U-Isaya
2 Yilokhu u-Isaya indodana ka-Amozi akubona ngokuphathelene noJuda neJerusalema: +
2 Ezinsukwini zokugcina,*
Intaba yendlu kaJehova
Iyomiswa iqine ibe ngaphezu kweziqongo zezintaba, +
Iyophakanyiswa ngaphezu kwamagquma,
Zonke izizwe ziyothutheleka kuyo. +
3 Izizwe eziningi ziyohamba zithi:
“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova,
Endlini kaNkulunkulu kaJakobe. +
Uzosifundisa izindlela zakhe,
Sihambe ezindleleni zakhe.” +
4 Uyokhipha isahlulelo phakathi kwezizwe
Alungise izindaba ngokuqondene nabantu bezizwe eziningi.
Ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja
Nemikhonto yazo ibe ngocelemba. +
Izizwe ngeke ziphakamiselane inkemba,
Ngeke zisayifunda impi. +
5 O nina ndlu kaJakobe, wozani,
Masihambe ekukhanyeni kukaJehova. +
6 Nkulunkulu, ubashiyile abantu bakho, indlu kaJakobe, +
Ngoba balandela amasiko amaningi aseMpumalanga;
Benza imilingo + njengamaFilisti,
Phakathi kwabo kugcwele inzalo yabantu bezinye izizwe.
7 Izwe labo ligcwele isiliva negolide,
Nengcebo yabo ayipheli.
Izwe labo ligcwele amahhashi,
Nezinqola zabo ziningi. +
8 Izwe labo ligcwele onkulunkulu abangasizi ngalutho. +
Bakhothamela umsebenzi wezandla zabo,
Lokho okwenziwe yiminwe yabo.
9 Umuntu uyakhothama, uyazehlisa,
Ngeke neze ubaxolele.
10 Ngena edwaleni ucashe othulini
Ngenxa yolaka lukaJehova olwesabekayo
Nokukhazimula kwakhe okukhulu. +
NguJehova kuphela oyophakanyiswa ngalolo suku.
12 Ngoba luwusuku lukaJehova wamabutho. +
Luyofikela wonke umuntu oqhoshayo noziphakamisayo,
Luyofikela wonke umuntu, noma ngabe uphakeme noma uphansi, +
13 Luyofikela yonke imisedari yaseLebhanoni emide nephakeme
Nazo zonke izihlahla ze-oki zaseBhashani,
14 Zonke izintaba eziphakeme
Nawo wonke amagquma aphakeme,
15 Yonke imibhoshongo ephakeme nazo zonke izindonga eziqinile,
16 Yonke imikhumbi yaseTharishishi +
Nazo zonke izikebhe ezinhle.
17 Umuntu oziqhenyayo uyothotshiswa,
Nabantu abaqhoshayo bayothotshiswa.
NguJehova kuphela oyophakanyiswa ngalolo suku.
18 Onkulunkulu abangasizi ngalutho bayoshabalala ngokuphelele. +
19 Abantu bayongena emihumeni yamadwala
Nasemigodini esemhlabathini, +
Ngenxa yolaka lukaJehova olwesabekayo
Nokukhazimula kwakhe okukhulu, +
Lapho ephakama ukuze athuthumelise umhlaba.
20 Ngalolo suku abantu bayothatha onkulunkulu babo besiliva nonkulunkulu babo begolide abangasizi ngalutho
Abazenzele bona ukuze babakhothamele
Babaphonse kongoso* nasemalulwaneni, +
21 Ukuze bangene emigodini esemadwaleni
Nasemifantwini yamadwala,
Ngenxa yolaka lukaJehova olwesabekayo
Nangenxa yokukhazimula kwakhe okukhulu,
Lapho ephakama ukuze enze umhlaba uthuthumele.
22 Ngenxa yokuphila kwenu, yekani ukuthembela kumuntu,
Owumoya nje osemakhaleni akhe.*
Uzonizuzisa ngani?