AmaHubo
71 O Jehova, ngiphephele kuwe.
Kwangathi ngingeze ngaba namahloni. +
2 Ngikhulule ungisindise ngokulunga kwakho.
3 Yiba yidwala kimi
Engizoya kulo njalo.
Yala ukuba ngisindiswe,
Ngoba wena uyidwala lami nesiphephelo sami. +
4 O Nkulunkulu wami, ngikhulule esandleni somubi, +
Ekubanjweni umcindezeli ongenabulungisa.
5 Ngoba wena uyithemba lami, Nkosi EnguMbusi Jehova;
Bengilokhu ngithembele kuwe kusukela ebusheni bami. +
6 Ngathembela kuwe kusukela ngizalwa;
Nguwe owangikhipha esibelethweni sikamama. +
Ngikudumisa njalo.
7 Abantu abaningi bamangala lapho bebona okwakwenzeke kimi,
Kodwa wena, uyisiphephelo sami esiqinile.
8 Umlomo wami uzokudumisa usuku lonke; +
Ukhulume ngobuhle bakho.
10 Izitha zami zikhuluma ngami,
Nalabo abafuna ukungibulala bayacebisana, +
11 Bathi: “UNkulunkulu umshiyile.
Mjaheni nimbambe, ngoba akekho ozomsindisa.” +
12 O Nkulunkulu, ungabi kude nami.
Nkulunkulu wami, phuthuma ungisize. +
13 Kwangathi labo abamelana nami
Bangaba namahloni bashabalale. +
Kwangathi labo abangifunela inhlekelele
Bangambozwa ngehlazo nangokululazeka. +
14 Kepha mina, ngizolinda njalo;
Ngizokudumisa kakhulu kunasekuqaleni.
15 Umlomo wami uyokhuluma ngokulunga kwakho, +
Uyokhuluma ngezenzo zakho zokusindisa usuku lonke,
16 Ngizokhuluma ngezenzo zakho ezimangalisayo,
Nkosi EnguMbusi Jehova;
Ngizokhuluma ngokulunga kwakho, kwakho wedwa.
17 O Nkulunkulu, ungifundisile kusukela ebusheni bami, +
Kuze kube manje ngimemezela ngemisebenzi yakho emangalisayo. +
18 O Nkulunkulu, ungangishiyi ngisho nalapho sengigugile ngimpunga. +
19 Ukulunga kwakho Nkulunkulu, kuphakeme kakhulu; +
Wenze izinto ezinkulu;
O Nkulunkulu ubani onjengawe? +
20 Nakuba uvumele ukuba ngibhekane nokucindezeleka nenhlekelele, +
Phinde ungivuselele;
21 Kwangathi ungangikhulisa nakakhulu
Ungivikele ungiduduze.
22 Khona-ke ngizokudumisa ngensimbi yomculo enezintambo
Ngenxa yokwethembeka kwakho, Nkulunkulu. +
Ngizokuhubela izindumiso* ngehabhu,
Wena oNgcwele ka-Israyeli.