IzAga
4 UJehova wenza zonke izinto zifeze injongo yakhe,
Ngisho nababi bayabhujiswa ngosuku lwenhlekelele. +
5 Wonke umuntu oziqhenyayo enhliziyweni uyanengeka kuJehova. +
Qiniseka ngokuthi ngeke angajeziswa.
6 Isiphambeko sihlawulelwa ngothando oluqotho nangokwethembeka, +
Ngokwesaba uJehova umuntu uyakufulathela okubi. +
7 Lapho uJehova ejabula ngezindlela zomuntu,
Wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye. +
9 Umuntu angase ahlele indlela yakhe enhliziyweni,
Kodwa nguJehova oqondisa izinyathelo zakhe. +
10 Isinqumo esiphefumulelwe* kufanele sibe sezindebeni zenkosi; +
Akumele nanini ihlanekezele ubulungisa. +
11 Izilinganiso nezikali ezinembile zivela kuJehova;
Zonke izisindo ezisesikhwameni zingumsebenzi wakhe. +
13 Inkulumo elungile imnandi emakhosini.
Ayamthanda umuntu okhuluma iqiniso. +
14 Ulaka lwenkosi lufana nesithunywa esiletha umbiko wokufa, +
15 Uma inkosi ibonisa umuntu umusa, lowo muntu uyoba nokuphila okumnandi;
Umusa wayo unjengefu lemvula entwasahlobo. +
16 Yeka ukuthi kungcono kangakanani ukuthola ukuhlakanipha kunegolide! +
Kufanele ukhethe ukuzuza ukuqonda kunokuzuza isiliva. +
17 Indlela yabaqotho iyakugwema okubi.
Noma ubani oqapha indlela yakhe ulonda ukuphila kwakhe. +
18 Ukuzidla kwandulela ukuphahlazeka,
Nokuzikhukhumeza kwandulela ukuwa. +
19 Kungcono ukuba othobekile* phakathi kwabamnene +
Kunokuhlukaniselana impahla ephangiwe yabazidlayo.
20 Obonisa ukuqonda endabeni uyophumelela,*
Uyajabula othembela kuJehova.
22 Ukuqondisisa kungumthombo wokuphila kulabo abanako,
Kodwa iziwula ziyalwa ubuwula bazo.
23 Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile yenza umlomo wakhe ube nokuqondisisa +
Yenze nokuba akushoyo kulalelwe.
25 Kukhona indlela ebonakala iyinhle kumuntu,
Kodwa isiphetho sayo ukufa. +
29 Umuntu onobudlova uyenga umakhelwane wakhe
Amholele endleleni okungeyona.
30 Ucifa iso lakhe njengoba eceba okubi.
Uluma izindebe zakhe njengoba eganga.