AmaHubo
Ingoma. Ihubo lika-Asafa. +
83 O Nkulunkulu ungathuli; +
O Nkulunkulu, musa ukuhlala uthule ungenzi lutho.
3 Ngobuqili bakhela abantu bakho uzungu ekusithekeni;
Bakhela abantu bakho abayigugu* uzungu.
4 Bathi: “Wozani masisiqothule isizwe sakwa-Israyeli, +
Ukuze igama laso lingaphinde likhunjulwe.”
5 Bacebisana ngobunye;*
Bakhe umfelandawonye* ukuze balwe nawe +—
6 Abakwa-Edomi nabakwa-Ishmayeli,* uMowabi + namaHagiri, +
7 IGebhali no-Amoni, + no-Amaleki,
9 Yenza kubo lokho owakwenza kuMidiyani, +
Lokho owakwenza kuSisera nakuJabini emfudlaneni* waseKishoni. +
10 Baqothulwa e-Eni-dori; +
Baba njengomquba emhlabathini.
11 Izicukuthwane zabo zenze zibe njengo-Orebi noZebi +
Izikhulu zabo* uzenze zibe njengoZeba nanjengoZalmuna, +
12 Ngoba bathe: “Masizithathele izwe uNkulunkulu ahlala kulo.”
13 O Nkulunkulu wami, benze babe njengekhakhasi elipheshulwa yisivunguvungu, +
Njengezinhlanga ezipheshulwa umoya.
14 Njengomlilo oshisa ihlathi,
Njengelangabi elihangula izintaba, +
15 Kwangathi ungabajaha ngaleyo ndlela ngesiphepho sakho +
Ubesabise ngesivunguvungu sakho. +
16 Mboza* ubuso babo ngehlazo,
Ukuze bafune igama lakho Jehova.