AmaHubo
33 Memezani ngenjabulo ngenxa kaJehova nina enilungile. +
Kuyafaneleka ukuba abaqotho bamdumise.
2 Bongani uJehova ngehabhu;
Mhubeleni* ngensimbi yomculo enezintambo eziyishumi.
3 Mhlabeleleni ingoma entsha; +
Khiphani lonke ikhono ekudlaleni izinsimbi ezinezintambo, nimemeze ngenjabulo.
4 Ngoba izwi likaJehova liqotho, +
Singakwethemba konke akwenzayo.
5 Uyakuthanda ukulunga nobulungisa. +
Umhlaba ugcwele uthando lukaJehova oluqotho. +
7 Ubuthela amanzi olwandle ndawonye njengokungathi ayidamu; +
Ufaka amanzi agubhayo ezinqolobaneni.
8 Bonke abasemhlabeni mabamesabe uJehova. +
Bonke abakhile emhlabeni mabakhexe ngenxa yakhe.
11 Kodwa izinqumo* zikaJehova ziyokuma kuze kube phakade; +
Imicabango yenhliziyo yakhe isuka esizukulwaneni iye kwesinye isizukulwane.
13 UJehova ubheka phansi esemazulwini;
Ubona wonke amadodana abantu. +
14 Esendaweni ahlala kuyo,
Ubuka bonke abahlala emhlabeni.
15 Nguye obumba izinhliziyo zabo bonke;
Uhlola yonke imisebenzi yabo. +
17 Ukuthembela ehhashini ukuba likusindise* kuwukuzikhohlisa; +
Ukuba kwalo namandla amakhulu akusho ukuthi uzophunyuka.
18 Bheka! Iso likaJehova liqapha abamesabayo, +
Labo abalinde uthando lwakhe oluqotho,
19 Ukuba abakhulule ekufeni
Nokuba abalonde ngesikhathi sendlala. +
20 Silindele uJehova.
Ungumsizi wethu nehawu lethu. +
21 Izinhliziyo zethu ziyajabula ngaye,
Ngoba sithembele egameni lakhe elingcwele. +