AmaHubo
Ihubo likaDavide.
143 O Jehova, yizwa umthandazo wami; +
Lalela lapho ngikhalela usizo.
Ngokwethembeka kwakho nangokulunga kwakho, ngiphendule.
2 Ungayahluleli inceku yakho,
Ngoba akukho muntu ophilayo ongaba olungile phambi kwakho. +
3 Ngoba isitha siyangijaha;
Sichobozele ukuphila kwami emhlabathini.
Singibangele ukuba ngihlale ebumnyameni njengalabo abafa kudala.
5 Ngikhumbula izinsuku zakudala;
Ngicabanga ngawo wonke umsebenzi wakho; +
Ngizindla* ngomsebenzi wezandla zakho.
6 Ngelulela izandla zami kuwe;
Nginjengezwe elomile, elomele wena. + (Sela)
8 Mangizwe uthando lwakho oluqotho ekuseni,
Ngoba ngithembele kuwe.
Ngazise indlela okufanele ngihambe ngayo, +
Ngoba ngiphendukela kuwe.
9 Jehova, ngikhulule ezitheni zami.
Ngifuna ukuvikelwa nguwe. +
10 Ngifundise ukwenza intando yakho, +
Ngoba wena unguNkulunkulu wami.
Umoya wakho muhle;
Kwangathi ungangihola emhlabathini oqondile.*
11 Ngilonde ngenxa yegama lakho Jehova.
Ngikhulule osizini ngokulunga kwakho. +