IzAga
13 Indodana ehlakaniphile iyasamukela isiyalo sikayise, +
2 Umuntu uyodla okuhle okuvela esithelweni senkulumo* yakhe, +
Kodwa abakhohlisayo bafisa ukwenza ubudlova.
3 Oqapha umlomo wakhe* uvikela ukuphila kwakhe, +
Kodwa ozivula kakhulu izindebe zakhe uyozilethela inhlekelele. +
5 Olungile uyawazonda amanga, +
Kodwa izenzo zababi zibangela ukululazeka nehlazo.
6 Ukulunga kuyamvikela ondlela yakhe imsulwa, +
Kodwa ububi buketula isoni.
7 Kukhona oshaya sengathi ucebile kanti akanalutho; +
Kukhona nomunye oshaya sengathi umpofu kanti unengcebo eningi.
10 Ukugabadela kubangela ingxabano nje kuphela, +
11 Umcebo otholakale kalula* uyoncipha, +
Kodwa umcebo womuntu awuqongelela kancane kancane* uyokwanda.
12 Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo, +
Kodwa isifiso esifezekile siyisihlahla sokuphila. +
15 Ukuqondisisa kwenza umuntu athole umusa,
Kodwa indlela yabakhohlisayo ayinamusa.
16 Umuntu onokuqonda wenza ngendlela ebonisa ukuthi unolwazi, +
Kodwa isiphukuphuku siveza ubuphukuphuku baso. +
18 Noma ubani ongasinaki isiyalo uba mpofu futhi ahlazeke,
22 Umuntu omuhle ushiyela abazukulu bakhe ifa,
Kodwa ingcebo yesoni iyoqongelelelwa olungile. +
23 Insimu elinyiwe yabampofu ithela ukudla okuningi,
Kodwa ingase* ithathwe ngenxa yokuntuleka kobulungisa.