IzAga
21 Inhliziyo yenkosi injengemifudlana yamanzi esandleni sikaJehova. +
Uyiqondisa noma kuphi lapho ethanda khona. +
3 Ukwenza okulungile nokunobulungisa
Kumjabulisa kakhulu uJehova kunomhlatshelo. +
4 Amehlo azidlayo abantu ababi nenhliziyo yabo ezikhukhumezayo
Kuyisibani esikhanyisa indlela yabo futhi lezi zinto ziyisono. +
5 Ngokuqinisekile amacebo okhuthele amenza aphumelele, *+
Kodwa bonke abanamawala ngokuqinisekile bazifaka ekuhluphekeni. +
7 Ubudlova babantu ababi buyobaqothula +
Ngoba bayenqaba ukwenza ngobulungisa.
8 Indlela yomuntu onecala igwegwile,
Kodwa imisebenzi yomuntu omsulwa iqotho. +
11 Lapho umhleki wosulu ejeziswa, ongenalwazi uyahlakanipha,
Nalapho umuntu ohlakaniphile ethola ukuqondisisa, uthola ulwazi. *+
13 Noma ubani ovala indlebe yakhe ukuze angakuzwa ukukhala komuntu ophansi
Naye uyobiza angaphendulwa. +
14 Isipho esenziwa ekusithekeni sinciphisa intukuthelo, +
Nesifumbathiso esikhishwa ekusithekeni* sidambisa ulaka oluvuthayo.
15 Kuyinjabulo kolungile ukwenza ubulungisa, +
Kodwa kuyinto embi kulabo abenza okubi.
16 Umuntu ophambukayo endleleni yokuqonda
Uyophumula nabangenamandla ekufeni. +
18 Omubi uyisihlengo solungile,
Nowenza ngokukhohlisa kuyothathwa yena esikhundleni soqotho. +
20 Ingcebo eyigugu namafutha kutholakala endlini yomuntu ohlakaniphile, +
21 Noma ubani ophishekela ukulunga nothando oluqotho
Uyothola ukuphila, ukulunga nodumo. +
23 Oqapha umlomo wakhe nolimi lwakhe
Akangeni ezinkingeni. +
24 Umuntu owenza ngokungacabangi, ophamazelayo kuthiwa
Uyagabadela, + uyazikhukhumeza futhi uyazazisa.
25 Lokho ivila elikufisayo kuyolibulala,
Ngoba izandla zalo azifuni ukusebenza. +
26 Usuku lonke ngobugovu lihahela izinto ezengeziwe,
Kodwa olungile uyapha, akagodli lutho. +
27 Umhlatshelo womubi uyanengeka. +
Kakhulu kangakanani-ke uma ewunikela ngezinhloso ezimbi.*
30 Akukho ukuhlakanipha, ukuqonda noma iseluleko esingamelana noJehova. +