Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Mathewu 25
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Mathewu Okuphakathi

      • ISIBONAKALISO SOKUBA KHONA KUKAKRISTU (1-46)

        • Umfanekiso wezintombi eziyishumi (1-13)

        • Umfanekiso wamathalenta (14-30)

        • Izimvu nezimbuzi (31-46)

Mathewu 25:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 12:35; Flp 2:15
  • +Joh 3:28, 29; IsA 19:7

Mathewu 25:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “zinokuqonda.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 7:24, 26

Mathewu 25:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 12:35

Mathewu 25:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +IsA 19:9

Mathewu 25:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 13:25, 27

Mathewu 25:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Th 5:6; 1Pe 5:8
  • +Mat 24:42, 50; Mar 13:33

Mathewu 25:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 19:12, 13

Mathewu 25:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Ithalenta lamaGreki lalilingana no-20,4 kg. Bheka iSithasiselo B14.

Mathewu 25:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “imali yesiliva.”

Mathewu 25:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 19:15

Mathewu 25:20

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 19:16, 17

Mathewu 25:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 16:10
  • +Heb 12:2

Mathewu 25:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 19:18, 19

Mathewu 25:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 19:20-23

Mathewu 25:27

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “isiliva lami.”

Mathewu 25:28

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 19:24-26

Mathewu 25:29

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:12; Mar 4:25; Luk 8:18; Joh 15:2

Mathewu 25:31

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dan 7:13
  • +Mat 16:27

Mathewu 25:33

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 10:14
  • +Mat 25:41

Mathewu 25:35

Izikhombo Zezincwadi

  • +Heb 13:2; 3Jo 5

Mathewu 25:36

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ngangihamba nqunu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jak 2:15, 16
  • +2Ti 1:16

Mathewu 25:37

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 10:42

Mathewu 25:40

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzA 19:17; Mat 10:40; Mar 9:41; Heb 6:10

Mathewu 25:41

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 7:23
  • +Mat 18:8, 9
  • +IsA 12:9; 20:10

Mathewu 25:45

Izikhombo Zezincwadi

  • +Zak 2:8; IzE 9:4, 5

Mathewu 25:46

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Okuwukuthi, bayonqunywa ekuphileni. NgesiGreki, “bayogawulwa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Pe 2:9
  • +Rom 2:6, 7

Okunye

Math. 25:1Luk 12:35; Flp 2:15
Math. 25:1Joh 3:28, 29; IsA 19:7
Math. 25:2Mat 7:24, 26
Math. 25:7Luk 12:35
Math. 25:10IsA 19:9
Math. 25:11Luk 13:25, 27
Math. 25:131Th 5:6; 1Pe 5:8
Math. 25:13Mat 24:42, 50; Mar 13:33
Math. 25:14Luk 19:12, 13
Math. 25:19Luk 19:15
Math. 25:20Luk 19:16, 17
Math. 25:21Luk 16:10
Math. 25:21Heb 12:2
Math. 25:22Luk 19:18, 19
Math. 25:24Luk 19:20-23
Math. 25:28Luk 19:24-26
Math. 25:29Mat 13:12; Mar 4:25; Luk 8:18; Joh 15:2
Math. 25:31Dan 7:13
Math. 25:31Mat 16:27
Math. 25:33Joh 10:14
Math. 25:33Mat 25:41
Math. 25:35Heb 13:2; 3Jo 5
Math. 25:36Jak 2:15, 16
Math. 25:362Ti 1:16
Math. 25:37Mat 10:42
Math. 25:40IzA 19:17; Mat 10:40; Mar 9:41; Heb 6:10
Math. 25:41Mat 7:23
Math. 25:41Mat 18:8, 9
Math. 25:41IsA 12:9; 20:10
Math. 25:45Zak 2:8; IzE 9:4, 5
Math. 25:462Pe 2:9
Math. 25:46Rom 2:6, 7
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
  • 28
  • 29
  • 30
  • 31
  • 32
  • 33
  • 34
  • 35
  • 36
  • 37
  • 38
  • 39
  • 40
  • 41
  • 42
  • 43
  • 44
  • 45
  • 46
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Mathewu 25:1-46

NgokukaMathewu

25 “Khona-ke uMbuso wamazulu ungafaniswa nezintombi eziyishumi ezathatha izibani + zazo zaphuma ziyohlangabeza umkhwenyana. + 2 Ezinhlanu kuzo zaziyiziwula, ezinhlanu zihlakaniphile. *+ 3 Eziyiziwula zathatha izibani zazo kodwa zangawaphatha amafutha, 4 kanti ezihlakaniphile zawaphatha amafutha ngezitsha zazo kanye nezibani zazo. 5 Ngesikhathi umkhwenyana esalibele, zonke zozela zalala. 6 Phakathi kobusuku kwezwakala umsindo wokumemeza: ‘Nangu umkhwenyana! Phumani niyomhlangabeza.’ 7 Khona-ke zonke lezo zintombi zavuka zalungisa izibani zazo. + 8 Eziyiziwula zathi kwezihlakaniphile, ‘Sichathazeleni amafutha enu, ngoba izibani zethu sezizocima.’ 9 Ezihlakaniphile zaphendula zathi: ‘Angase angasaneli thina kanye nani. Kunalokho, yanini kwabawathengisayo nizithengele awenu.’ 10 Zisaye kothenga, umkhwenyana wafika. Izintombi ezazizilungiselele zangena naye edilini lomshado, + umnyango wavalwa. 11 Kamuva, zonke ezinye izintombi nazo zafika, zathi, ‘Mnumzane, Mnumzane, sivulele!’ + 12 Ephendula wathi, ‘Ngiqinisile ngithi kini, anginazi.’

13 “Ngakho-ke, hlalani nilindile, + ngoba anilwazi usuku noma ihora. +

14 “Ngoba kunjengomuntu othile, okwathi esezohamba aye kude, wabiza izinceku zakhe waziphathisa impahla yakhe. + 15 Enye wayinika amathalenta* amahlanu, enye amabili, kanti enye elilodwa, ngayinye ngokwamandla ayo, wahamba waya kude. 16 Masinyane leyo eyayithole amathalenta amahlanu yahamba yayohweba ngawo yazuza amahlanu ngaphezulu. 17 Ngokufanayo leyo eyayithole amabili yazuza amabili ngaphezulu. 18 Kodwa inceku eyayithole elilodwa kuphela yahamba, yamba emhlabathini yayifihla imali* yenkosi yayo.

19 “Ngemva kwesikhathi eside, inkosi yalezo zinceku yafika yalungisa izindaba zezimali nazo. + 20 Ngakho leyo eyayithole amathalenta amahlanu yasondela, yaletha amathalenta amahlanu engeziwe, yathi, ‘Nkosi, wangiphathisa amathalenta amahlanu; bheka, ngizuze amanye amathalenta amahlanu.’ + 21 Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Wenze kahle, nceku enhle nethembekile! Uthembeke ezintweni ezimbalwa. Ngizokumisa phezu kwezinto eziningi. + Jabula kanye nenkosi yakho.’ + 22 Ngokulandelayo leyo eyayithole amathalenta amabili yasondela yathi, ‘Nkosi, wangiphathisa amathalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amathalenta amabili.’ + 23 Inkosi yayo yathi kuyo: ‘Wenze kahle, nceku enhle nethembekile! Wathembeka ezintweni ezimbalwa. Ngizokumisa phezu kwezinto eziningi. Ngena enjabulweni yenkosi yakho.’

24 “Ekugcineni inceku eyayithole ithalenta elilodwa yasondela yathi: ‘Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni, uvuna lapho ungahlwanyelanga khona futhi ubutha lapho ungazange uhlunge khona. + 25 Ngakho ngesaba, ngahamba ngayolifihla emhlabathini ithalenta lakho. Mina, thatha okungokwakho.’ 26 Inkosi yayo yaphendula yathi kuyo: ‘Nceku embi nevilaphayo, bewazi ukuthi ngivuna lapho ngingahlwanyelanga khona nokuthi ngibutha lapho ngingazange ngihlunge khona, akunjalo? 27 Khona-ke, bekufanele ubeke imali yami* kubaphathi bebhange, lapho ngifika bengiyoyithola isinenzalo.

28 “ ‘Ngakho-ke mphuceni ithalenta nilinike lowo onamathalenta ayishumi. + 29 Ngoba wonke umuntu onakho, uyonikwa okwengeziwe futhi uyoba nokuningi. Kodwa lowo ongenakho, uyophucwa ngisho nalokho anakho. + 30 Yikhipheleni ngaphandle ebumnyameni inceku engelusizo lwalutho. Lapho yilapho iyokhala khona iququde amazinyo.’

31 “Lapho iNdodana yomuntu + ifika enkazimulweni yayo, nazo zonke izingelosi zikanye nayo, + iyohlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo. 32 Zonke izizwe ziyobuthelwa phambi kwayo, futhi iyohlukanisa abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini. 33 Iyobeka izimvu + ngakwesokudla sayo, kodwa izimbuzi ngakwesobunxele sayo. +

34 “INkosi iyothi kulabo abangakwesokudla sayo: ‘Wozani, nina enibusiswe nguBaba, nizuze ifa loMbuso enawulungiselelwa kusukela ekusungulweni kwezwe. 35 Ngoba ngangilambile nanginika ukudla; ngangomile nanginika okuphuzwayo. Ngangiyisihambi nangamukela ngemfudumalo; + 36 ngangihlubule,* nangigqokisa. + Ngangigula nanginakekela. Ngangisejele nangivakashela.’ + 37 Khona-ke abalungile bayoyiphendula ngala mazwi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile sakunika ukudla, noma womile, sakunika okuphuzwayo? + 38 Sakubona nini uyisihambi sakwamukela ngemfudumalo, noma uhlubule, sakugqokisa? 39 Sakubona nini ugula noma usejele sakuvakashela?’ 40 INkosi iyophendula ithi kubo, ‘Ngiqinisile ngithi kini, ngezinga enikwenze ngalo komncane kunabo bonke walaba bafowethu, nikwenzile nakimi.’ +

41 “Khona-ke iyothi kulabo abangakwesobunxele sayo: ‘Sukani kimi, + nina eniqalekisiwe, niye emlilweni waphakade + olungiselelwe uDeveli nezingelosi zakhe. + 42 Ngoba ngangilambile, kodwa aninginikanga lutho ukuba ngidle; ngangomile, kodwa aninginikanga lutho ukuba ngiphuze. 43 Ngangiyisihambi, kodwa aningamukelanga ngemfudumalo; ngangihlubule, kodwa aningigqokisanga; ngangigula futhi ngisejele, kodwa aninginakekelanga.’ 44 Nabo bayophendula ngala mazwi: ‘Nkosi, sakubona nini ulambile noma womile noma uyisihambi noma uhlubule noma ugula noma usejele sangakusiza?’ 45 Khona-ke iyobaphendula ithi: ‘Ngiqinisile ngithi kini, ngezinga eningakwenzanga ngalo komncane kunabo bonke kulaba, anikwenzanga nakimi.’ + 46 Laba bayonqunywa* phakade, + kodwa abalungile bathole ukuphila okuphakade.” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela