Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Jeremiya 17
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

Jeremiya Okuphakathi

      • Isono sikaJuda siqoshiwe (1-4)

      • Izibusiso zokwethembela kuJehova (5-8)

      • Inhliziyo ekhohlisayo (9-11)

      • UJehova, ithemba lika-Israyeli (12, 13)

      • Umthandazo kaJeremiya (14-18)

      • Ukugcina iSabatha lingcwele (19-27)

Jeremiya 17:2

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

Izikhombo Zezincwadi

  • +Hlu 3:7; 2Kr 24:18; 33:1, 3
  • +Isay 1:29; Hez 6:13

Jeremiya 17:3

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 24:11, 13; Jer 15:13
  • +Lev 26:30; Hez 6:3

Jeremiya 17:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma kungaba, “Ngoba nokhelwe njengomlilo entukuthelweni yami.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IsiL 5:2
  • +Dut 28:48; Jer 16:13
  • +Isay 5:25; Jer 15:14

Jeremiya 17:5

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “indoda enamandla.”

  • *

    NgesiHebheru, “Eyenza umuntu ingalo yayo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 30:1, 2
  • +2Kh 16:7

Jeremiya 17:7

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “indoda enamandla.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 34:8; 146:5; Isay 26:3

Jeremiya 17:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 1:3; 92:12, 13

Jeremiya 17:9

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma kungaba, “ayelapheki.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gen 6:5; 8:21; IzA 28:26

Jeremiya 17:10

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “imizwa ejulile.” NgesiHebheru, “izinso.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Sa 16:7; 1 IziKr. 28:9; IzA 17:3; 21:2
  • +Rom 2:6; Gal 6:7; IsA 2:23; 22:12

Jeremiya 17:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Uhlobo lwenyoni efana nenkukhu.

  • *

    Noma, “ngokungenabulungisa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzA 28:20; Isay 1:23; Jak 5:4

Jeremiya 17:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kr 2:5; Isay 6:1

Jeremiya 17:13

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “abangihlubukayo,” cishe kubhekiselwa kuJehova.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 73:27; Isay 1:28
  • +Jer 2:13; IsA 22:1

Jeremiya 17:14

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 15:20

Jeremiya 17:15

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 5:19; 2Pe 3:4

Jeremiya 17:18

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ubabhubhise ngokuphindwe kabili.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 15:15; 20:11
  • +Jer 18:23

Jeremiya 17:19

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 7:2

Jeremiya 17:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +Neh 13:19

Jeremiya 17:22

Izikhombo Zezincwadi

  • +Eks 20:9, 10; Lev 23:3
  • +Eks 31:13

Jeremiya 17:23

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiHebheru, “benza lukhuni intamo yabo.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Isay 48:4; Hez 20:13

Jeremiya 17:24

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 5:12-14

Jeremiya 17:25

Izikhombo Zezincwadi

  • +IHu 132:11
  • +Jer 22:4

Jeremiya 17:26

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “naseningizimu.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Jer 32:44
  • +Jer 33:13
  • +Lev 1:3
  • +Ezr 3:3
  • +Lev 2:1, 2
  • +IHu 107:22; 116:17; Jer 33:10, 11

Jeremiya 17:27

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Kh 25:9, 10; Jer 39:8
  • +2Kh 22:16, 17; IsiL 4:11

Okunye

Jer. 17:2Hlu 3:7; 2Kr 24:18; 33:1, 3
Jer. 17:2Isay 1:29; Hez 6:13
Jer. 17:32Kh 24:11, 13; Jer 15:13
Jer. 17:3Lev 26:30; Hez 6:3
Jer. 17:4IsiL 5:2
Jer. 17:4Dut 28:48; Jer 16:13
Jer. 17:4Isay 5:25; Jer 15:14
Jer. 17:5Isay 30:1, 2
Jer. 17:52Kh 16:7
Jer. 17:7IHu 34:8; 146:5; Isay 26:3
Jer. 17:8IHu 1:3; 92:12, 13
Jer. 17:9Gen 6:5; 8:21; IzA 28:26
Jer. 17:101Sa 16:7; 1 IziKr. 28:9; IzA 17:3; 21:2
Jer. 17:10Rom 2:6; Gal 6:7; IsA 2:23; 22:12
Jer. 17:11IzA 28:20; Isay 1:23; Jak 5:4
Jer. 17:122Kr 2:5; Isay 6:1
Jer. 17:13IHu 73:27; Isay 1:28
Jer. 17:13Jer 2:13; IsA 22:1
Jer. 17:14Jer 15:20
Jer. 17:15Isay 5:19; 2Pe 3:4
Jer. 17:18Jer 15:15; 20:11
Jer. 17:18Jer 18:23
Jer. 17:19Jer 7:2
Jer. 17:21Neh 13:19
Jer. 17:22Eks 20:9, 10; Lev 23:3
Jer. 17:22Eks 31:13
Jer. 17:23Isay 48:4; Hez 20:13
Jer. 17:24Dut 5:12-14
Jer. 17:25IHu 132:11
Jer. 17:25Jer 22:4
Jer. 17:26Jer 32:44
Jer. 17:26Jer 33:13
Jer. 17:26Lev 1:3
Jer. 17:26Ezr 3:3
Jer. 17:26Lev 2:1, 2
Jer. 17:26IHu 107:22; 116:17; Jer 33:10, 11
Jer. 17:272Kh 25:9, 10; Jer 39:8
Jer. 17:272Kh 22:16, 17; IsiL 4:11
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
  • 22
  • 23
  • 24
  • 25
  • 26
  • 27
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
Jeremiya 17:1-27

UJeremiya

17 “Isono sikaJuda sibhalwe phansi ngepeni lensimbi.

Siqoshwe ngedayimane enhliziyweni yakhe

Nasezimpondweni zama-altare akhe,

 2 Kuyilapho amadodana akhe ecabanga ngama-altare akhe nezigxobo zakhe ezingcwele *+

Eceleni kwesihlahla esikhephuzelayo, emagqumeni aphakeme, +

 3 Ezintabeni nasesigangeni.

Umnotho wakho, yonke ingcebo yakho, ngiyokunikela ukuba kuphangwe +

—Izindawo zakho eziphakeme ngenxa yesono kuzo zonke izindawo zakho. +

 4 Ngokuzithandela uyodedela ifa engakunika lona. +

Ngiyokwenza ukuba usebenzele izitha zakho ezweni ongalazi, +

Ngoba wokhele intukuthelo yami njengomlilo. *+

Iyovutha kuze kube phakade.”

 5 Yilokhu uJehova akushoyo:

“Iqalekisiwe indoda* ethembela kubantu +

Encika emandleni abantu, *+

Enhliziyo yayo ifulathela uJehova.

 6 Iyoba njengesihlahla esimi sodwa ogwadule.

Ngeke izithole izinto ezinhle,

Kodwa iyohlala ezindaweni eziwugwadule ehlane,

Ezweni likasawoti okungahlali muntu kulo.

 7 Ibusisiwe indoda* ethembela kuJehova,

Ebeka ithemba layo kuJehova. +

 8 Iyoba njengesihlahla esitshalwe ngasemanzini,

Esinezimpande ezenabele emfuleni.

Ngeke ikuzwe ukushisa,

Kodwa amaqabunga ayo ayohlale eluhlaza. +

Ngesikhathi sesomiso ngeke ikhathazeke,

Ngeke iyeke ukuthela izithelo.

 9 Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi iyingozi. *+

Ubani ongase ayazi?

10 Mina, Jehova, ngicubungula inhliziyo, +

Ngihlola imicabango ejulile,*

Ukuze nginike yilowo nalowo ngokwezindlela zakhe,

Ngokwemiphumela yemisebenzi yakhe. +

11 Njengethendele* elibutha amaqanda elingazange liwazalele,

Unjalo umuntu othola ingcebo ngokukhwabanisa. *+

Iyomlahlekela ngokuhamba kwesikhathi,

Ekugcineni uyoba ongenangqondo.”

12 Isihlalo sobukhosi esikhazimulayo besidunyiswa kusukela ekuqaleni,

Siyindawo yethu yokuphephela. +

13 O Jehova, themba lika-Israyeli,

Bonke abakushiyayo bayothelwa ngehlazo.

Labo abakuhlubukayo* bayolotshwa emhlabathini, +

Ngoba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi okuphila. +

14 Ngelaphe Jehova, ngizokwelapheka.

Ngisindise, ngizosinda, +

Ngoba nguwena engimdumisayo.

15 Bheka! Kukhona abathi kimi:

“Kungani izwi likaJehova lingakagcwaliseki namanje?” +

16 Kodwa mina, angiyekanga ukukulandela njengomalusi,

Angizange ngilulangazelele usuku lwenhlekelele.

Wena uzazi kahle zonke izinto engizishilo;

Konke kwenzeke phambi kwakho!

17 Ungangenzi ngesabe.

Uyisiphephelo sami ngosuku lwenhlekelele.

18 Abangishushisayo mabahlazeke, +

Kodwa mina mangingahlazeki.

Mabashaywe uvalo,

Kodwa mina mangingashaywa uvalo.

Balethele usuku lwenhlekelele, +

Ubaphihlize ubabhubhise ngokuphelele.*

19 Yilokhu uJehova akushilo kimi: “Hamba, ume esangweni lamadodana abantu lelo amakhosi akwaJuda angena futhi aphume ngalo, nakuwo wonke amasango aseJerusalema. + 20 Kumele uthi kubo, ‘Yizwani izwi likaJehova, nina makhosi akwaJuda nawo wonke uJuda nani nonke zakhamuzi zaseJerusalema, eningena ngala masango. 21 Yilokhu uJehova akushoyo: “Ziqapheni, ningathwali mthwalo ngosuku lweSabatha noma niwungenise ngamasango aseJerusalema. + 22 Akumele nikhiphe umthwalo emakhaya enu ngosuku lweSabatha; ningenzi lutho. + Kumele nilungcwelise usuku lweSabatha, njengoba nje ngayala okhokho benu. + 23 Kodwa abazange balalele noma banake, kunalokho ngenkani benqaba* ukulalela noma ukwamukela isiyalo.” ’ +

24 “ ‘ “Nokho, uma ningilalelisisa,” kusho uJehova, “ningangenisi mthwalo ngamasango aleli dolobha ngosuku lweSabatha kodwa ningcwelise usuku lweSabatha ngokungenzi lutho ngalo, + 25 kuyongena ngamasango aleli dolobha amakhosi nezikhulu ezihlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide, + ezigibela inqola namahhashi, wona nezikhulu zawo, amadoda akwaJuda nezakhamuzi zaseJerusalema; + futhi kuleli dolobha kuyohlala abantu kuze kube phakade. 26 Kuyofika abantu bevela emadolobheni akwaJuda, ezindaweni ezizungeze iJerusalema, ezweni lakwaBhenjamini, + ezweni elisethafeni, + ezintabeni naseNegebhi,* belethe iminikelo eshiswa ngokuphelele, + imihlatshelo, + iminikelo yokudla okusanhlamvu, + impepho enephunga elimnandi nemihlatshelo yokubonga endlini kaJehova. +

27 “ ‘ “Kodwa uma ningangilaleli ngokuba ningcwelise usuku lweSabatha futhi ningathwali mithwalo niyingenise ngamasango aseJerusalema ngosuku lweSabatha, ngiyowashisa ngomlilo amasango alo, nakanjani umlilo uyoshisa imibhoshongo yaseJerusalema + enezivikelo eziqinile futhi ngeke ucimeke.” ’ ” +

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela