Eyokuqala YeziKronike
25 Ngaphezu kwalokho, uDavide nezinduna zamaqembu enkonzo bahlukanisa amanye amadodana ka-Asafa, uHemani noJeduthuni + ukuze baprofethe ngamahabhu, ngezinsimbi zomculo + ezinezintambo nangamasimbali. + Nalu uhlu lwamadoda ayizikhulu ale nkonzo, 2 emadodaneni ka-Asafa: uZakuri, uJosefa, uNethaniya no-Asharela, amadodana ka-Asafa ayeqondiswa u-Asafa, owayeprofetha eqondiswa inkosi. 3 KuJeduthuni, + amadodana kaJeduthuni: uGedaliya, uZeri, uJeshaya, uShimeyi, uHashabiya noMatithiya, + eyisithupha, eqondiswa uyise uJeduthuni, owayeprofetha ngehabhu, ebonga futhi edumisa uJehova. + 4 KuHemani, + amadodana kaHemani: uBhukiya, uMathaniya, u-Uziyeli, uShebuweli, uJerimoti, uHananiya, uHanana, u-Eliyatha, uGidaliti, uRomamiti-ezeri, uJoshibhekasha, uMaloti, uHothiri noMahaziyoti. 5 Wonke lawa kwakungamadodana kaHemani, umboni wemibono wenkosi ezindabeni eziphathelene noNkulunkulu weqiniso ukuze amkhazimulise;* ngakho uNkulunkulu weqiniso wanika uHemani amadodana angu-14 namadodakazi amathathu. 6 Wonke lawa ayeqondiswa uyise ekuculeni endlini kaJehova, ecula ngamasimbali, ngezinsimbi zomculo ezinezintambo nangamahabhu + ukuze enze inkonzo yendlu kaNkulunkulu weqiniso.
Ngaphansi kokuqondisa kwenkosi kwakukhona u-Asafa, uJeduthuni noHemani.
7 Bona nabafowabo—sebebonke babengu-288—babengabahlabeleli abanekhono elihle abaqeqeshelwe ukuculela uJehova. 8 Ngakho bonke—abancane nabakhulu, ochwepheshe kanye nabafundayo—bahlukanisa imisebenzi yabo ngokwenza inkatho. +
9 Inkatho yokuqala eyaphuma kwakungeyendodana ka-Asafa uJosefa, + eyesibili kungekaGedaliya + (yena nabafowabo namadodana akhe babengu-12); 10 eyesithathu kwaba ekaZakuri, + amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 11 eyesine kwaba eka-Iziri, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 12 eyesihlanu kwaba ekaNethaniya, + amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 13 eyesithupha kwaba ekaBhukiya, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 14 eyesikhombisa kwaba ekaJesharela, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 15 eka-8 kwaba ekaJeshaya, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 16 eka-9 kwaba ekaMathaniya, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 17 eyeshumi kwaba ekaShimeyi, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 18 eka-11 kwaba eka-Azareli, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 19 eka-12 kwaba ekaHashabiya, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 20 eka-13 kwaba ekaShubayeli, + amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 21 eka-14 kwaba ekaMatithiya, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 22 eka-15 kwaba ekaJeremoti, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 23 eka-16 kwaba ekaHananiya, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 24 eka-17 kwaba ekaJoshibhekasha, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 25 eka-18 kwaba ekaHanana, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 26 eka-19 kwaba ekaMaloti, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 27 eka-20 kwaba eka-Eliyatha, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 28 eka-21 kwaba ekaHothiri, amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 29 eka-22 kwaba ekaGidaliti, + amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 30 eka-23 kwaba ekaMahaziyoti, + amadodana akhe nabafowabo, bengu-12; 31 eka-24 kwaba ekaRomamiti-ezeri, + amadodana akhe nabafowabo, bengu-12.