AmaHubo
Ingoma. Ihubo lamadodana kaKhora. +
48 UJehova mkhulu, kumele adunyiswe kakhulu
Edolobheni likaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
2 Lihle endaweni yalo ephakeme, umhlaba wonke uyajabula ngalo, +
INtaba iZiyoni ikude le enyakatho,
Idolobha leNkosi Enkulu. +
3 Emibhoshongweni yalo enezivikelo eziqinile,
UNkulunkulu ukwenze kwaziwa ukuthi uyindawo yokuphephela elondekile. *+
4 Ngoba amakhosi abuthene;*
Afike ehamba ndawonye.
5 Lapho elibona, amangala.
Esaba abaleka ethukile.
6 Athuthumela lapho,
Abanjwa izinhlungu njengowesifazane obelethayo.
7 Uphihliza imikhumbi yaseTharishishi ngomoya wasempumalanga.
8 Sesizibonele ngawethu lokho esakuzwa
Edolobheni likaJehova wamabutho, edolobheni likaNkulunkulu wethu.
UNkulunkulu uzolenza lilondeke kuze kube phakade. + (Sela)
9 O Nkulunkulu, sizindla ngothando lwakho oluqotho, +
Siphakathi ethempelini lakho.
10 O Nkulunkulu, njengegama lakho, udumo lwakho
Lufinyelela emaphethelweni omhlaba. +
Isandla sakho sokudla sigcwele ukulunga. +
11 Kwangathi iNtaba iZiyoni + ingathokoza,
Kwangathi amadolobhana* akwaJuda angajabula, ngenxa yezahlulelo zakho. +
12 Zungezani iZiyoni, nilikake;
Balani imibhoshongo yalo. +
13 Nakisisani izindonga zalo. *+
Hlolani imibhoshongo yalo evikelekile,
Ukuze nilandise ngalo ezizukulwaneni ezizayo.
14 Ngoba lo Nkulunkulu unguNkulunkulu wethu + kuze kube phakade naphakade.