Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • IzEnzo 12
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

IzEnzo Okuphakathi

      • UJakobe uyabulawa; uPetru uyaboshwa (1-5)

      • UPetru ukhululwa ngokuyisimangaliso (6-19)

      • UHerode ushaywa ingelosi (20-25)

IzEnzo 12:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 15:20

IzEnzo 12:2

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 4:21
  • +Mat 20:20-23; Luk 11:49

IzEnzo 12:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 12:15; 23:15; Lev 23:6

IzEnzo 12:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ukumkhipha ukuze kuthethwe icala phambi kwabantu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Luk 21:12

IzEnzo 12:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 1:11

IzEnzo 12:7

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 34:7; Heb 1:7, 14
  • +IzE 5:18, 19

IzEnzo 12:8

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “Bhinca.”

  • *

    Noma, “uqhubeke ungilandela.”

IzEnzo 12:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Pe 2:9

IzEnzo 12:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 13:5; 15:37, 38; Kol 4:10

IzEnzo 12:17

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:55; IzE 15:13; 21:18; 1Ko 15:7; Gal 1:19; 2:9

IzEnzo 12:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 16:27

IzEnzo 12:20

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “wayesesimweni sokulwa.”

  • *

    NgesiGreki, “zegumbi lokulala lenkosi.”

IzEnzo 12:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

IzEnzo 12:24

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 6:7; 19:20; Kol 1:6

IzEnzo 12:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 4:36, 37
  • +IzE 11:29, 30
  • +IzE 13:5; 15:37, 38

Okunye

IzE. 12:1Joh 15:20
IzE. 12:2Mat 4:21
IzE. 12:2Mat 20:20-23; Luk 11:49
IzE. 12:3Eks 12:15; 23:15; Lev 23:6
IzE. 12:4Luk 21:12
IzE. 12:52Ko 1:11
IzE. 12:7IHu 34:7; Heb 1:7, 14
IzE. 12:7IzE 5:18, 19
IzE. 12:112Pe 2:9
IzE. 12:12IzE 13:5; 15:37, 38; Kol 4:10
IzE. 12:17Mat 13:55; IzE 15:13; 21:18; 1Ko 15:7; Gal 1:19; 2:9
IzE. 12:19IzE 16:27
IzE. 12:24IzE 6:7; 19:20; Kol 1:6
IzE. 12:25IzE 4:36, 37
IzE. 12:25IzE 11:29, 30
IzE. 12:25IzE 13:5; 15:37, 38
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
IzEnzo 12:1-25

IzEnzo ZabaPhostoli

12 Cishe ngaleso sikhathi uHerode inkosi waqala ukuphatha kabi amanye amalungu ebandla. + 2 Wabulala uJakobe umfowabo kaJohane + ngenkemba. + 3 Lapho ebona ukuthi lokhu kwakuwajabulisa amaJuda, waqhubeka wabopha noPetru. (Lokhu kwenzeka ngezinsuku zeSinkwa Esingenamvubelo.) + 4 Wambamba, wamfaka ejele, + emnikela emasosheni amane ayezomgada ededelana kane ngosuku, ehlose ukumkhiphela kubantu* ngemva kwePhasika. 5 Ngakho uPetru wayegcinwe ejele, kodwa ibandla lalimthandazela kakhulu kuNkulunkulu. +

6 Lapho uHerode esezomkhipha, ngalobo busuku uPetru wayelele eboshwe ngamaketanga amabili phakathi kwamasosha amabili, kukhona onogada phambi komnyango begade ijele. 7 Ingelosi kaJehova* yayimi lapho, + kwakhanya esitokisini. Yashaya uPetru ohlangothini, yamvusa, yathi: “Vuka masinyane!” Amaketanga awa ezandleni zakhe. + 8 Ingelosi yathi kuye: “Gqoka* ufake izimbadada zakho.” Wenza kanjalo. Ekugcineni yathi kuye: “Gqoka ingubo yakho yangaphandle ungilandele.”* 9 Waphuma wayilandela, kodwa engazi ukuthi lokho okwakwenziwa yingelosi kwakwenzeka ngempela. Eqinisweni, wayecabanga ukuthi ubona umbono. 10 Bedlula onogada bokuqala nabesibili, bafika esangweni lensimbi eliholela edolobheni, lazivulekela ngokwalo phambi kwabo. Ngemva kokuba sebephumile baqhubekela ezansi ngomgwaqo owodwa, masinyane ingelosi yahamba yamshiya. 11 UPetru, esanguluka, wathi: “Manje sengiyazi ngempela ukuthi uJehova* uthumele ingelosi yakhe wangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke amaJuda ayelindele ukuba kwenzeke.” +

12 Ngemva kokubona lokhu, waya endlini kaMariya unina kaJohane owayebizwa ngokuthi uMarku, + lapho kwakuhlangene khona ndawonye abaningana bethandaza. 13 Lapho engqongqoza esangweni, intombazane eyinceku egama layo linguRoda yeza izobheka. 14 Lapho izwa ukuthi yizwi likaPetru, yajabula kakhulu kangangokuba ayilivulanga isango, kodwa yagijima yangena ngaphakathi, yabika ukuthi uPetru wayemi esangweni. 15 Bathi kuyo: “Uyahlanya.” Kodwa yaphikelela ithi uyena. Bathi: “Yingelosi yakhe.” 16 Kodwa uPetru wasala lapho engqongqoza. Lapho bevula umnyango, bambona futhi bamangala. 17 Kodwa wababonisa ngesandla ukuba bathule, wabalandisa ngokuningiliziwe indlela uJehova* ayemkhiphe ngayo ejele, wathi: “Bikelani uJakobe + nabafowethu lezi zinto.” Ngemva kwalokho waphuma wahamba waya kwenye indawo.

18 Lapho sekusile, kwaba khona isiyaluyalu esikhulu phakathi kwamasosha ngokuthi kwakwenzekeni ngoPetru. 19 UHerode wamfuna phansi phezulu, lapho engamtholi, waphenya onogada ngemibuzo, wayala ukuba bathathwe bayojeziswa; + wasuka eJudiya wehlela eKhesariya wahlala khona isikhathi esithile.

20 UHerode wayebathukuthelele* abantu baseThire nabaseSidoni. Ngakho beza kuye benenjongo eyodwa, ngemva kokuthonya uBlastu, umuntu owayephethe izindaba zomuzi wenkosi,* banxusa ukuba kube nokuthula, ngoba izwe labo lalinikwa ukudla okwakuvela ezweni lenkosi. 21 Ngosuku oluthile olumisiwe, uHerode wagqoka izingubo zasebukhosini, wahlala esihlalweni sokwahlulela, wethula inkulumo kubantu. 22 Abantu ababehlangene bamemeza bathi: “Yizwi likankulunkulu, akulona elomuntu!” 23 Ngaso leso sikhathi ingelosi kaJehova* yamshaya ngoba akanikanga uNkulunkulu inkazimulo, wadliwa izibungu wafa.

24 Kodwa izwi likaJehova* laqhubeka likhula futhi lisakazeka. +

25 UBarnaba + noSawulu, ngemva kokuwufeza ngokugcwele umsebenzi wokunikeza usizo eJerusalema, + babuya bathatha uJohane, + obizwa nangokuthi uMarku, bahamba naye.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela