IzAga
25 Nalezi futhi yizaga zikaSolomoni, + ezakopishwa* izinceku* zikaHezekiya + inkosi yakwaJuda:
2 Kuyinkazimulo kaNkulunkulu ukugcina indaba iyimfihlo +
Nenkazimulo yamakhosi ukuhlolisisa indaba.
3 Njengoba amazulu ephakeme nomhlaba ujulile,
Kunjalo nangenhliziyo yamakhosi, ayiphenyeki.
4 Uma umuntu esusa ukungcola esiliveni,
Isiliva liyohlanzeka kakhulu. +
5 Susa omubi phambi kwenkosi,
Isihlalo sayo sobukhosi siyoma siqine ngokulunga. +
6 Ungaziphakamisi phambi kwenkosi, +
Ungahlali phakathi kwezikhulu, +
7 Ngoba kungcono ukuba ithi kuwe, “Khuphukela lapha,”
Kunokuba ikuhlaze phambi kwesicukuthwane. +
8 Ungajahi lapho uyokwethula icala enkantolo,
Ngoba uyokwenzenjani kamuva uma umakhelwane wakho ekuhlaza? +
9 Lungisa udaba lwakho nomakhelwane wakho, +
Kodwa ungakwembuli otshelwe kona ngasese, *+
10 Ukuze olalele angakuhlazi
Nawe ungasakazi umbiko omubi* ongenakuwuhoxisa.
11 Njengama-apula egolide ezitsheni zesiliva
Linjalo izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele. +
12 Njengecici legolide nomhlobiso wegolide elisezingeni eliphezulu
Unjalo umsoli ohlakaniphile endlebeni elalelayo. +
13 Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna
Sinjalo isithunywa esithembekile kulabo abasithumile,
Ngoba sivuselela amandla enkosi yaso. +
14 Njengamafu nomoya okungayilethi imvula
Unjalo umuntu oziqhayisa ngokuthi uzokhipha isipho kodwa angasikhiphi. *+
15 Yisineke esigoba umuntu onegunya,
Nolimi olumnene lungaphula ithambo. +
16 Uma uthola uju, yidla lolo oludingayo kuphela,
Ngoba uma udla oluningi kakhulu ungase uluhlanze. +
17 Unyawo lwakho malungavami endlini kamakhelwane wakho,
Ukuze angakhathali nguwe bese ekuzonda.
18 Njengomshiza wempi nenkemba nomcibisholo ocijile
Unjalo umuntu ofakaza amanga ngomakhelwane wakhe. +
19 Njengezinyo eliphukile noma unyawo oluxegezelayo
Kunjalo ukuthembela kumuntu ongathembekile* ngezikhathi ezinzima.
20 Njengomuntu okhumula ingubo ngosuku olubandayo
Nanjengoviniga othelwe kusawoti*
Unjalo umuntu oculela inhliziyo edabukile izingoma. +
21 Uma isitha sakho silambile, sinike isinkwa sidle;
Uma somile sinike amanzi siphuze, +
22 Ngoba uyobe unqwabelanisa amalahle avuthayo ekhanda laso *+
Futhi uJehova uyokuvuza.
23 Umoya wasenyakatho uletha imvula,
Nolimi oluhlebayo lubanga intukuthelo. +
26 Njengesiphethu esidungekile nomthombo owonakele
Unjalo umuntu olungile onqotshwa omubi.*
28 Njengedolobha elifohliwe elingenalo udonga,
Unjalo umuntu ongakwazi ukulawula intukuthelo yakhe. +