Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 Korinte 12
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 Korinte Okuphakathi

      • Imibono kaPawulu (1-7a)

      • ‘Iva likaPawulu enyameni’ (7b-10)

      • Angikho ngaphansi kwabaphostoli abahle kakhulu (11-13)

      • UPawulu ukhathazeke ngabaseKorinte (14-21)

2 Korinte 12:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 2:17
  • +IzE 22:17, 18

2 Korinte 12:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gal 4:13

2 Korinte 12:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 40:29

2 Korinte 12:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +Flp 4:13

2 Korinte 12:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 11:23

2 Korinte 12:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 6:4
  • +IzE 14:3; 15:12; Rom 15:18, 19

2 Korinte 12:13

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 9:11, 12; 2Ko 11:9

2 Korinte 12:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 20:33
  • +1Ko 4:14

2 Korinte 12:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 1:6; Kol 1:24; 1Th 2:8; Heb 13:17

2 Korinte 12:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 11:9

2 Korinte 12:18

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 8:6

2 Korinte 12:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ukukhuluma kabi ngomuntu.”

2 Korinte 12:21

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, i-por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

  • *

    Noma, “nezenzo zokuziphatha okuyichilo.” Igama lesiGreki elithi a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Okunye

2 Kor. 12:1IzE 2:17
2 Kor. 12:1IzE 22:17, 18
2 Kor. 12:7Gal 4:13
2 Kor. 12:9Isay 40:29
2 Kor. 12:10Flp 4:13
2 Kor. 12:112Ko 11:23
2 Kor. 12:122Ko 6:4
2 Kor. 12:12IzE 14:3; 15:12; Rom 15:18, 19
2 Kor. 12:131Ko 9:11, 12; 2Ko 11:9
2 Kor. 12:14IzE 20:33
2 Kor. 12:141Ko 4:14
2 Kor. 12:152Ko 1:6; Kol 1:24; 1Th 2:8; Heb 13:17
2 Kor. 12:162Ko 11:9
2 Kor. 12:182Ko 8:6
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 Korinte 12:1-21

Eyesibili KwabaseKorinte

12 Kumele ngiqhoshe. Akuzuzisi, kodwa ngizodlulela emibonweni iNkosi eyangibonisa yona + nasezambulweni zayo. + 2 Ngazi umuntu othile owayemunye noKristu, okwathi eminyakeni engu-14 edlule—ukuthi kwakusemzimbeni yini noma kwakungaphandle komzimba, angazi; nguNkulunkulu owaziyo—wathathwa wayiswa ezulwini lesithathu. 3 Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo—ukuthi kwakusemzimbeni noma kwakungaphandle komzimba yini, angazi; nguNkulunkulu owaziyo— 4 owathathwa wayiswa epharadesi futhi wezwa amazwi angakhulumeki nokungekhona okungokomthetho ngomuntu ukuba awakhulume. 5 Ngizoqhosha ngomuntu onjalo, kodwa ngeke ngiqhoshe ngami, ngaphandle kobuthakathaka bami. 6 Ngoba ngisho noma ngifuna ukuqhosha, ngeke ngibe ongenangqondo, ngoba ngizokhuluma iqiniso. Kodwa ngiyakugwema ukwenza kanjalo, ukuze kungabikho muntu onginika udumo olungaphezu kwalokho akubonayo kimi noma akuzwayo kimi, 7 ngenxa nje yokuthola lezo zambulo ezingavamile.

Ukuze ngingaphakami ngokweqile, nganikwa iva enyameni, + ingelosi kaSathane, ukuba liqhubeke lingishaya, ukuze ngingaphakami ngokweqile. 8 Ngayincenga kathathu iNkosi mayelana nalokhu, ukuba lisuke kimi. 9 Kodwa yathi kimi: “Umusa wami omkhulu ukwanele, ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” + Ngakho, ngokuthokoza okukhulu ngizoqhosha ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami njengetende. 10 Ngakho ngiyajabula ngobuthakathaka, ngokuthukwa, ngezikhathi zokuswela, ngokushushiswa nangobunzima, ngenxa kaKristu. Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla khona. +

11 Sengiye ngaba ongenangqondo. Ningicindezele ukuba ngibe njalo, ngoba bekufanele ngabe ngituswe yini. Ngoba angizange ngibe phansi kunabaphostoli benu abahle kakhulu ngisho nakweyodwa into, ngisho noma ngingelutho. + 12 Ngempela, izibonakaliso zomphostoli zavezwa phakathi kwenu ngokukhuthazela okukhulu, + nangezibonakaliso nezimangaliso nemisebenzi yamandla. + 13 Ngoba naba bancane ngayiphi indlela kunamanye amabandla, ngaphandle kokuthi mina ngokwami angizange ngibe umthwalo kini? + Ngithetheleleni ngomusa ngalobu bubi.

14 Bhekani! Sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini, futhi ngeke ngibe umthwalo. Ngoba angifuni izinto zenu, + kodwa nina; ngoba abantwana + akulindelekile ukuba baqongelelele abazali babo, kodwa ngabazali okulindeleke ukuba baqongelelele abantwana babo. 15 Mina ngizokujabulela kakhulu ukusebenzisa konke enginakho nokuba ngisetshenziswe ngokugcwele ngenxa yenu. + Uma nginithanda kakhulu kangako, ingabe kumele ngithandwe kancane? 16 Kodwa noma ngabe kunjalo, angizange ngibe umthwalo kini. + Noma kunjalo, nithi, ngasebenzisa “amaqhinga” futhi nganibamba “ngokukhohlisa.” 17 Mina nanoma ubani kulabo engibathumele kini asizange sisizakale ngani, akunjalo? 18 Ngancenga uThithu, ngathumela umzalwane kanye naye. UThithu akazange neze asizakale ngani, akunjalo? + Sahamba ngomoya ofanayo, akunjalo? Ezinyathelweni ezifanayo, akunjalo?

19 Ingabe sonke lesi sikhathi benicabanga ukuthi besizivikela kini? Sikhuluma phambi kukaNkulunkulu simunye noKristu. Kodwa bathandekayo, konke esikwenzayo sikwenzela ukwakha nina. 20 Ngoba ngiyesaba ukuthi lapho ngifika, indlela enenza ngayo izobe ingasekona lokho engikufisayo, nendlela engenza ngayo iyobe ingasekona lokho enikufisayo, kodwa esikhundleni salokho, kungase kube nokuxabana, umona, ukuqhuma kwentukuthelo, imibango, ukunyevuza,* ukuhleba, ukuqhosha, neziyaluyalu. 21 Mhlawumbe uma ngiphinda ngiza, uNkulunkulu wami angase angihlazise phambi kwenu, kungase kudingeke ukuba ngililele abaningi kulabo abona ngaphambili kodwa abangaphendukanga ekungcoleni kwabo nasekuziphatheni kabi ngokocansi* nasekuziphatheni kabi okuhambisana nendelelo* abakwenzile.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela