Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • 1 Korinte 4
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

1 Korinte Okuphakathi

      • Abaphathi kufanele bathembeke (1-5)

      • Ukuthobeka kwezikhonzi ezingamaKristu (6-13)

        • “Ungeqeli ngale kwezinto ezilotshiwe” (6)

        • AmaKristu awumbukwane wasenkundleni yemidlalo (9)

      • UPawulu unakekela izingane zakhe ezingokomoya (14-21)

1 Korinte 4:1

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 13:11; Rom 16:25, 26

1 Korinte 4:3

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “yinkantolo.”

1 Korinte 4:4

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzA 21:2; Rom 14:10; Heb 4:13

1 Korinte 4:5

Izikhombo Zezincwadi

  • +Mat 7:1
  • +IzA 10:9; 2Ko 10:18; 1Ti 5:24, 25

1 Korinte 4:6

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 1:12
  • +Rom 12:3; 2Ko 12:20; 3Jo 9

1 Korinte 4:7

Izikhombo Zezincwadi

  • +Joh 3:27

1 Korinte 4:8

Izikhombo Zezincwadi

  • +IsA 20:4, 6
  • +2Ti 2:12; IsA 3:21

1 Korinte 4:9

Izikhombo Zezincwadi

  • +Rom 8:36; 1Ko 15:32; 2Ko 6:4, 9
  • +Heb 10:33

1 Korinte 4:10

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 3:18

1 Korinte 4:11

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “sihamba-ze.”

  • *

    Noma, “sidukluzwa.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Flp 4:12
  • +2Ko 11:27
  • +IzE 14:19; 23:2; 2Ko 11:24

1 Korinte 4:12

Izikhombo Zezincwadi

  • +IzE 18:3; 20:34; 1Th 2:9
  • +Rom 12:14; 1Pe 3:9
  • +Mat 5:44

1 Korinte 4:13

Imibhalo Yaphansi

  • *

    NgesiGreki, “siyancenga.”

  • *

    Noma, “njengodoti.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Pe 2:23

1 Korinte 4:15

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Noma, “nabafundisi.”

Izikhombo Zezincwadi

  • +Gal 4:19; 1Th 2:11

1 Korinte 4:16

Izikhombo Zezincwadi

  • +1Ko 11:1; Flp 3:17; 1Th 1:6

1 Korinte 4:17

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ti 1:13

1 Korinte 4:19

Imibhalo Yaphansi

  • *

    Bheka iSithasiselo A5.

1 Korinte 4:21

Izikhombo Zezincwadi

  • +2Ko 13:10

Okunye

1 Kor. 4:1Mat 13:11; Rom 16:25, 26
1 Kor. 4:4IzA 21:2; Rom 14:10; Heb 4:13
1 Kor. 4:5Mat 7:1
1 Kor. 4:5IzA 10:9; 2Ko 10:18; 1Ti 5:24, 25
1 Kor. 4:61Ko 1:12
1 Kor. 4:6Rom 12:3; 2Ko 12:20; 3Jo 9
1 Kor. 4:7Joh 3:27
1 Kor. 4:8IsA 20:4, 6
1 Kor. 4:82Ti 2:12; IsA 3:21
1 Kor. 4:9Rom 8:36; 1Ko 15:32; 2Ko 6:4, 9
1 Kor. 4:9Heb 10:33
1 Kor. 4:101Ko 3:18
1 Kor. 4:11Flp 4:12
1 Kor. 4:112Ko 11:27
1 Kor. 4:11IzE 14:19; 23:2; 2Ko 11:24
1 Kor. 4:12IzE 18:3; 20:34; 1Th 2:9
1 Kor. 4:12Rom 12:14; 1Pe 3:9
1 Kor. 4:12Mat 5:44
1 Kor. 4:131Pe 2:23
1 Kor. 4:15Gal 4:19; 1Th 2:11
1 Kor. 4:161Ko 11:1; Flp 3:17; 1Th 1:6
1 Kor. 4:172Ti 1:13
1 Kor. 4:212Ko 13:10
  • IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • 1
  • 2
  • 3
  • 4
  • 5
  • 6
  • 7
  • 8
  • 9
  • 10
  • 11
  • 12
  • 13
  • 14
  • 15
  • 16
  • 17
  • 18
  • 19
  • 20
  • 21
IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
1 Korinte 4:1-21

Eyokuqala KwabaseKorinte

4 Umuntu kufanele asibheke njengezikhonzi zikaKristu nabaphathi bezimfihlo ezingcwele zikaNkulunkulu. + 2 Ngenxa yalokho, okulindelekile kubaphathi ukuthi batholakale bethembekile. 3 Kuyinto engabalulekile kangako kimi ukuthi ngihlolwe yinina noma yinkantolo yabantu.* Empeleni, kwamina angizihloli. 4 Ngokwazi kwami akukho okubi engikwenzile. Kodwa lokho akufakazeli ukuthi ngilungile; ongihlolayo uJehova. *+ 5 Ngakho, ningahluleli + lutho ngaphambi kwesikhathi esifanele, kuze kufike iNkosi. Iyoletha izinto ezifihlekile zobumnyama ekukhanyeni futhi yenze izinhloso zenhliziyo zaziwe, khona-ke yilowo nalowo uyothola udumo lwakhe luvela kuNkulunkulu. +

6 Manje bazalwane, ngikhulume lezi zinto ngisebenzisa igama lami nelika-Apholo + ukuze kuzuze nina, ukuze nifunde lo mthetho ngokuqondene nathi: “Ungeqeli ngale kwezinto ezilotshiwe,” ukuze ningakhukhumali niqhoshe, + nibheka omunye njengongcono kunomunye. 7 Ngoba ubani okwenza uhluke komunye? Yini onayo ongazange uyamukele? + Uma ngempela uyamukele, kungani uziqhayisa njengokungathi awuzange uyamukele?

8 Nina senanelisekile kakade? Senicebile kakade? Seniqalile yini ukubusa njengamakhosi + ngaphandle kwethu? Ngempela ngifisa sengathi ngabe seniqalile ukubusa njengamakhosi, ukuze nathi sibuse njengamakhosi kanye nani. + 9 Ngoba kimi kubonakala sengathi uNkulunkulu ubeke thina baphostoli ekugcineni embukisweni njengabantu abanikwe isahlulelo sokufa, + ngenxa yokuthi siye saba umbukwane wasenkundleni yemidlalo ezweni, + nasezingelosini, nakubantu. 10 Thina siyiziwula + ngenxa kaKristu, kodwa nina ninokuqonda kuKristu; thina sibuthakathaka, kodwa nina ninamandla; nina niyahlonishwa, kodwa thina sisehlazweni. 11 Kuze kube yilo kanye leli hora siyaqhubeka silamba + futhi soma, + siswela okokugqoka,* sishaywa, *+ singenamakhaya 12 futhi sikhandleka, sisebenza ngezandla zethu. + Lapho sithukwa, siyabusisa; + lapho sishushiswa, sikhuthazela ngesineke; + 13 lapho sinyundelwa, siphendula ngomoya ozolile; *+ sesinjengezibi* zezwe, imfucumfucu yazo zonke izinto, kuze kube manje.

14 Lezi zinto angizibhaleli ukuba nginibangele amahloni, kodwa ukuba nginiyale njengabantwana bami abathandekayo. 15 Ngoba nakuba ningase nibe nabanakekeli* abangu-10 000 kuKristu, ngokuqinisekile aninabo obaba abaningi; ngoba kuKristu Jesu sengiwuyihlo ngezindaba ezinhle. + 16 Ngakho ngiyanincenga, yibani abalingisi bami. + 17 Yingakho ngithumela uThimothewu kini, ngoba ungumntanami othandekayo nothembekile eNkosini. Uzonikhumbuza izindlela zami ngokuphathelene noKristu Jesu, + njengoba nje ngifundisa kuyo yonke indawo kuwo wonke amabandla.

18 Abanye bakhukhumele bayaqhosha, njengokungathi angizi kini. 19 Kodwa ngizoza kini ngokushesha, uma uJehova* ethanda, futhi ngizowazi amandla alabo abakhukhumele abaqhoshayo, hhayi inkulumo yabo. 20 Ngoba uMbuso kaNkulunkulu awuboniswa ngenkulumo, kodwa uboniswa ngamandla kaNkulunkulu. 21 Yini eniyincamelayo? Ingabe kufanele ngize kini nenduku, + noma nothando nobumnene bomoya?

Zulu Publications (1975-2025)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela