Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 16
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Mathewu Okuphakathi

      • Isicelo sokuvezelwa isibonakaliso (1-4)

      • Imvubelo yabaFarisi nabaSadusi (5-12)

      • Izihluthulelo zoMbuso (13-20)

        • Ibandla lakhiwa edwaleni (18)

      • Ukufa kukaJesu kuyabikezelwa (21-23)

      • Ukuba umfundi weqiniso (24-28)

Mathewu 16:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 12:38; Mar 8:11; Luk 11:16

Mathewu 16:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nesingathembekile.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:12
  • +Jon 1:17; Mat 12:39; Luk 11:29

Mathewu 16:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:13-21

Mathewu 16:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:15; Luk 12:1

Mathewu 16:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 14:17

Mathewu 16:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “bomphako.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 15:34

Mathewu 16:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 12:1

Mathewu 16:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:27-29; Luk 9:18-20

Mathewu 16:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 14:1, 2
  • +Joh 1:25, 26

Mathewu 16:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:29; Luk 9:20; Joh 1:40, 41; 4:25; 11:27
  • +IHu 2:7; Mat 14:33; IzE 9:20, 22; Heb 1:2; 1Jo 4:15

Mathewu 16:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngumuntu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 11:27

Mathewu 16:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 1:42
  • +Rom 9:33; 1Ko 3:11; 10:4; Efe 2:20; 1Pe 2:6-8

Mathewu 16:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:29, 30; Luk 9:20, 21

Mathewu 16:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 16:10; Isay 53:12; Mat 17:22, 23; 20:18, 19; Mar 8:31; Luk 9:22; 24:46; 1Ko 15:3, 4

Mathewu 16:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:32

Mathewu 16:23

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:33

Mathewu 16:24

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 10:38; Mar 8:34; Luk 9:23; 14:27

Mathewu 16:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:35; Luk 9:24; 17:33; Joh 12:25; IsA 12:11

Mathewu 16:26

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mar 8:36; Luk 9:25
  • +IHu 49:8

Mathewu 16:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 62:12; IzA 24:12; Luk 9:26; Rom 2:6; 1Pe 1:17

Mathewu 16:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 17:2; Mar 9:1; Luk 9:27

Okunye

Math. 16:1Mat 12:38; Mar 8:11; Luk 11:16
Math. 16:4Mar 8:12
Math. 16:4Jon 1:17; Mat 12:39; Luk 11:29
Math. 16:5Mar 8:13-21
Math. 16:6Mar 8:15; Luk 12:1
Math. 16:9Mat 14:17
Math. 16:10Mat 15:34
Math. 16:11Luk 12:1
Math. 16:13Mar 8:27-29; Luk 9:18-20
Math. 16:14Mat 14:1, 2
Math. 16:14Joh 1:25, 26
Math. 16:16Mar 8:29; Luk 9:20; Joh 1:40, 41; 4:25; 11:27
Math. 16:16IHu 2:7; Mat 14:33; IzE 9:20, 22; Heb 1:2; 1Jo 4:15
Math. 16:17Mat 11:27
Math. 16:18Joh 1:42
Math. 16:18Rom 9:33; 1Ko 3:11; 10:4; Efe 2:20; 1Pe 2:6-8
Math. 16:20Mar 8:29, 30; Luk 9:20, 21
Math. 16:21IHu 16:10; Isay 53:12; Mat 17:22, 23; 20:18, 19; Mar 8:31; Luk 9:22; 24:46; 1Ko 15:3, 4
Math. 16:22Mar 8:32
Math. 16:23Mar 8:33
Math. 16:24Mat 10:38; Mar 8:34; Luk 9:23; 14:27
Math. 16:25Mar 8:35; Luk 9:24; 17:33; Joh 12:25; IsA 12:11
Math. 16:26Mar 8:36; Luk 9:25
Math. 16:26IHu 49:8
Math. 16:27IHu 62:12; IzA 24:12; Luk 9:26; Rom 2:6; 1Pe 1:17
Math. 16:28Mat 17:2; Mar 9:1; Luk 9:27
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Mathewu 16:1-28

NgokukaMathewu

16 AbaFarisi nabaSadusi beza kuye ukuze bamvivinye, bamcela ukuba abavezele isibonakaliso esivela ezulwini. + 2 Ephendula wathi kubo: “Uma kuhwalala nithi, ‘Izulu lizoba lihle, ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo,’ 3 ekuseni nithi, ‘Namuhla izulu lizobanda, libe nemvula ngoba isibhakabhaka sibomvu njengomlilo kodwa liguqubele.’ Niyakwazi ukuchaza ukubonakala kwesibhakabhaka, kodwa aniyiqondi incazelo yezenzakalo ezenzeka manje. 4 Isizukulwane esibi nesiphingayo* siyaqhubeka sifuna isibonakaliso, kodwa akukho sibonakaliso esizonikwa sona + ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona.” + Ngemva kwalokho wahamba, wabashiya.

5 Manje abafundi bawelela ngaphesheya bakhohlwa ukuphatha izinkwa. + 6 UJesu wathi kubo: “Hlalani nivule amehlo, niqaphele imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” + 7 Ngakho baqala ukukhuluma bebodwa, bethi: “Asiphathanga zinkwa.” 8 Ekwazi lokhu, uJesu wathi: “Kungani nixoxa nodwa ngokuthi aninazinkwa, nina eninokholo oluncane? 9 Anikaqondi namanje ukuthi ngithini, noma anisazikhumbuli izinkwa ezinhlanu ezadliwa abangu-5 000 nokuthi bangaki obhasikidi enababutha? + 10 Noma izinkwa eziyisikhombisa ezadliwa abangu-4 000 nokuthi bangaki obhasikidi abakhulu* enababutha? + 11 Kwenzeka kanjani ukuba ningaqondi ukuthi bengingakhulumi nani ngezinkwa? Kodwa qaphelani imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.” + 12 Khona-ke baqonda ukuthi wayengasho ukuthi baqaphele imvubelo yezinkwa, kodwa imfundiso yabaFarisi nabaSadusi.

13 Lapho esefike esifundeni saseKhesariya Filipi, uJesu wabuza abafundi bakhe wathi: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani?” + 14 Bathi: “Abanye bathi inguJohane uMbhapathizi, + abanye bathi ingu-Eliya, + kanti abanye bathi inguJeremiya noma ingomunye wabaprofethi.” 15 Wathi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani?” 16 USimoni Petru waphendula wathi: “UnguKristu, + iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” + 17 UJesu ephendula wathi kuye: “Uyajabula Simoni ndodana kaJona, ngoba lokhu awukwambulelwanga yinyama negazi,* kodwa ukwambulelwe nguBaba osemazulwini. + 18 Ngithi kuwe: Wena unguPetru, + phezu kwaleli dwala + ngizokwakha ibandla lami, amasango eThuna* ngeke alehlule. 19 Ngizokunika izihluthulelo zoMbuso wamazulu, noma yini ongase uyibophe emhlabeni iyobe isiboshiwe emazulwini, nanoma yini ongase uyikhulule emhlabeni iyobe isikhululiwe emazulwini.” 20 Khona-ke wabadonsa ngendlebe abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi unguKristu. +

21 Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, uJesu waqala ukuchazela abafundi bakhe ukuthi kwakumele aye eJerusalema, ahlupheke ngezinto eziningi ezivela emadodeni amadala nakubapristi abakhulu nakubabhali futhi abulawe, avuswe ngosuku lwesithathu. + 22 Khona-ke uPetru wambizela eceleni wamkhuza, ethi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi; ngeke neze lokhu kwenzeke kuwe.” + 23 Kodwa efulathela, wathi kuPetru: “Yana emva kwami, Sathane! Uyisikhubekiso kimi, ngoba awucabangi imicabango kaNkulunkulu, ucabanga eyabantu.” +

24 UJesu wabe esethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa* angilandele njalo. + 25 Ngoba noma ubani ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe kuyomlahlekela, kodwa noma ubani olahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yami uyosindiswa. + 26 Ngempela, kuyomsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke kodwa alahlekelwe ukuphila kwakhe? + Noma, yini umuntu angayikhipha ukuze athole ukuphila kwakhe? + 27 INdodana yomuntu iyoza ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi zayo, khona-ke iyobuyisela kulowo nalowo ngokokuziphatha kwakhe. + 28 Ngiqinisile ngithi kini kukhona abanye kulaba abami lapha abangeke bakunambithe nhlobo ukufa bengakayiboni iNdodana yomuntu iza eMbusweni wayo.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela