Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 9
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Mathewu Okuphakathi

      • UJesu welapha okhubazekile (1-8)

      • UJesu ubiza uMathewu (9-13)

      • Umbuzo mayelana nokuzila ukudla (14-17)

      • Indodakazi kaJayiru; owesifazane uthinta ingubo kaJesu yangaphandle (18-26)

      • UJesu welapha abayizimpumputhe noyisimungulu (27-34)

      • Umsebenzi wokuvuna mkhulu kodwa izisebenzi zimbalwa (35-38)

Mathewu 9:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 4:13; Mar 2:1

Mathewu 9:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 2:3-12; Luk 5:18-26

Mathewu 9:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 2:24, 25

Mathewu 9:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 2:9

Mathewu 9:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 2:10, 11; Luk 5:24; Joh 5:8

Mathewu 9:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 2:14; Luk 5:27, 28

Mathewu 9:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ehlezi etafuleni.”

  • *

    Noma, “bahlala etafuleni.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 2:15-17; Luk 5:29-32

Mathewu 9:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 7:39; 15:2; 19:7

Mathewu 9:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 5:31

Mathewu 9:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzA 21:3; Hos 6:6; Mat 12:7

Mathewu 9:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 2:18-20; Luk 5:33-35

Mathewu 9:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 22:2
  • +Mat 26:2

Mathewu 9:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 2:21, 22; Luk 5:36-39

Mathewu 9:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Lezi zigubhu zazenziwe ngesikhumba.

Mathewu 9:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 5:22-24; Luk 8:41, 42; Joh 11:25

Mathewu 9:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “umphetho.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Lev 15:25
  • +Mar 5:25-34; 6:56; Luk 8:43-48

Mathewu 9:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 10:52; Luk 7:50; 17:19; 18:42
  • +Joh 4:53

Mathewu 9:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 5:38-43; Luk 8:52-56

Mathewu 9:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 11:11

Mathewu 9:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 9:27
  • +Luk 8:55

Mathewu 9:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 20:30

Mathewu 9:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 14:9, 10

Mathewu 9:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 20:34

Mathewu 9:30

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 42:2; Mat 12:15, 16; Mar 1:44, 45; 7:35, 36

Mathewu 9:32

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 12:22; Luk 11:14

Mathewu 9:33

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 15:31
  • +Mar 2:12

Mathewu 9:34

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 12:24; Mar 3:22; Luk 11:15

Mathewu 9:35

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 4:23

Mathewu 9:36

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 14:14; Heb 4:15
  • +Num 27:16, 17; 1Kh 22:17; Hez 34:5; Mar 6:34

Mathewu 9:37

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 10:2; Joh 4:35

Mathewu 9:38

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 10:14

Okunye

Math. 9:1Mat 4:13; Mar 2:1
Math. 9:2Mar 2:3-12; Luk 5:18-26
Math. 9:4Joh 2:24, 25
Math. 9:5Mar 2:9
Math. 9:6Mar 2:10, 11; Luk 5:24; Joh 5:8
Math. 9:9Mar 2:14; Luk 5:27, 28
Math. 9:10Mar 2:15-17; Luk 5:29-32
Math. 9:11Luk 7:39; 15:2; 19:7
Math. 9:12Luk 5:31
Math. 9:13IzA 21:3; Hos 6:6; Mat 12:7
Math. 9:14Mar 2:18-20; Luk 5:33-35
Math. 9:15Mat 22:2
Math. 9:15Mat 26:2
Math. 9:16Mar 2:21, 22; Luk 5:36-39
Math. 9:18Mar 5:22-24; Luk 8:41, 42; Joh 11:25
Math. 9:20Lev 15:25
Math. 9:20Mar 5:25-34; 6:56; Luk 8:43-48
Math. 9:22Mar 10:52; Luk 7:50; 17:19; 18:42
Math. 9:22Joh 4:53
Math. 9:23Mar 5:38-43; Luk 8:52-56
Math. 9:24Joh 11:11
Math. 9:25Mar 9:27
Math. 9:25Luk 8:55
Math. 9:27Mat 20:30
Math. 9:28IzE 14:9, 10
Math. 9:29Mat 20:34
Math. 9:30Isay 42:2; Mat 12:15, 16; Mar 1:44, 45; 7:35, 36
Math. 9:32Mat 12:22; Luk 11:14
Math. 9:33Mat 15:31
Math. 9:33Mar 2:12
Math. 9:34Mat 12:24; Mar 3:22; Luk 11:15
Math. 9:35Mat 4:23
Math. 9:36Mat 14:14; Heb 4:15
Math. 9:36Num 27:16, 17; 1Kh 22:17; Hez 34:5; Mar 6:34
Math. 9:37Luk 10:2; Joh 4:35
Math. 9:38Rom 10:14
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Mathewu 9:1-38

NgokukaMathewu

9 Ngakho wagibela esikebheni, wawelela ngaphesheya waya edolobheni lakubo. + 2 Bheka! baletha kuye indoda ekhubazekile ilele ohlakeni. Lapho ebona ukholo lwabo, uJesu wathi kokhubazekile: “Ungakhathazeki, mntwana! Izono zakho zithethelelwe.” + 3 Abathile kubabhali bacabanga: “Lo muntu uyahlambalaza.” 4 UJesu, eyazi imicabango yabo, wathi: “Kungani nicabanga izinto ezimbi ezinhliziyweni zenu? + 5 Ngokwesibonelo, yikuphi okulula, ukuthi, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uhambe’? + 6 Nokho, ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya emhlabeni lokuthethelela izono—” wathi kokhubazekile: “Vuka uthathe uhlaka lwakho, uhambe uye ekhaya.” + 7 Wavuka waya ekhaya. 8 Lapho izixuku zibona lokhu, zafikelwa ukwesaba, zakhazimulisa uNkulunkulu, owanika abantu igunya elinjalo.

9 Ngemva kwalokho, esuka lapho, uJesu wabona umuntu okuthiwa uMathewu ehlezi ehhovisi lentela, wathi kuye: “Yiba umlandeli wami.” Nangempela wasukuma wamlandela. + 10 Kamuva, lapho edla* endlini, bheka! kweza abaqoqi bentela abaningi nezoni badla* noJesu nabafundi bakhe. + 11 Kodwa lapho bebona lokhu, abaFarisi bathi kubafundi bakhe: “Kungani umfundisi wenu edla nabaqoqi bentela nezoni?” + 12 Lapho ebezwa, wathi: “Abantu abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. + 13 Khona-ke, hambani niyofunda ukuthi kusho ukuthini lokhu: ‘Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.’ + Ngoba ngizele ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungile.”

14 Abafundi bakaJohane beza kuye babuza: “Kungani thina nabaFarisi sizila ukudla kodwa abafundi bakho bona bengakuzili ukudla?” + 15 UJesu wathi kubo: “Abangani bomkhwenyana abanaso isizathu sokulila uma nje umkhwenyana + esenabo, akunjalo? Kodwa kuyofika izinsuku lapho umkhwenyana eyosuswa kubo, + khona-ke bayokuzila ukudla. 16 Akekho umuntu othungela isichibi sendwangu entsha engutsheni yangaphandle endala, ngoba isichibi esisha siyayidonsa ingubo endala idabuke kakhulu. + 17 Abantu abalifaki iwayini elisha ezigujini* ezindala zewayini. Uma benza kanjalo, izigubhu zewayini ziyaqhuma, iwayini lichitheke nezigubhu zewayini zonakale. Kodwa abantu bafaka iwayini elisha ezigujini ezintsha zewayini, kulondolozeke kokubili.”

18 Esabatshela lezi zinto, umbusi othile weza kuye wamkhothamela, wathi: “Indodakazi yami kumele ukuba manje isifile, kodwa woza uzobeka isandla sakho kuyo, izophila.” +

19 Khona-ke uJesu wasukuma, kanye nabalandeli bakhe, wamlandela. 20 Owesifazane owayesehlushwe umopho iminyaka engu-12 + weza ngasemuva, wathinta insephe* yengubo yakhe yangaphandle; + 21 ngoba wayelokhu ezitshela ukuthi: “Uma nje ngingathinta ingubo yakhe yangaphandle, ngizokwelapheka.” 22 UJesu waphenduka, lapho embona, wathi: “Ungesabi, ndodakazi! Ukholo lwakho lukuphilisile.” + Kusukela kulelo hora owesifazane welapheka. +

23 Lapho efika endlini yombusi futhi ebona ababeshaya imitshingo nesixuku siphithizela, + 24 uJesu wathi: “Sukani lapha ngoba intombazanyana ayifile, ilele.” + Khona-ke bamhleka usulu. 25 Ngokushesha nje lapho isixuku sesikhishelwe ngaphandle, wangena wabamba isandla sayo, + intombazanyana yavuka. + 26 Njengokulindelekile, le ndaba yasakazeka kuso sonke leso sifunda.

27 Njengoba uJesu ayedlula esuka lapho, izimpumputhe ezimbili + zamlandela, zimemeza zithi: “Yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide.” 28 Ngemva kokuba esengene endlini, lezi zimpumputhe zeza kuye, uJesu wayesezibuza: “Ninalo yini ukholo lokuthi ngingakwenza lokhu?” + Zamphendula: “Yebo, Nkosi.” 29 Khona-ke wathinta amehlo azo, + wathi: “Makwenzeke kini ngokokholo lwenu.” 30 Amehlo azo abona. Ngaphezu kwalokho, uJesu wazidonsa ngendlebe, wathi: “Qaphelani ukuba kungazi muntu ngakho.” + 31 Kodwa seziphumele ngaphandle, zatshela abanye ngaye kuso sonke leso sifunda.

32 Lapho sebehamba, abantu bamlethela umuntu oyisimungulu onedemoni; + 33 ngemva kokuba idemoni selixoshiwe, umuntu oyisimungulu wakhuluma. + Nokho, izixuku zamangala zathi: “Akukaze kubonwe okunje kwa-Israyeli.” + 34 Kodwa abaFarisi babethi: “Uxosha amademoni ngombusi wamademoni.” +

35 UJesu wathatha uhambo oluya kuwo wonke amadolobha nemizi, efundisa emasinagogeni abo eshumayela izindaba ezinhle zoMbuso, elapha yonke inhlobo yesifo nayo yonke inhlobo yobuthakathaka. + 36 Lapho ebona izixuku wafikelwa isihawu ngazo, + ngoba zazihlukumezekile futhi zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi. + 37 Wabe esethi kubafundi bakhe: “Ngempela, umsebenzi wokuvuna mkhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. + 38 Ngakho, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela