Joh 15:12; 1Th 4:9; Jak 2:8; 1Pe 1:22; 1Jo 3:14

Johane 13:35

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 13:8; 1Ko 13:8, 13; 1Jo 4:20

Johane 13:36

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 14:3

Johane 13:37

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:33; Mar 14:29; Luk 22:33

Johane 13:38

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 26:34; Mar 14:30; Luk 22:34; Joh 18:27

Okunye

Joh. 13:1Mat 26:2; Joh 12:23; 17:1
Joh. 13:1Joh 16:28; 17:11
Joh. 13:1Joh 15:9; Efe 5:2; 1Jo 3:16
Joh. 13:2Luk 22:3, 4; Joh 13:27
Joh. 13:2Mat 26:14-16, 24; Mar 14:10, 11
Joh. 13:3Joh 16:28
Joh. 13:4Flp 2:5-7
Joh. 13:81Ko 6:11; Efe 5:25, 26; Tit 3:5; Heb 10:22
Joh. 13:11Joh 6:64
Joh. 13:13Mat 23:8
Joh. 13:14Luk 22:27
Joh. 13:14Mat 20:26, 27; Luk 9:48; 22:26; Rom 12:10; 1Pe 5:5
Joh. 13:15Flp 2:5; 1Pe 2:21; 1Jo 2:6
Joh. 13:17Mat 7:24, 25; Luk 11:28; Jak 1:25
Joh. 13:18Joh 17:12
Joh. 13:18IHu 41:9; Mat 26:23
Joh. 13:19Joh 14:29; 16:4
Joh. 13:20Mat 25:40
Joh. 13:20Mat 10:40
Joh. 13:21Mat 26:21; Mar 14:18; Luk 22:21; Joh 6:70
Joh. 13:22Mat 26:22; Luk 22:23
Joh. 13:23Joh 19:26; 20:2
Joh. 13:25Joh 21:20
Joh. 13:26Mat 26:23
Joh. 13:27Luk 22:3, 4
Joh. 13:29Joh 12:4-6
Joh. 13:30Mat 26:20
Joh. 13:31Joh 12:23
Joh. 13:32Joh 17:1
Joh. 13:33Joh 7:34; 8:21
Joh. 13:34Joh 15:9
Joh. 13:34Lev 19:18; Joh 15:12; 1Th 4:9; Jak 2:8; 1Pe 1:22; 1Jo 3:14
Joh. 13:35Rom 13:8; 1Ko 13:8, 13; 1Jo 4:20
Joh. 13:36Joh 14:3
Joh. 13:37Mat 26:33; Mar 14:29; Luk 22:33
Joh. 13:38Mat 26:34; Mar 14:30; Luk 22:34; Joh 18:27
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Johane 13:1-38

NgokukaJohane

13 Njengoba ayazi ngaphambi komkhosi wePhasika ukuthi ihora lakhe lase lifikile + lokuba ahambe kuleli zwe aye kuYise, + uJesu ebathandile abakhe abasezweni, wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. + 2 Isidlo sakusihlwa sasisaqhubeka, uDeveli wayesekufakile enhliziyweni kaJuda Iskariyothe, + indodana kaSimoni, ukuba amkhaphele. + 3 Ngakho uJesu azi ukuthi uYise wayenikele zonke izinto ezandleni zakhe nokuthi wayevela kuNkulunkulu futhi wayeya kuNkulunkulu, + 4 wasukuma esidlweni sakusihlwa wabeka eceleni izingubo zakhe zangaphandle. Wathatha ithawula, walibhinca okhalweni. + 5 Ngemva kwalokho wafaka amanzi endishini yokugeza waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngethawula ayelibhincile. 6 Wafika kuSimoni Petru. Yena wathi kuye: “Nkosi, wena ungigeza izinyawo?” 7 UJesu wamphendula wathi: “Lokhu engikwenzayo awukuqondi manje, kodwa uzokuqonda ngemva kwalezi zinto.” 8 UPetru wathi kuye: “Ngokuqinisekile awusoze wangigeza izinyawo.” UJesu wamphendula wathi: “Ngaphandle kokuba ngikugeze, + awunasabelo nami.” 9 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, ungangigezi izinyawo kuphela, kodwa nezandla nekhanda.” 10 UJesu wathi kuye: “Ogezile akadingi okungaphezu kokuba agezwe izinyawo, kodwa umzimba wakhe wonke uhlanzekile. Nina nihlanzekile, kodwa hhayi nonke.” 11 Ngoba wayemazi umuntu omkhaphelayo. + Yingakho athi: “Anihlanzekile nonke.”

12 Lapho esezigezile izinyawo zabo futhi esegqoke izingubo zakhe zangaphandle, waphinde wahlala etafuleni, wayesethi kubo: “Niyakuqonda yini lokhu engikwenze kini? 13 Ningibiza ngokuthi ‘Mfundisi,’ nangokuthi ‘Nkosi,’ futhi niqinisile, ngoba ngiyikho. + 14 Ngakho-ke, uma mina, iNkosi noMfundisi, nginigeze izinyawo, + nani kufanele* nigezane izinyawo. + 15 Ngoba nginibekela isibonelo, sokuthi njengoba nje ngenzile kini, nani nenze kanjalo. + 16 Ngiqinisile impela ngithi kini, inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nalowo othunyiwe akamkhulu kunalowo omthumile. 17 Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza. + 18 Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethile. Kodwa lokhu kwenzeke ukuze lo mbhalo ugcwaliseke: + ‘Lowo owayedla isinkwa sami ungiphendukele.’ *+ 19 Kusukela manje kuqhubeke, nginitshela ngaphambi kokuba kwenzeke, ukuze kuthi lapho kwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye. + 20 Ngiqinisile impela ngithi kini, lowo owamukela noma ubani engimthumayo uyangamukela nami, + nalowo ongamukelayo, wamukela naLowo ongithumile.” +

21 Ngemva kokusho lezi zinto, uJesu wakhathazeka emoyeni, futhi wafakaza wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, omunye kini uzongikhaphela.” + 22 Abafundi babhekana bodwa, bedidekile ukuthi ukhuluma ngobani. + 23 Omunye wabafundi, lowo uJesu ayemthanda, + wayehlezi eduze* kukaJesu. 24 Ngakho-ke uSimoni Petru wakhomba lona ngekhanda wathi kuye: “Sitshele ukuthi ukhuluma ngobani.” 25 Ngakho yena wancika esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani?” + 26 UJesu waphendula wathi: “Yilowo engizomnika lolu cezu lwesinkwa engilugcobhozayo.” + Ngakho, ngemva kokugcobhoza isinkwa, wasithatha wasinika uJuda, indodana kaSimoni Iskariyothe. 27 Ngemva kokuba uJuda eseluthathile ucezu lwesinkwa, uSathane wangena kuye. + Ngakho uJesu wathi kuye: “Lokho okwenzayo, kwenze masinyane.” 28 Nokho, akekho noyedwa kulabo ababehlezi etafuleni owazi ukuthi kungani esho lokhu kuye. 29 Eqinisweni, abanye babecabanga ukuthi, njengoba uJuda ayephatha ibhokisi lemali, + uJesu wayemtshela ukuthi, “Thenga izinto esizidingela umkhosi,” noma ukuthi kwakufanele anike abampofu okuthile. 30 Ngakho, ngemva kokwamukela ucezu lwesinkwa, waphuma masinyane. Kwakusebusuku. +

31 Lapho esephumile, uJesu wathi: “Manje iNdodana yomuntu iyakhazinyuliswa, + noNkulunkulu uyakhazinyuliswa ngayo. 32 UNkulunkulu uzoyikhazimulisa ngokwakhe, + futhi uzoyikhazimulisa masinyane. 33 Bantwanyana, ngisenani okwesikhashana. Nizongifuna; futhi njengoba nje ngasho kumaJuda ngithi, ‘Lapho ngiya khona anikwazi ukuza,’ + ngiyakusho nakini manje. 34 Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, + ukuba nani nithandane. + 35 Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.” +

36 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uyaphi?” UJesu waphendula: “Lapho ngiya khona awukwazi ukungilandela okwamanje, kodwa uyolandela kamuva.” + 37 UPetru wathi kuye: “Nkosi, kungani ngingenakukwazi ukukulandela manje? Ngizodela ukuphila kwami ngenxa yakho.” + 38 UJesu waphendula: “Uzodela ukuphila kwakho ngenxa yami? Ngiqinisile impela ngithi kuwe, ngaphambi kokuba iqhude likhale, uzongiphika kathathu.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela