Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 2 Korinte 13
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

2 Korinte Okuphakathi

      • Izixwayiso nezikhuthazo zokugcina (1-14)

        • “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini” (5)

        • Qhubekani nilungiswa; cabangani ngokuvumelana (11)

2 Korinte 13:1

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “ziqiniswe.”

  • *

    NgesiGreki, “ngomlomo wofakazi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Dut 19:15; Mat 18:16

2 Korinte 13:4

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 6:4; 1Pe 3:18
  • +2Ti 2:11, 12
  • +1Ko 6:14

2 Korinte 13:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 11:28; Gal 6:4

2 Korinte 13:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 4:21

2 Korinte 13:11

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 1:3, 4
  • +Flp 2:2
  • +1Th 5:13; Jak 3:17; 1Pe 3:11; 2Pe 3:14
  • +1Ko 14:33

Okunye

2 Kor. 13:1Dut 19:15; Mat 18:16
2 Kor. 13:4Rom 6:4; 1Pe 3:18
2 Kor. 13:42Ti 2:11, 12
2 Kor. 13:41Ko 6:14
2 Kor. 13:51Ko 11:28; Gal 6:4
2 Kor. 13:101Ko 4:21
2 Kor. 13:112Ko 1:3, 4
2 Kor. 13:11Flp 2:2
2 Kor. 13:111Th 5:13; Jak 3:17; 1Pe 3:11; 2Pe 3:14
2 Kor. 13:111Ko 14:33
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
2 Korinte 13:1-14

Eyesibili KwabaseKorinte

13 Sekungokwesithathu ngiza kini. “Zonke izindaba kumele ziqinisekiswe* ngobufakazi* babantu ababili noma abathathu.” + 2 Nakuba ngingekho manje, kunjengokungathi ngikhona okwesibili, ngibaxwayisa kusengaphambili labo abona ngaphambili nabo bonke abanye, ngithi uma kwenzeka ngiphinda ngiza akekho oyosinda esiyalweni, 3 njengoba nifuna ubufakazi bokuthi uKristu, ongebuthakathaka kini kodwa onamandla phakathi kwenu, ukhuluma ngami ngempela. 4 Ngoba ngempela, wabulawelwa esigxotsheni ngenxa yobuthakathaka, kodwa uyaphila ngenxa yamandla kaNkulunkulu. + Yiqiniso, nathi sibuthakathaka kanye naye, kodwa siyophila kanye naye + ngenxa yamandla kaNkulunkulu kini. +

5 Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini; qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho. + Noma aniboni yini ukuthi uJesu Kristu umunye nani? Ngaphandle-ke uma ningamukeleki. 6 Ngempela nginethemba lokuthi nizobona ukuthi asibona abangamukeleki.

7 Sithandaza kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina sibonakale samukelekile, kodwa ukuba nenze okuhle, ngisho noma thina singase sibonakale singamukeleki. 8 Ngoba asinakwenza lutho olumelene neqiniso, kodwa sizothuthukisa iqiniso kuphela. 9 Ngokuqinisekile, siyajabula noma nini lapho thina sibuthakathaka kodwa nina ninamandla. Nakhu esikuthandazelayo, ukulungiswa kwenu. 10 Yingakho ngibhala lezi zinto lapho ngingekho, ukuze kuthi uma sengikhona, ngingalisebenzisi ngokhahlo igunya iNkosi eyanginika lona, + ukuba ngakhe hhayi ukuba ngidilize.

11 Okokugcina bazalwane, qhubekani nijabula, nilungiswa, niduduzwa, + nicabanga ngokuvumelana, + niphila ngokuthula; + khona-ke uNkulunkulu wothando nokuthula + uyoba nani. 12 Bingelelanani ngokuqabulana okungcwele. 13 Bonke abangcwele bayakhonza kini.

14 Umusa omkhulu weNkosi uJesu Kristu nothando lukaNkulunkulu nomoya ongcwele enizuza kuwo makube nani nonke.

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela