AmaHubo
Kumqondisi. ElikaDavide.
14 Isiwula* sithi enhliziyweni yaso:
“Akekho uJehova.” +
Izenzo zabo zonakele, imisebenzi yabo iyenyanyeka;
Akekho owenza okuhle. +
2 Kodwa uJehova ubheka phansi kubantwana babantu esezulwini
Ukuze abone ukuthi ukhona yini onokuqonda, ukuthi ukhona yini ofuna uJehova. +
3 Bonke baphambukile; +
Bonke bonakele ngokufanayo.
Akekho owenza okuhle,
Akekho ngisho noyedwa.
4 Akekho yini kwabenza okubi oqondayo?
Bashwabadela abantu bami njengokungathi badla isinkwa.
Abambizi uJehova.
5 Kodwa bayokwesaba kakhulu, +
Ngoba uJehova unesizukulwane sabalungile.
6 Nina abenza okubi nizama ukubhuntshisa amacebo ohluphekile,
Kodwa uJehova uyisiphephelo sakhe. +
7 O kwangathi insindiso ka-Israyeli ingavela eZiyoni! +
Lapho uJehova eqoqa abantu bakhe abathunjiwe ebabuyisa,
Makajabule uJakobe, makathokoze u-Israyeli.